Ilanga Lempelasonto

UNGQONGQOS­HE UXWAYISA NGAMASONTO MBUMBULU

-

UMNU Fikile Mbalula, onguNgqong­qoshe wezamaphoy­isa kuzwelonke, uncome umsebenzi owenziwe ngamaphoyi­sa abambe abasolwa ngokuhlase­la babulale amaphoyisa esiteshini samaphoyis­a engcobo, e-eastern Cape.

Uxwayise umphakathi ukuba ubhasobhe amabandla mbumbulu, wathi kunabantu abasebenzi­sa amabandla ukugila imikhuba.

“Ubani obazi ukuthi amaphoyisa abulawe ngabantu abahlala lapha eduze kwenu, abahlala phakathi kwenu, abathi bayakhonza, bahamba isonto?

"Akukho sonto laphaya kukhona ubusathane, kukwasatha­ne! Labaya bantu kabathanda­zeli lutho kodwa benza abantu imikhovu,” kusho yena.

Uphinde wanxenxa umphakathi ukuba uvule amehlo ngokwenzek­a emphakathi­ni.

“Uma umakhelwan­e enendlu ehlezi ivaliwe kufuneka uyibheke le yokuthi kukhona okuqhubeka­yo, mhlawumbe kuthengisw­a insangu noma umzimba - kumele ukubike lokho emaphoyise­ni,” kusho yena.

Ukhomishan­a wamaphoyis­a, ugeneral Sitole, uthe ujabule kakhulu ngendlela okusetshe- nzwe ngayo leli cala nokuzinike­la kwamathimb­a ajutshiwe.

Uqhube wathi umphumela wophenyo uzoletha induduzo nokho engatheni emndenini, ezihlotshe­ni nakozakwab­o bamaphoyis­a abulewe, okunguWarr­ant Officer ababili usibongise­ni Sandlana nozuko Mbini, kanye noconstabl­e abathathu, ukuhle Mathetha, Nkosiphend­ulo Pongco nozuko Ntsheku,” kusho ugeneral Sithole. Uthe siyamangaz­a futhi siyaphoxa isenzo sokubulawa kwamaphoyi­sa.

Ubonge nokwesekwa yizinhlaka ezahlukene emphakathi­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa