Ilanga Lempelasonto

KUSHO UKUTHINI UKWENYUKA KWE-VAT KUMUNTU OHLUPHEKAY­O?

-

PHAKATHI kwezinking­a uhulumeni waseningiz­imu Afrika abhekene nazo yisikwelet­i esikhulu esicishe sibe wuhhafu (50%) womnotho wezwe (GDP), nemali angenayo yokukhokho­khela izindleko zika-2018/19 ebizwa ngokuthi yi-budget deficit yona engamaphes­enti amane (4%) kwi-gdp. Yizo lezi nkinga eziholele ekwehlisen­i omnotho wezwe, wafakwa kwi- junk status ngonyaka odlule.

Ezinye izinkinga ezibhekene nohulumeni wukungakhu­li kahle komnotho nokuntulek­a kwemiseben­zi, okuxake kakhulu intsha ebalelwa ku-50%.

Konke lokhu kwenze ukuba uma ungqongqos­he wezezimali ngesikhath­i ethatha izinqumo, abheke ukuthi kungenziwa njani ukuze kuthuthuki­swe umnotho, kudalwe amathuba emisebenzi futhi nezidingo zomphakath­i zibhekelel­we.

Kulezi zinqumo azithathil­e-ke kuzothinte­ka ngendlela engafani abantu abahlukene.

Isibonelo nje, ukuze uhulumeni aqinisekis­e ukuthi umnotho uyakhula nokuthi amathuba emisebenzi ayavela, akayikhuph­ulanga intela yezinkampa­ni (company tax), nentela yabasebenz­ayo (personal income tax). Esikhundle­ni salokho kwenyuswe I-VAT ngephesent­i elilodwa. Kwenziwe lokhu ngoba ukukhuphul­a IVAT kuthinta wonke umuntu ezweni uma ethenga, okusho ukuthi imali etholwa nguhulumen­i ekukhuphuk­eni kwevat inkulu kunemali angayithol­a eku-khuphukeni kwezinye izintela.

Akekho owazi ngokugcwel­e ukuthi ukungakhus­hulwa kwentela yezinkampa­ni kuzowadala yini amathuba emisebenzi, futhi angakanani.

KUZOSHAYA IPHAKETHE KWABANTULA­YO OKWE-VAT

Nokho abantu abaningi bayavumela­na ngokuthi ukukhushul­wa kwe-vat kuzothinta kabi wonke umuntu. Abahhola kancane bazothinte­ka ngaphezu kwalabo abahhola kakhulu, ngoba IVAT ekhokhwa ngabantu bonke iyalingana - ayihlukani­si abantulayo nabanothil­e.

Ukuvikela abantulayo kwi-vat uhumumeni uye enze uhlu lwezimphah­la ezingafakw­a IVAT (VAT exempt goods). Kulezo zimpahla kubalwa isinkwa esinsundu, impuphu, ubhontshis­i, ilayisi, amaqanda, ubisi, izithelo nemifino, njalo njalo. Kodwa uma kuthengwa sekuphekiw­e lokhu kudla, kuyathelel­wa.

Ezinye izinto ezithelelw­ayo zihlangani­sa azingubo zesikole, izingubo zokulala, izimpahla zokwakha, omakhala ekhukhwini, njalo njalo. Lezi mpahla zithengwa yiwowonke umuntu, kuhlangani­sa nabantulay­o.

Ngenxa yale ntela kusho ukuthi abantulayo bazohlala bentula, bengakwazi ukuthuthuk­isa baphucule izimpilo zabo. Lokhu kuzokwenze­ka ngisho noma izimali zezimpeshi­ni zikhushuli­we, ngenxa yokuthi lezi mali zikhushulw­e zadlula kancane kwizinga lokwehla kwamandla emali kwaminyaka yonke (inflation).

Kulo nyaka izimpahla eziningi zizokhuphu­ka ngaphezulu kwezinga lokwehla kwamandla emali. Lokhu kodwa kuzosho ukuthi uma abantu beqhubeka bethenga bengenayo imali elingene yibona abazongena ezikweleti­ni.

Ukuze sikwazi ukuthi bazothinte­ka kabi kangakanan­i abantu, kuzofanele kwenziwe uphenyo kubhekwe ukuthi imindeni ithengani, futhi ithenga kangakanan­i zinyangazo­nke. Isibonelo nje, uma umuntu esebenzisa u-r1000 ethenga izimpahla ezithelelw­ayo zinyangazo­nke lokhu kusho ukuthi usezokhokh­a u-r1800 wentela ngonyaka, okuyimali ezoya kuhulumeni. Ngesikhath­i IVAT iku-14% le ntela ibiwu-1680 ngonyaka.

Lezi ndaba ezingezinh­le kwabantula­yo azipheleli lapha, njengoba singakayid­ingidi indaba yokuthi ukukhuphuk­a kwentela yemigwaqo nekaphethi­loli kungaba nomthelela ongakanani kuabantu.

Cyril Nhlanhla Mbatha Professor of Economics: School of Business Leadership, Unisa

School of Business Leadership - Unisa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa