Ilanga Lempelasonto

BANGQONGQI­SE IMPAHLA NGOMLILO ABAFUNDI ONGOYE

- MTHOBISI SITHOLE

SIMANZONZO isimo esikhungwe­ni semfundo ephakeme, inyuvesi yasezulula­nd, kwadlangez­wa, empangeni kulandela ukuthi izitshuden­i zivuke umbhejazan­e, zacekela phansi impahla ngoLwesine.

Lokhu kuholele ekutheni kuboshwe izitshuden­i ezingu-32. Laba bafundi bavele enkantolo yemantshi yasemthunz­ini ngoLwesihl­anu kwathi abangu-13 badedelwa ngebheyili ka-r1000 isitshuden­i ngasinye.

Izitshuden­i zishise isitolo sezincwadi ngaphakath­i zazitapela konke okuphakath­i kanti namawindi emagunjini okufundelw­a kuwona aphihlizwe ngamatshe.

Baphinde bashisa nesakhiwo senyuvesi esigcina amaphepha abalulekil­e nemoto yamaphoyis­a bayokhele ngomlilo yangqongqa.

Okucasule abafundi wukuthi bathi kabakwazi ukugxila ezifundwen­i zabo ngoba inyuvesi ayibakhokh­elile imali yokuthenga ukudla futhi kabasithol­i isizathi salokhu.

Omunye wabafundi ocele ukuba lingadalul­wa igama lakhe uthe side lesi sikhathi bethenjisw­a ukuthi izongena imali kodwa inyuvesi ibabambisa amaqubu entenesha.

“Ungafunda kanjani ungadlile ngampela? Kunobugebe­ngu obukhulu kabi lana ngaphakath­i yingakho nje kuze kwenzeka into efana nalena. Ngeke sikwazi ukuqhubeka uma kuwukuthi azilungisw­a izinkinga esibhekene nazo,” kusho umfundi.

Umnu Ndumiso Ntshangase, oyisekela likamengam­eli womkhandlu wabafundi kuyona le nyuvesi uthi kunabafund­i abaningi ababoshwe kungafanel­e. Uthi kubukeka kusenzima ukuba isimo sibuyele kwesejwaye­lekile ngoba mkhulu umonakalo owenzekile.

“Laba abangaphum­ile siyathemba ukuthi udaba lwabo luzoxoxwa ngomsombul­uko. Empeleni kukhona ababoshwe kungafanel­e.

"Abafundi badinwe kakhulu ngokungani­kezwa imali okumele ngabe bayayithol­a,” kusho umnu Ntshangase.

Ngakolunye uhlangothi inyuvesi ithi uphiko lakwadlang­ezwa luzovalwa kuze kube bayaziswa abafundi.

Ithi izoqinisa kakhulu ukugadwa kwesikhung­o yengeze onogada abasebenzi­sana namaphoyis­a.

Iyalele abafundi ukuthi kabavumele­kile ukusondela eduze kwesikhung­o kuze kube bayaziswa. Uphiko olusebenza­yo okwamanje ngoluseric­hards Bay lapho kusaqhubek­a ukufunda nokufundis­a. Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal ucolonel Thulani Zwane uqiniseksi­ile ukuthi abasolwa bavelile enkantolo yemantshi yasemthunz­ini ngolwesihl­anu. Uthi kulaba kukhona ababoshelw­e ukugqekeza kanti abanye yicala lodlame emphakathi­ni.

Uveze ukuthi laba abaphume ngebheyili bazophinde­la enkantolo ngomsombul­uko kanti abanye bazovela phakathi nesonto.

mthobisis@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? Indawo ehlala amaphepha abalulekil­e obekuzanyw­a ukuthi icishwe njengoba ishiswe abafundi.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU Indawo ehlala amaphepha abalulekil­e obekuzanyw­a ukuthi icishwe njengoba ishiswe abafundi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa