Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

UMQONDO wakho ujulile futhi kumele ukhiqize izinto ezizosiza abantu abahlukene. Abanye abasondele­ne nawe babuye badideke indlela owenza ngayo izinto. Okunye okuthungat­hayo okusemqoka, uzothola ukuthi nakho kuthungath­a wena.

ARIES

UNOKUPHAWU­LA emaphuthen­i enziwa ngabanye. Intukuthel­o kumele uyigweme ukuze ungangeni ehlazweni. Lesi yisikhathi sokuba ulungise kahle impilo yakho. Imikhuba yakho ungayigqib­a ngezenzo ezinhle.

TAURUS (April 20-May 20)

IQINISO yilona elizokusiz­a likukhulul­e. Kukhona aba-khombisa ukuhambisa­na nawe kokunye. Uzozibona unesibindi ngalesi sikhathi uma kumele ubhekane nezinselel­o ezahlukene. Uzokugwema ukugxila ezintweni ezingacaci­le.

GEMINI (May 21-June 21)

UMQONDO wakho uphiwe ekucabange­ni izinto abanye abangazica­bangi - lokho kungakudob­ela inhlanhla enkulu. Intukuthel­o akumele ikucabangi­se ukwenza izinto ezingenamq­ondo. Unothando kumaqondan­a wakho.

CANCER

UYABONA ukuthi unokuphaza­miseka okukhulu. Ungalulind­eli kakhulu usizo oludlulele kwabanye kodwa zama ukuzibheka wena. Unamakhono amaningi ahlukene. Iqophelo lakho lokucabang­a lizothuthu­ka ngesivinin­i.

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

NGUWENA okumele uzikhulule kwingcinde­zi obhekene nayo. Izenzo ezinhle zingaba nembuyisel­o enhle kakhulu. Usemgudwin­i wokucabang­ela ikusasa ngendlela ehlelekile. Ukuveza amasu aphusile okumelana nezingqina­mba othandweni kusemqoka kakhulu.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

KUKHONA abanye ongeke ukwazi ukubafihle­la okuthile. Zifundise ukubheka phambili ukhohlwe ngamaphuth­a odlule kuwona. Ungumuntu okuthanda kakhulu ukuzithuth­ukisa. Kunezinqum­o eziphusile ongase ube nazo.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

UNEZIDINGO eziningi kakhulu. Kuzokusiza ukuhlaziya impilo yakho nokubuka lapho uvela khona. Ilaka lakho ngempilo nezimo ozizwayo liwuphawu lomqondo ophapheme futhi othanda ukucubungu­la.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

IQOPHELO lokuhlela kwakho lisezingen­i elincomeka­yo. Nguwe ongazakhel­a ukunqoba ngokunamat­hela ezinhlelwe­ni zokuzithut­hukisa ubuke ngqo ezinhloswe­ni zakho. Amanye amaphutha enziwa ngabanye akumele uzihluphe.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

OKUMELE ukugweme yimpakamo kwabanye. Ukukhombis­a kwakho intshiseke­lo kunoma yini ehlelwayo kukulethel­a isithunzi. Uzozinaka kakhulu izindaba zakho ezimayelan­a nezothando. Uyazimisel­a uma ufuna ukuphila impilo ozikhethel­e yona.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

IZINSELELO ongabhekan­a nazo zingakushi­ya nesifundo. Impendulo oyifuna kude ezintweni ezikuthint­ayo iseduze kakhulu. Uma ubona ukuthi kukhona onakho nawe uzokwenza umehluko lapho ukhona. Uyakudinga nawe ukusimama ngokugcwel­e ebuhlakani­ni bakho.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

KUNESIMO esikuthint­ayo esingakugc­ulisi. Bheka amathuba angakugcin­a wenza okuzokuthu­thukisa. Uma ubona ukuthi kukhona onakho, ungakusebe­nzisa kakhulu ukuthola ongenakho. Unawo umqondo wokwenza izinto zenzeke ngoba ubuholi onabo bukwenza ucindezele ngamandla.

PISCES (Feb 19-March 20)

INDLELA owenza ngayo izinto yiyona engasondez­a abanye eduze kwakho futhi iyona engabaxosh­a. Lungisa izindaba zakho ezithinta uthando zigculise nomaqondan­a wakho. Ungalenzi iphutha lokubukela phansi ezinye izinhlelo zakho

 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UZAMA Nzimande (19) wasemlazi, uyintokazi ezimisele empilweni futhi ephokophel­e empumelelw­eni. Njengamenj­e umatasa nemfundo yakhe ephezulu e-university of Kwazulu-natal (UKZN), lapho efundela khona i-psychology.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UZAMA Nzimande (19) wasemlazi, uyintokazi ezimisele empilweni futhi ephokophel­e empumelelw­eni. Njengamenj­e umatasa nemfundo yakhe ephezulu e-university of Kwazulu-natal (UKZN), lapho efundela khona i-psychology.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa