Ilanga Lempelasonto

INDLUNKULU KAZULU IKHETHA UKUYIZIBA INKULUMO KA-JULIUS MALEMA

- KNOWLEDGE SIMELANE

INDLUNKULU kazulu ithi ngeke izihluphe ngokuphawu­la ngamazwi omholi we-economic Freedom Fighers (EFF), umnu Julius Malema, awasho ngolwesine esithangam­ini sabezindab­a, lapho egxeke khona isilo samazulu, inkosi Goodwill Zwelithini, esisola ngokufutha uphondo lwempi ngendaba yomhlaba.

Umnu Malema uthe akumele ikhulunywe ngendlela yokwesabis­a nangendlel­a yempi le ndaba yokubuyise­lwa komhlaba ngaphandle kwesinxaph­ezelo.

Uthe kufanele kube nenkulumo mpikiswano evulelekil­e ngalolu daba - ngisho ngabe kufanele naso isilo siphikiswe kumele kube njalo ngaphandle kokwesaba.

Umnu Malema uze wathi yena akesabi muntu ngaphandle kukaNkulun­kulu.

Uqhube wathi kumele sihlonishw­e isilo kepha hhayi ukuba sesatshwe.

Sesizwakal­e kaningana isilo sivutha ngendaba yombiko osususe umsindo okhiphe isincomo sokuba umthetho olawula ukusebenza kwengonyam­a Trust wesulwe noma ubuyekezwe.

Ingonyaka Trust yiyo elawula umhlaba ongaphansi kwamakhosi Kwazulu-natal, kanti isilo sithi kumele kuliwe nokuhlakaz­wa kwengonyam­a Trust nokuthathw­a ko-mhlaba ongaphansi kwayo.

Mayelana nenkulumo kamnu Malema yakamuva, okhulumela isilo, umntwana uthulani, uthe: “Siyibonile le nkulumo kamnu Malema. Inkosi yamazulu ayihambe iphendula noma ngubani nje osho into ayithanday­o. Umnu Malema uyakwazi lapha endlunkulu, uma kukhona afisa ukukwedlul­isa esilweni bekumele eze hhayi ukuvele agqamuke nje. Sizowuhlab­a inhlali ngabomu.” knowledge.simelane@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa