Ilanga Lempelasonto

EYESHASHAL­AZI EQONDENE NGQO NABAKU-MATRIC

- THANDI ZONDI

UKHAYA NGEMA uthi kubaluleki­le ukuhambisa­na nezikhathi uma ufuna ukusiza abafundi bakamatiku­letsheni baphase.

Lo mlingisi, ophinde abe ngusomahla­ya, uthi izingane zamanje ziyixoxa kangcono into eziyibuke kumabonaku­de kunaleyo esuke ifundwe phansi.

“Kule midlalo esiyilingi­sayo kuba lula ukuba abafundi bakhumbule uma sebebhala ngoba ihambelana namahlaya futhi sisebenzis­a nabantu akade befunda umatikulet­sheni abaqonda kangcono ngezincwad­i ezifundway­o,” kuchaza yena.

Phakathi kwezincwad­i abazenza zibe yimidlalo yeshashala­zi kubalwa ezithi: Impi Yabomdabu Isethunjin­i, Bengithi Lizokuna, The Village People, A chip of a Glass Ruby, Last Breath, My children My Africa.

Uthi ezinye zazo zisohlwini olusha lwezincwad­i ezifundwa kulo nyaka.

Lo mshikashik­a uthi uqale ngowezi-2003 ehambela izifundazw­e ezahlukene okubalwa kuzo i-eastern Cape, ifree State, i-eastern Cape, impumalang­a nekwazulu Natal.

Uthi abafundi abasuke bezobuka le midlalo bathola ithuba lokubuza imibuzo makuphela umdlalo.

“Sisuke sisizana nothisha ukuphendul­a lapho bengazange baqonde khona. Ngaphezu kwalokho sisuke sihambisan­a nomuntu oyi- motivation­al speaker ukuze abafundi bagqugquze­leke,” kuchaza ukhaya.

Le midlalo izoqala mhlaka 8 kuya ku-12 kundasa ( March) nsukuzonke ekuseni. Ngeminye imininingw­ane xhumana nokhaya kule nombolo: 083 4757 032.

tzondi@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UKHAYA NGEMA umema abafundi bakamatiku­letsheni ukuzobuka imidlalo yeshashala­zi esuselwe ezincwadin­i.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UKHAYA NGEMA umema abafundi bakamatiku­letsheni ukuzobuka imidlalo yeshashala­zi esuselwe ezincwadin­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa