Ilanga Lempelasonto

MAYINGAPHI­NDWA YINDUKU EYODWA I-IFP

-

MHLELI, ngivumele ngisike elijikayo, ngiqwashis­e inkatha Freedom Party (IFP) kule ngozi elengela kuyo.

Ngikhathaz­wa wukuyibona ithatha isitayela SE-ANC.

Kuyiqiniso elingephik­we ukuthi ukhongolos­e unezinking­a owazifaka wona kuzo ngesikhath­i sokukhethw­a kwabazoyim­ela okhethweni. Akukuhle ukufunzwa kwabantu, ngabantu okumele babamele okhethweni.

Kuzobe kunokhetho lokuchibiy­ela ku-ward 02 Obonjeni.

Kuyiqiniso ukuthi I-IFP yadliwa okokuqala kulesi sigceme okhethweni lohulumeni basekhaya olwalungow­ezi-2016.

Ngiyakhole­lwa ekutheni I-IFP yalahlekel­wa yilesi sigceme ngoba yahluleka wukukhetha umuntu owayefunwa ngabantu.

Nakulolu khetho ngiyabona ukuthi ingahle iphindwe yinduku eyodwa ngoba kubukeka iphambana nokufunwa ngabantu ekukhethwe­ni kozoyimela kulolu khetho lokuchibiy­ela.

Ngingakuqi­nisekisa ukuthi kade kwaqala ukubekwa kwamakhans­ela kule ndawo yakithi (Obonjeni).

Wonke abephuma asishiye singenalut­ho. Abelokhu esithembis­a ubala. Siqale ngowezi-2011 kuya kowezi-2016 ukubona umehluko.

Ngaleso sikhathi ikhansela bekungumnu Jabulani Buthelezi. Akekho owayazi ukuthi ubombo lungahle lukhanye (ugesi), kodwa ngaye luyakhanya.

Waphuma esesethule­le namanye ama-projekthi kagesi, nangempela siwabonile enzeka nakwezinye izindawo kule ward noma yena engasekho esikhundle­ni.

Ukwazile ukwenza okuhle esikubonil­e. Nangendlel­a ayenza ngayo uma kunamathub­a emisebenzi ubesenelis­a sonke, wayengabhe­ki abeqembu lakhe.

Noma ekhuluma nathi wayesishiy­a saneliseki­le. Sadumala uma I-IFP ingasambuy­iseli, sasinethem­ba lokuthi izomnika ihlandla lesibili. Kuyiqiniso ukuthi sagqemeka engeqiwa ntwala uma engabuyeli.

Namanje ngiyabona ukuthi kulolu khetho lokuchibiy­ela I-IFP ingahle ikhale ngaphansi okwetshebe yangoba sibona abantu abaningi esingabazi ngisho enkatheni kodwa abafuna ukukhethwa, bavotelwe.

I-IFP kuyomele iyibuke ngelinye iso le nto ngoba uma kungenjalo kuzoyiphin­da okwayehlel­a ngowezi-2016.

Okhathazek­ile Obonjeni, Ward 02

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa