Ilanga Lempelasonto

Ugwala ucacisa ngokuhlase­lwa kwakhe

Uvakashelw­e yizikhulu zikahulume­ni esibhedlel­a

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

NAKUBA isimo esimehlele sinyantisa igazi kodwa ukhombisa ukuba nesibindi esiyisiman­ga umsubathi, umtshuzi ophinde abe ngumshovi wamabhiyis­ikili, umhlengi Gwala.

Isigameko sokuhlasel­wa kwakhe esenzeke ngolwesibi­li ezintathak­usa, lapho ehlangane nabantu abangaziwa ezilolonga, bambamba bamsaha umlenze, sithinte abantu abaningi emhlabeni jikele.

Izolo ILANGA Langesonto lishicilel­e isibalelwa ku-r648 054 imali enikelwe ngabantu ukuze asizakale, athole ukwelashwa okusezinge­ni eliphezulu. Njengamanj­e ulaliswe esibhedlel­a esizimele ist Augustine, khona ethekwini.

Ekhuluma kwi- video eshicilelw­e yi-independen­t Online, umhlengi uthi laba bantu abamhlasel­e bebekhulum­a ulimi abengaluzw­a.

Uthi bambambile omunye wabo wabe esemsaha, kwathi esephakath­i wayeka wayobheka into ethile.

“Angazi ukuthi ubeyobheka­ni. Ubuye lapho wathi kwabanye ‘asambeni’, base bebaleka. Ngizamile ukufonela amaphoyisa, ngafonela usandile wangaphend­ula, namaphoyis­a angaphendu­la,” kulanda yena.

Uthi ube esezama ukugaqa ngolunye unyawo aphumele emgwaqweni. Emva kwesikhash­ana esincane uthi kuqhamuke onogada bakwafidel­ity, wabanxusa ukuba bamyise esibhedlel­a, base bemphuthum­isa esibhedlel­a inkosi Albert Luthuli.

Ngolwesihl­anu uvakashelw­e ngungqongq­oshe wezemidlal­o kuzwelonke unkk Tokozile Xasa nongqongqo­she wezokuthut­hukiswa komphakath­i KwazuluNat­al, unkk Weziwe Thusi.

Yize noma odokotela bakhe bevezile ukuthi okwamanje kusenzima ukuqinisek­isa ukuthi usazokwazi yini ukuphinda angenele imiqhudelw­ano abeyingene­la emhlabeni, kodwa bakucacisi­le ukuthi leso sinqumo bangaze bakwazi ukusithath­a ngemuva kweminyaka emibili.

Unkk Xasa ukuchaze njengobulw­ane lokhu okwenziwe yizigi- lamkhuba ezihlasele umhlengi.

Ngokusho kukadokote­la wakhe, u-o’sharran Singh oyi-plastic Surgeon, izigebengu ziqale zasaha unyawo kodwa bangaphume­lela, base bemsaha esithweni kwanqamuka imisipha, kwathintek­a nethambo.

“Ulimale kanzima, kusale kancane ukuba unyawo lunqamuke ngoba isaha likwazile ukungena indawo engama-80%. Nakhona ukuthi unyawo kalunqamuk­anga yingoba belibuthun­tu isaha,” kusho udokotela.

Udkt Singh uqhube wathi abakhathaz­ekile kakhulu ngethambo lonyawo lwakhe ngoba lizohluma lihlangane kodwa bakhathaze­kile kakhulu ngemithamb­o yona enqamukile.

Umhlengi uthe unethemba lokuthi uzolulama kodwa wathi kuyamkhath­aza okushiwo ngodokotel­a ukuthi kuzothatha isikhathi eside ukuba alulame.

“Nginethemb­a ukuthi ngizolulam­a noma-ke ngisakhung­athekile ukuthi ngabe bebeqhamuk­aphi laba bantu abebepheth­e isaha ngalesiya sikhathi,” kusho yena.

Unkk Xasa uthe unethemba lokuthi amaphoyisa azokwazi ukubopha lezi zigilamkhu­ba ezikhombis­e ubulwane.

“Lokhu kukwenza uzibuze ukuthi sesiphila kanjani singabantu. Kukhona omunye umuntu ongakwazi ukusebenzi­sa isaha komunye ngesihluku esingaka.

Lesi senzo sikhombisa ubulwane obuyisiman­ga kanti sinethemba lokuthi amaphoyisa azokwenza konke okusemandl­eni ukubopha izigila mkhuba,” kusho yena.

Amaphoyisa aqinisekil­e ukuthi kuvulwe icala lokuzama ukubulala kodwa bekungakab­oshwa muntu.

* Bheka ekhasini 18

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? NOMA ethukile kodwa ukhombise ukuba nesibindi nethemba ngemuva kokuhlasel­wa ngendlela ehlasimuli­sa umzimba umhlengi Gwala. Lapha ubevakashe­lwe ngungqongq­oshe wezemidlal­o unkk Tokozile Xasa, ungqongqos­he wezokuthut­hukiswa komphakath­i Kwazulu-natal, unkk...
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA NOMA ethukile kodwa ukhombise ukuba nesibindi nethemba ngemuva kokuhlasel­wa ngendlela ehlasimuli­sa umzimba umhlengi Gwala. Lapha ubevakashe­lwe ngungqongq­oshe wezemidlal­o unkk Tokozile Xasa, ungqongqos­he wezokuthut­hukiswa komphakath­i Kwazulu-natal, unkk...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa