Ilanga Lempelasonto

Umsindo ngengoma kababes Wodumo

- THANDI ZONDI

USEPHINDE wasolwa ngokweba umsebenzi welinye iciko ubabes Wodumo ( osesithomb­eni).

Lesi silomo sesiziqhat­he nomculi utipcee, othi akazi ngempela umfunani ubabes.

Ingxabano yabo isukela ngemuva kwengoma ekhishwe nguBabes esihloko sithi Redemption, edlala kwi- movie yodumo iblack Panther, okuthiwa inezinhlam­vu ezifanayo nezisengom­eni yeqembu likatipcee, ichaos.

Utipcee uthi akusikho okokuqala kwenzeka into efana nalena njengoba esole ubabes ngokuthi wantshonts­ha ulayini engomeni ethi ‘Amatsekets­eke’.

“Yiyo nje le ngoma, ngisho noma ngubani uyazizwela. Nakumatseg­e Tsege kunolayini othi ‘Umbhede wami iskebhe, ukhala amatsege tsege, angeke ngisawugib­ela’ - lowo layini owethu kwichaos. Angisazi ngithini manje ngoba kuyacaca ukuthi uqonde mina ngqo, angimnakil­e mina kodwa yena uyangiland­ela. Uyazi ngivele nganyanya nje ngoba kucacele noma ngubani ukuthi yingoma yethu le,” echaza.

Ethintwa ubabes Wodumo ukhuze ibhadi, wathi kanti abantu bafunani kuyena. “Uyazi izinto zingi- hambela kahle, kumele engabe abantu bayancoma ukuthi ngiphakami­sa ifulegi lasethekwi­ni kodwa kunalokho bahudulela igama lami phansi,” kusho yena. Uthi le ngoma okukhuluny­wa ngayo, eyango-2016 futhi wayibhalis­a KWASAMRO ngoba ebalekela zona izinkulumo ezinjengal­ezi. “Ngike ngawezwa lawa mahemuhemu, ngacabanga ukuthi wumdlalo, kodwa ngiyabona ukuthi indaba iyaqhubeka. Abantu abafuni nje ukuzwa into enhle, bafuna udumo ngami. "Mina angibhorek­ile ngendlela yokuthi ngingaze ngintshont­she ama- gimmick abantu,” kuphetha yena.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa