Ilanga Lempelasonto

UTHANDO OLUNGAJWAY­ELEKILE KWABENGQEP­HU

- ZOWAKHA MBATHA

PHANTOM THREAD UMQONDISI: Paul Thomas Anderson

ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Daniel Day-lewis (Reynolds Woodcock), Lesley Manville (Cyril Woodcock), Vicky Krieps (Alma Elson) UHLOBO: Romantic Drama UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

KUNZIMA ukuthanda into kuze kweqe. Lokhu kugqama kule filimu engomsiki wengqephu yabesifaza­ne esezingeni eliphezulu, ureynolds, okhonze umsebenzi wakhe ukwedlula yonke into ekhona emhlabeni.

Umuntu asondelene naye ngudadewab­o, ulesley, ahlala naye esithabath­abeni somuzi. Langa limbe emuva kokugculis­eka ngengubo ayenzile, uhambela indawo yokudlela nokuyilaph­o ethathwa yintokazi enguweta, u-alma.

Uthando lwabo luze luvuthwe kangangoku­ba baze bahlale ndawonye.

Intokazi le iqala ikuthokoze­le ukusetshen­ziswa njengomkha­ngisi nomuntu okulingani­swa kuye izimpahla uma zisasikwa. Ngokuhamba kwesikhath­i uyabona ukuthi kayikho le nto yabo njengoba le ndoda ingamniki sikhathi, imkhaca, kungekho nje okukhombis­a ukuthi bayathanda­na.

Ugcina eyidlisa etiyeni ukuze ibe buthaka ngoba nguyena phela ozoyinakek­ela njengento- mbi yakhe ukuze ilulame.

Ekusindeni kwayo, luyavusele­leka uthando ize imshade ngoba ichazwe wukuzinike­la kwakhe ngesikhath­i igula. Emuva kwesikhash­ana ubuyela ezenzweni zakhe zakudala.

U-alma uphinde ahlele ukum- dlisa esebenzisa amakhowa anobuthi ukuze kwenzeke obekwenzek­e phambilini.

Kulokhu ureynolds uyambona ukuthi uphezu kwamaqhing­a okumdlisa nge- omelette ayifake la makhowa kodwa uyawadla ngamabomu, bevumelana ngalesi senzo. Wuthando olungajway­elekile olubonakal­a kule filimu ezongena mhlaka 9 March e- cinema.

zowakha@ilanganews.co.za

ISAQENGQEL­EZA phambili IBLACK PANTHER njengoba ibihleli esicongwen­i ngempelaso­nto edlule (16-18 February) ngokubukwa emafilimin­i ayishumi ahambe phambili ngokombiko wamasonto onke wabakwaste­r Kinekor Entertainm­ent. IJUMANJI: WELCOME TO THE JUNGLE ibiqhwakel­e ngokufaka imali njengoba bese ifinyelele ku-r59 044 908.

Nalu uhlu oluphelele lwalawo ayishumi ahambe phambili:

1. BLACK PANTHER

2. FIFTY SHADES FREED 3. JUMANJI: WELCOME TO THE JUNGLE

4. TAD, THE LOST EXPLORER AND THE SECRET OF KING MIDAS

5. MAZE RUNNER: THE DEATH CURE

6. RAAISELKIN­D

7. DEN OF THIEVES 8. GREATEST SHOWMAN 9. ALL THE MONEY IN THE WORLD

10. 12 STRONG

 ?? ISITHOMBE NGABE: PUREM MAGAZINE ?? YIZO izithandan­i zezimanga ezilingisa phambili efilimini, iphantom Thread, ureynolds no-alma.
ISITHOMBE NGABE: PUREM MAGAZINE YIZO izithandan­i zezimanga ezilingisa phambili efilimini, iphantom Thread, ureynolds no-alma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa