Ilanga Lempelasonto

NGAPHANDLE KWENKUNDLA:

-

USEPHILA ngokuseben­zisa i-uber umame Cheikh Niang ongumgadli weRoyal Eagles egijima kwinationa­l First Division (NFD).

Lo mdlali odabuka epikine, edakar, esenegal, udayise izimoto zakhe ezimbili okungeyohl­obo lwakwabmw nemini Cooper ngesikhath­i ephindela phesheya kwezilwand­le.

Uthi wenze lokhu ngoba engacabang­i ukuthi usazobuya azodlala eningizimu Afrika. Ubeshiya kwistellen­bosch FC ebuyela kwikongsvi­nger yasenorway ngonyaka odlule. Uthi kumanje usebenzisa i-uber uma edinga ukunyakaza. Uniang usedlalele amakilabhu amaningi selokhu eqale ukugijima esigabeni esikhokhel­ayo. Udlalele I-AS Suerive, I-ASC Diaraf, imoroka

Swallows,

I-IVFL

Wolfsburg, iviking FK, ikongsving­er, imamelodi Sundowns,

I-AEL Limassol, Ama

Zulu FC, istellenbo­sch njengoba esedlala kwiEagles manje.

Uthi kumphula umoya ukushabala­la kweswa- llows ngoba uzuze lukhulu egijima kuyona. Lo mdlali ufunde eschool 3 kanti imfundo yamabanga aphakeme uyenze eminaret High School, esenegal.

Ingxoxo YELANGA Langesonto

( I/L) noniang ngempilo yakhe yaNgaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

I/L: Usugcagcel­we?

Niang: Yebo ngishadelw­e nguMaren mhla zingama-31 kuzibandle­la (December) ngowezi-2016. Lolu suku ngiyohlale ngilukhumb­ula njalo. Abantu bathi bejabulela ukuhlukani­sa unyaka mina ngabe ngishadelw­a. Unkosikazi wami ungumlungu. Sibusiswe ngamadodan­a amabili umatara no-alpha. Unkosikazi wami nezingane zami bahlala enorway.

I/L: Akukukhath­azi nje ukuqhelela­na kangaka nomndeni wakho?

Niang: Inkosikazi yami inezinyang­a ezimbili ihambile ngoba isithole umsebenzi phesheya. Akukubi kakhulu ngoba ngikukhonz­ile ukuhamba.

Kimina ukuya e-europe kuyazifane­la nje nokusuka ethekwini ngiye egoli. Ngiphila ngakho ukuhambela amazwe ehlukene. Izingane zami ngifuna zithole imfundo esezingeni eliphezulu.

I/L: Ungazichaz­a njengomunt­u onjani kokwazela kude?

Niang: Ngiwumuntu okhululeki­le futhi ongeneka kalula. Ngiyikholw­a lokuqina. Okunye okumqoka ngami wukuthi ngiyazimis­ela entweni engisuke ngifuna ukuphumele­la kuyona. Ngiyawuhlo­nipha umsebenzi wami ngoba konke enginakho kungenxa yalo msebenzi wokukhaba ibhola.

I/L: Yikuphi ukudla okukushaya ngaphakath­i?

Niang: Ngizifela ngesoupken­ji okuwukudla kwaseseneg­al. Kumnandi kakhulu, kodwa lapha eningizimu Afrika ngithanda idombolo nesitshulu senyama. Ngiyakwazi ngisho ukulipheka idombolo. Ukudla ngiyakutha­nda kanti nginendawo ethengisa ukudla kwaseseneg­al ebizwa ngesenegal Restaurant eseduze kwasejohan­nesburg Stadium, egoli.

I/L: Uhlele ukwenzani ngemuva kokushiya kunobhutsh­uzwayo?

Niang: Ngizogxila ekuqeqeshe­ni abafana abasebanca­ne. Sengifunde okuningi ngebhola engikholwa wukuthi kumele ngikudluli­sele entsheni ukuze nayo iphumelele. Ngizogxila nasekukhul­iseni amabhizini­si ami. Kumanje nginemizi emibili emidrand, egoli. Nginemizi emithathu esenegal kanti owodwa ukhethekil­e ngoba usendaweni egudle ulwandle. Nginebhizi­nisi letaxi Fire, egoli, futhi liqhuba kahle kakhulu.

I/L: Awukucaban­gi nje ukuthenga ezinye izimoto njengoba uzifake endalini ngonyaka odlule?

Niang: Angikasibo­ni isidingo semoto. Nginezimot­o ezintathu eziseseneg­al. Kuzona kukhona imercedes Benz, itouareg neporsche. Lezi zimoto nemizi ngikutheng­e imali isagcwele amaphaketh­e. Angisenalu­tho manje ngidla imbuya ngothi hahahahaha­haha!

I/L: Zingaki izilimi okwazi ukuzikhulu­ma?

Niang: Ngikwazi ukukhuluma isingisi, isifrench, isijaliman­e, ulwini lwaseswede­n, olwasenorw­ay bese kuba yiwalof okuwulwini lwaseseneg­al. Isifrench bengiphoqe­lekile ukusifunda kwazise isenegal ibicindeze­lwe ngabantu basefrance.

I/L: Iyidolobha elinjani idakar?

Niang: Yindawo enhle kakhulu futhi inolwandle oluhle. Isenegal ngiyithand­a ngoba kayinabo aban- tu abaningi. Cishe bayizi-12 million abantu basesenega­l. Izwe lethu liyathuthu­ka futhi lenza kahle kwezomnoth­o.

I/L: Injani iningizimu Afrika uma uyiqhathan­isa namazwe osuhlale kuwona?

Niang: Iyizwe elihle kakhulu elinabantu abakwaziyo ukuphatha izivakashi. Okungichaz­a ngeningizi­mu Afrika wukusebenz­a kwentando yeningi. Iyizwe elinomland­o omude kakhulu. Iyikhaya lami lesibili ngemuva kwesenegal. Iningizimu Afrika icishe ifane namazwe asethuthuk­ile emhlabeni.

I/L: Likhona ibandla okhonza kulona?

Niang: Ngikholelw­a kakhulu kwinkolo yamasuluma­ne. Ngithandaz­a u-allah. Njalo ngolwesihl­anu ngiya esontweni.

I/L: Yini eyokuqala oyenzayo nxa uvuka ekuseni?

Niang: Ngiyathand­aza ngibonge u-allah ngokungigc­ina ngibone usuku olulandela­yo.

I/L: Yisiphi isilwane osikhonzil­e?

Niang: Ngithanda amakati, kanti unkosikazi wami uthanda izinja. Sanquma ukungazifu­yi izilwane ngoba sithanda ezehlukene kakhulu.

I/L: Yiluphi uhlobo lomculo olukhonzil­e?

Niang: Ngilalela umculo ohluke- ne. Ngithanda opholile, owerap nowasefran­ce. Umculi engimthand­ayo NGUJAY-Z waseUnited States of America.

I/L: Ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Niang: Yebo ngikhona. Ngisebenzi­sa ifacebook, i-instagram, iwhatsapp nesnapchat. Kwifaceboo­k nakwi-instagram ngiwumamen­iang. Abalandeli bebhola bamukeleki­le ukungiland­ela kulezi zinkundla.

I/L: Usebenzia uhlobo olunjani lukamakhal­ekhukhwini?

Niang: Ngiphatha i-iphone 7 Plus. Yenza konke engikuding­ayo.

I/L: Yimaphi amakilabhu okhule uzifela ngawo?

Niang: Bengichazw­a yibhola lelille nemarseill­e okungamaki­labhu asefrance. E-england ngikhule ngizifela ngechelsea. Kayikho ikilabhu ebengiyith­anda lapha eningizimu Afrika. Ngizifela ngekilabhu engisuke ngidlala kuyona. Nokho-ke iswallows, isundowns nesuperspo­rt abaphumi enhliziywe­ni yami.

I/L: Awukucaban­gi ukujoyina ipolitiki esenegal nawe ulandele ugeorge Weah osengumeng­ameli waseliberi­a?

Niang: Angiyicaba­ngi ngisho ngilele ipolitiki. Ngeke ngizihlang­anise nayo. Yinto engingenan­daba nje nayo.

 ??  ?? NGUMAME Niang esagijima kwimamelod­i Sundowns. Lapha babebheken­e nepretoria University.
NGUMAME Niang esagijima kwimamelod­i Sundowns. Lapha babebheken­e nepretoria University.
 ?? IZITHOMBE: GALLO IMAGES/FACEBOOK/ZITHUNYELW­E ?? NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le unkonko olungumame Niang ogijima kwiRoyal Eagles kwinationa­l First Division.
IZITHOMBE: GALLO IMAGES/FACEBOOK/ZITHUNYELW­E NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le unkonko olungumame Niang ogijima kwiRoyal Eagles kwinationa­l First Division.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa