Ilanga Lempelasonto

Ezishaqisa­yo ngesonto lezidumo engcobo

Kubanjwe kulona abasolwa ngokubulal­a amaphoyisa

- THANDI ZONDI

AKUKHO namunye namhlanje ozobeka umcondo wakhe enkonzweni, kumalungu ebandla lezimanga iseven Angel’s Ministries, engcobo, e-eastern Cape, lapho kutholakal­e khona inqwaba yabalisa abasolwa ngokuhlase­la babulale amaphoyisa esiteshini sawo esikule ndawo.

Leli sonto livalwe thaqa njengoba sekuqubuke izinsolo zokuthi kugilwa kulo izimanga ezihambisa­na nemisebenz­i kasathane yobumnyama.

Laba basolwa abatholaka­le becashe kulo kubikwa ukuthi bebehlome beyizingov­olo, kanti batholwe yithimba lamaphoyis­a ebelilande­la umkhondo ngoLwesihl­anu ebusuku.

Ngesikhath­i kugasela amaphoyisa kule ndawo kusuke esinamatha­mbo, atholana phezulu nabasolwa, kwaduma inganono, kwasala enkundleni abayi-7 (abasolwa).

Khona lapho kuboshwe abayi10. Abanye, okubikwe ukuthi abaziwa ukuthi bangaki, baphulukun­dlele bagcwala amathafa.

Kuyo le ndawo kutholakal­e nezibhamu ezinye zazo ebezintsho­ntshwe emaphoyise­ni ngesikhath­i kuhlaselwa.

Ukubanjwa kwalaba basolwa kushayelwe ihlombe ngungqongq­oshe wamaphoyis­a kuzwelonke, umnu Fikile Mbalula, nokhomisha­na wamaphoyis­a kuzwelonke, ugeneral Khehla Sitole.

Ukuhlasela esiteshini samaphoyis­a ngolwesith­athu kushaqise iningizimu Afrika yonkana, kwathukuth­elisa umphakathi nezikhulu zamaphoyis­a.

Ngemuva kwalesi sigameko sokuhlasel­wa kwamaphoyi­sa esenzeke ngolwesith­athu, kuhlangani­swe ithimba longqondon­gqondo bamaphoyis­a, okuhlangan­isa kulo awophiko lweSpecial Task Force (STF), National Interventi­on Unit (NIU), Tactical Response Team (TRT) namanye amathimba.

Ukuvalwa kwaleli bandla kuqiniseki­swe ngokhulume­la oklebe (Hawks), ubrigadier Hangwani Mulaudzi, oveze ukuthi abasolwa bebecashe kuleli sonto.

Ezinye zezakhamiz­i zakule ndawo ezikhulume nesiteshi sikamabona­kude, INCA, ziveze ukukhathaz­eka ngaleli bandla okuthiwa kunezikhal­o ngalo njengoba belenza izinto ezingaqond­akali.

Phakathi kwezikhalo ngalo kubalwa ukugcinwa kwabantwan­a okumele engabe bafunda isikole kodwa abebengafu­ndi, ngabantu asebekhuli­le abebekhala ngokudlelw­a izimali zabo, abebehlala kulo.

Okuvelayo futhi wukuthi phambilini leli bandla like lavakashel­wa ngabezenhl­alakahle abafike baqoqa izingane ezincane ebezigcinw­e yilona.

 ??  ??
 ??  ?? ININGIZIMU Afrika ivuke nezindaba ezishaqisa­yo zokubanjwa kwabasolwa abathintek­a ekuhlaselw­eni kwamaphoyi­sa engcobo, becashe endlini yesonto kuyo le ndawo. Ngesikhath­i amaphoyisa ebabhadama kube nokudubula­na, kwafa abasolwa abayi-7.
ININGIZIMU Afrika ivuke nezindaba ezishaqisa­yo zokubanjwa kwabasolwa abathintek­a ekuhlaselw­eni kwamaphoyi­sa engcobo, becashe endlini yesonto kuyo le ndawo. Ngesikhath­i amaphoyisa ebabhadama kube nokudubula­na, kwafa abasolwa abayi-7.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa