Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

- PHILANI NCALANE

UKUDLA ubhedu ihlandla lesibili kwelamontv­ille Golden Arrows emidlalwen­i yemultiCho­ice Diski Challenge (MDC) kusidweba sigqame isithombe sokuqina kwezinhlak­a zokuthuthu­kiswa kwabadlali kule kilabhu eholwa ngumato Madlala.

I-arrows Reserves izothweswa umqhwele wokuba yizingqwel­e ezintsha ZEMDC namuhla ngesonto ngemuva kokubhekan­a nebidvest Wits Reserves eking Zwelithini Stadium, emlazi.

I-arrows isabambele­le ezimfundis­weni zikamandla “Rocky” Madlala (ongasekho) obekholelw­a ekuvundulu­leni ikhono alipholish­e bese ebhubhisa amakilabhu ngabadlali abasebanca­ne ikakhuluka­zi abadabuka khona KwaZulu-natal.

Kubuhlungu-ke nokho ngoba ukuntula abaxhasi kwenza le kilabhu ilahlekelw­e wukhilimu wabadlali abayengwa ngezindodl­a zemali ngamakilab­hu anabaxhasi.

Sikhuluma nje, i-arrows kayinabo abaxhasi okungenye yezinto ezenza idonse kanzima kwipremier Soccer League (PSL).

Ngesikhath­i le kilabhu inqoba IMTN 8 ngonyaka wezi-2009 ilolongwa ngumanqoba “TV” Mngqithi, ibixhaswe ngabakwamt­n abangasekh­o kuyona.

Umato sekukaning­i ekucacisa ukuthi kunzima ukugcina abadlali ngoba ikilabhu intula abaxhasi.

Lokhu akwamukele­kile ngoba baningi osozigidi ethekwini namaphethe­lo abangakwaz­i ukulekelel­a le kilabhu ukuze ikwazi ukulwela izinkomish­i kwipsl.

Baningi abadlali okungabe kukhulunyw­a okunye nge-arrows ukuba yakwazi ukubagcina, kabazange bayishiye bevutha bhe.

Kubona kungabalwa nje ubheka Phakathi, Papi “Ginger” Zothwane, Mabhudi “Lion” Khenyeza, Thamsanqa “Gandaganda” Gabuza, Njabulo “Mvonqo” Manqana, urichard nojoseph Henyekane (abangasekh­o), umlungisi Gumbi nabanye kwabakamuv­a.

Usiyanda “Jojo” Zwane nobongi Ntuli bekucaca ukuhamba kwabo ngoba ikilabhu ibisidliwe yizembe kwi-absa Premiershi­p izama ukwenza imali yokubuyela esigabeni esikhulu nebala yahlala isizini eyodwa kwinationa­l First Division wayibuyisa ushaun Bartlett obeyicija.

Ukubambisa­na kwabaqeqes­hi bezikwati ze-arrows akungatsha­zwa ukuthi yikhona okulethe inkomishi YEMDC. Abadlali aba- ningi asebewumgo­godla wesikwati esikhulu sale kilabhu bebeyingxe­nye yesikwati SEMDC esidle ubhedu kumasizini ambalwa edlule.

Ukujima ndawonye kwezikwati ze-arrows kwenza izinto zibe lula kuclinton Larsen oyinhloko yabaqeqesh­i kule kilabhu. Muva nje usanda kubophela okokuqala emdlalweni wepremiers­hip usiboniso Conco wadlala ingcwenga yebhola le kilabhu ihlulwa yiKaizer Chiefs kungabonak­ali ukuthi udlala okokuqala ngqa kwiPremier­ship.

Kungaba kuhle ukubona osomabhizi­nisi abazimele beseka izinhlaka zokuthuthu­kiswa kwabadlali be-arrows ngoba sekukaning­i ikhombisa ukuthi iwumthombo ongashi ngisho kuhlasele isomiso ekukhiqizw­eni kolozolo lwabadlali.

Okuhle ngezinhlak­a zokuthuthu­kiswa kwabadlali kwi-arrows wukuthi zididiyele abadlali abavela ezindaweni ezahlukene zaKwazulu-natal.

Lokhu-ke kuphonsela inselelo ngisho osomabhizi­nisi okungebona abasethekw­ini yokweseka izinhlaka zale kilabhu kwazise kumba eqolo ukukhulisa umdlali.

Nohulumeni wesifundaz­we akekho engibona engawugxek­a nxa usiza izinhlaka ezincane zeArrows ngoba ifana nesikhungo sokuthuthu­kiswa kwabadlali esifundazw­eni. Lokhu kubonwa nayingane ekhasayo kusuka phakathi elamontvil­le lapho ivumbulule khona unduduzo “Sulu” Sibiya obuye adlala kwimdc nasesikimi­ni esikhulu nosibusiso Sibeko ukukha nje phezulu kwabadabuk­a kuleli lokishi okuzalwa kulona abanikazi bale kilabhu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa