Ilanga Lempelasonto

I-DA nomkhankas­o wokuphikis­ana NEVAT

Ithi lokhu kuzoshaya abampofu

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

AKWAZIWA noma uzothela izithelo yini umkhankaso we-democratic Alliance

(DA) ewethule izolo epretoria, wokuphikis­ana nesinqumo sikahulume­ni sokwenyusa intela ekhokhwa ngabatheng­i ebizwa ngokuthi yi- value added tax (VAT).

Lesi sinqumo sivele enkulumwen­i kangqongqo­she weziMali kuzwelonke, umnu Malusi Gigaba ngesikhath­i ethula inkuluko yesabelo mali kuzwelonke ngolwesith­athu.

Umholi weda kuzwelonke, umnu Mmusi Maiamane uthi bazokulwel­a ukuba sichi-thwe lesi sinqumo sokwenyusa kwe

VAT ifike ku-15% kusukela mhla lulunye kumbasa (April).

Nakuba I-VAT isihlale ku-14% iminyaka engama-25 kodwa abaphikisa­na nalesi sinqumo bakhala ngokuthi sizodala ukwenyuka kwezinga lenhluphek­o kubathengi ikakhulu- kazi abantulayo.

Umnu Maimane uthi abantu baseningiz­imu Afrika kufanele bagqugquze­le amalungu ephalamend­e ukuba avote baphikisan­e nalokhu kwenyuswa kwe-vat.

Uthi ukwenyuswa kwayo kuzoholela ekwenyuken­i kwentengo yokudla neyokugibe­la izithuthi zomphakath­i.

Umnu Thulani Tshefuta, ongumdidiy­eli womphakath­i (overall convenor - civil society) kwi-national Economic Developmen­t and Labour Council (Nedlac), ekhuluma KWISABC izolo ekuseni uthi indlela lesi sabelo mali esihlangan­iswe ngayo asihambisa­ni neze nabantu abahluphek­ayo.

Uthi babona ukuthi sihlomulis­a labo abavele becebile. Uthi kukhona ezinye izindlela ebezingase­tshenziswa ukuqoqa imali, hhayi ngokuba kwenyuswe I-VAT.

Uqhube wathi bekungenyu­swa nje noma intela kubantu abahola kakhulu njengoba kuke kwenzeka phambilini.

 ?? ISITHOMBE NGABE: NEWS24.CO.ZA ?? UMHOLI weda umnu Mmusi Maimane uthi bazokulwa nokukhuphu­ka kwevat okumenyeze­lwe ngungqongq­oshe wezezimali umnu Malusi Gigaba enkulumwen­i yokwethulw­a kwesabelom­ali ngolwesith­athu.
ISITHOMBE NGABE: NEWS24.CO.ZA UMHOLI weda umnu Mmusi Maimane uthi bazokulwa nokukhuphu­ka kwevat okumenyeze­lwe ngungqongq­oshe wezezimali umnu Malusi Gigaba enkulumwen­i yokwethulw­a kwesabelom­ali ngolwesith­athu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa