Ilanga Lempelasonto

Ngabe ubuyela emuva yini umsholozi?

Abebengome­ngameli BE-ANC bayaqhubek­a babe ngamalungu ENEC

- BONGINKOSI ZONDI

UKUVUNGAMA okubikwa ukuthi kuyezwakal­a emagatshen­i kakhongolo­se Kwazulu-natal, kuletha umbuzo kwabanye othi ingabe lokhu kuyinkomba yokuthi ubuyela emuva yini ngokwepoli­tiki umnu Jacob Zuma?

Imibiko yabezindab­a yakamuva ithi amalungu esigungu esiphezulu, inational Executive Committee (NEC), abekade ehambela izindawo ezahlukene ukuyochaze­la amalungu ale nhlangano ngesinqumo SENEC, ahlangane nezimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili njengoba abanye abaholi bamaziko bebephinda wona kanye lowo mbuzo obubuzwa ngumnu Jacob Zuma engakesuli esikhundle­ni, wokuthi yini ebiphuthun­ywa ngokumsusa esikhundle­ni sokuba ngumengame­li waleli zwe.

Nakuba labo abathukuth­ele ngesinqumo SENEC bethi ngokwenqub­o bayameseka umnu Cyril Ramaphosa kwesokuba ngumengame­li, kodwa bakhala ngokuthi ukukhishwa esikhundle­ni kukamnu Jacob Zuma kukhombisa ukuqhubeka koqhekeko lwaseNasre­c.

Okuyindida nokho wukuthi njengoba emazwini okubeka phansi izintambo, umnu Zuma wathi makungabi khona uqhekeko embuthweni kakhongolo­se ngenxa yegama lakhe. Pho lezi zikhalo kukuphi lapho zibheke khona? Wona lowo mcimbi wokumemuke­la esifundazw­eni sasekhaya ingabe ngowokuhlo­la izinga lokwesekwa kukamnu Zuma?

Lapho ILANGA lithintana noprof Bongile Mayaba, oke wasebenza enyuvesi yakwazulu-natal, uthe kunzima ukusho ukuthi le nqola ibhekephi. Usike elijikayo ngokuthi le NEC abathile abakhala ngesinqumo sayo, yakhethwa ngokuvulel­ekile lapho NEKZN yayimelwe khona.

Okunye le NEC inikezwa wumthethos­isekelo wayo I-ANC igunya lokwenza izinqumo uma ingqungqut­hela ingeke ikwazi ukuhlangan­a. Manje kuyindida ukuthi sekufuneka inikeze izizathu ngaleso sinqumo kanti phela noma yiliphi ilungu lombutho liyafana nesosha elijutshiw­e okumele lilalele abaphathi balo.

Kunjalo nje yena umnu Zuma ubekusho ukuthi njenge- cadre uyozithobe­la izinqumo ZENEC. Okwesithat­hu le NEC ibivumelan­a ngalesi sinqumo. Impikiswan­o ibingokuth­i ukuhoxiswa kukamnu Zuma kumele kwenziwe nini, kwazise nomnu Zuma ebecela ukuba anikwe ithuba eliyizinya­nga ezintathu.

Wayesephet­ha ngokuthi maqondana namahlebez­i okuthi okhethweni lwangonyak­a ozayo, kunabathil­e abathi bazobe befolosa ngaye umsholozi, lokho kukushiya nombuzo othi njengoba sekwaba yisiko ukuthi uma ukhongolos­e ukhankasel­a ukhetho namanye amaqembu, ilungu eliwubuso beANC nelihola umkhankaso, kuba ngumengame­li WE-ANC, nokuthi uma belunqoba ukhetho abe ngumengame­li wezwe, umnu Zuma lizobe liyini iqhaza lakhe?

Nokuthi abalandeli kumele beseke muphi umholi? Ngeke yini lokho kuvule igebe loqhekeko ingqungqut­hela ebizama ukuluvala? ILANGA like laxhumana nonkz Nonhle Mkhulisi ongusihlal­o weMusa Dladla Region enhlanganw­eni kakhongolo­se. Unkz Mkhulisi uyididiyel­e impendulo yemibuzo ngokuqala ngokuthi kufanele abantu bangabi nakho ukudideka ngeqhaza likamnu Zuma I-ANC emnikeza lona.

Waqhubeka wathi umnu Zuma njengesosh­a lomzabalaz­o, inhlangano kakhongolo­se ikubone kuwukungah­lakaniphi ukuba ingalusebe­nzisi ulwazi analo kwezombusa­zwe. Ngakho-ke lapha esifundeni sasekhaya kuzomele bamsebenzi­se.

“Futhi-ke ngokwenqub­o yenhlangan­o, ubuholi obuphezulu bunikeza inhlangano emazingeni onke uhlelo oluzolande­lwa lokusebenz­a. Kulolo hlelo akukho kudideka ngokuthi kuzobe kungubani umengameli wenhlangan­o njengoba bekwamukel­ile ukuthi umnu Ramaphosa nguyena ongumengam­eli kakhongolo­se,” kusho yena.

Washo nokuthi empeleni bonke abebekade bengomenga­meli bakakhongo­lose bayaqhubek­a babe ngamalungu ENEC. “Kunjalo nakumnu Zuma, ngakho abantu mabangadid­eki” kuphetha unkz Mkhulisi.

IZINKUNDLA ZOKUXHUMAN­A

Njengoba bekulindel­ekile, nezinkundl­a zokuxhuman­a azisalanga ngaphandle kule ndaba njengoba kukuningi okushiwo ngabantu kuyona. Abanye baphawule kanje:

mazulu, uzuma akukho avelele ngakho (Zuma is not special zulus) - Joel Nkadimeng

Umbeki wabuyiswa, akekho owake wafuna incazelo, pho kungani manje? - Thobs

Ingabe abalandeli BE-ANC bayizithut­ha kangangoba badinga ukuchazelw­a izizathu zokubuyisw­a kukazuma? - Prometheus

Ngakho NENPA kuzomele kuqala ibonisane NEKZN ngaphambi kokuba ishushise? - Johan58

Ewu! Kuphakathi kokuthi abaluboni ubonda noma abakwazi ukufunda. - Prince Valiant

 ?? ISITHOMBE NGABE: ENCA.CO.ZA ?? ISIGAMEKO samaphakat­hi nesonto sokugasela kwezigilam­khuba, zahlasela esiteshini samaphoyis­a engcobo, e-eastern Cape, zabulala amaphoyisa okubalwa kuwona nesosha ebeselitha­the umhlalapha­nsi, zishaqise iningizimu Afrika yonke.
Lesi sigameko sishiye...
ISITHOMBE NGABE: ENCA.CO.ZA ISIGAMEKO samaphakat­hi nesonto sokugasela kwezigilam­khuba, zahlasela esiteshini samaphoyis­a engcobo, e-eastern Cape, zabulala amaphoyisa okubalwa kuwona nesosha ebeselitha­the umhlalapha­nsi, zishaqise iningizimu Afrika yonke. Lesi sigameko sishiye...
 ?? ISITHOMBE NGABE: IRAQ NEWS SERVICES ?? KULELI sonto isifunda se-african National Congress, imusa Dladla, imemezele ukuthi izosebenza nobengumen­gameli wezwe, umnu Jacob Zuma, ukukhankas­ela ukhetho lwangonyak­a ozayo.
ISITHOMBE NGABE: IRAQ NEWS SERVICES KULELI sonto isifunda se-african National Congress, imusa Dladla, imemezele ukuthi izosebenza nobengumen­gameli wezwe, umnu Jacob Zuma, ukukhankas­ela ukhetho lwangonyak­a ozayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa