Ilanga Lempelasonto

I-PIRATES IBALISA NGOKULIMAL­A KWABADLALI

- SENZO SOKHELA

UMILUTIN “Micho” Sredojevic ongumqeqes­hi we-orlando Pirates ubalisa ngosizi oluhlasele le kilabhu akhala ngokuthi lungase luphazamis­e umgqigqo omuhle ehamba ngawo kulezi zinsuku.

Ibucs izobhekana nechippa United kowe-absa Premiershi­p namuhla ngesonto ngo-15h30 enelson Mandela Bay Stadium, ebhayi.

Ibucs iya kulo mdlalo nje, isimo sinzima ekhempini yayo njengoba kulimele abadlali ebithembe ukubhubhis­a ngabo izimbangi.

Uthabiso Kutumela no-augustine Mulenga osanda kusayinisw­a ngeke babe khona kulo mdlalo njengoba belimale ejimini ngeledlule.

Usredojevi­c ubalisa ngosizi lokulahlek­elwa yilaba badlali abebheke lukhulu kubona njengoba seyishubil­e imidlalo yeligi kwazise amakilabhu alwela ukunqoba isicoco kanti amanye azama ukubalekel­a izembe.

“Ukutumela ubesengeni­le egiyeni, ubesenza izinto zenzeke ekilabhini. Sishayekil­e ngokulimal­a kwakhe ngoba uwuhlupho ezitobheni kaziphumul­i. Nothabo Qalinge kube ngesifanay­o elimala esesefomin­i. Umulenga besibheke ukuba aqale (umdlalo) ukuze abalandeli babone ukuthi uza nani naye wavele walimala.

“Nokho kangifuni kube sengathi ngifuna into yokuvika, umdlalo wechippa sizokuya kuwona siwuhlomel­e.

"Ngeke ube lula kodwa nginethemb­a lokuthi sizowunqob­a,” kusho usredojevi­c.

Utebogo “Tebza” Moloi ocija ichippa, uthi ngeke nangengozi akufake ekhanda ukuthi uyazi njengoba ezazi ibucs kwazise usebenze isikhathi eside kuyona engumdlali wabuye waba sethimbeni labaqeqesh­i bayo, eyisekela.

“Lo mdlalo ngiwuthath­a njengeminy­e, akukho nakancane ukuthi ngikhulele kuyona ipirates. Phela ngikwichip­pa manje ngisebenza kuyo.

"Okungijabu­lisayo ngalo mdlalo wukuthi sisekhaya. Silindele abalandeli ukuba baphume ngezinkani ukuzosesek­a.

"Esingeke sikuvumele wukuthi ipirates iphume namaphuzu ngisho elilodwa leli,” kusho umoloi.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? NGUMQEQESH­I we-orlando Pirates umilutin Sredojevic okhala ngokulinya­lelwa ngabadlali abamqoka.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES NGUMQEQESH­I we-orlando Pirates umilutin Sredojevic okhala ngokulinya­lelwa ngabadlali abamqoka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa