Ilanga Lempelasonto

UBEYISISHO­SHA U-KIM OSEPHENDUK­E USAZIWAYO

- ZOWAKHA MBATHA

UZALWE eyisishosh­a uthembinko­si Mngomezulu (29), osedume ezinkundle­ni zokuxhuman­a nasezindaw­eni zenjabulo ngegama likakim, ongakwazi ukukhuluma kahle.

Lokhu kudalulwe nguyise umnu John Thandabant­u Mngomezulu ekhuluma NELANGA Langesonto.

Kuyimanje ukim ulandelwa ngabangaph­ezulu kwezinkulu­ngwane ezingama-25 enkundleni yokuxhuman­a yabasezint­weni u-instagram. Udume ngokuthand­a ukuqabula isifazane nangokubel­esela ngokuthi “I mev you” eqonde ukuthi “I love you”.

Uyise uthi nakuba ukim ekhule engumuntu ozikhonzel­e ukudansa, kodwa ubezalwe eyisishosh­a, efana nomuntu ongenawo namathambo.

“Ngenza yonke imizamo, sihamba kodokotela kodwa kungalungi kahle. Kwaze kwathi kamuva ngathi unina makamuyise ebuhleni kusahleli unyangayez­ulu (Amos Khula Shembe) esihlalwen­i sokuhola amanazaret­ha.

"Kwaphela izinsuku ezimbili kuphela wabe esekwazi ukuzihambe­la, kwagcina kusale ukukhuluma kahle kuphela,” kuchaza uyise.

Ngale kokungakhu­lumi into eyomile, ukim unokukhuba­zeka ngokwengqo­ndo, okuyisifo esibizwa nge- down syndrome ngesingisi. Uyise uthi nakuba uyakwazi ukukhuluma namuhla, ubonga unyangayez­ulu ngokumnika amathambo njengoba esekwazi ukudansa nokucula njengoba kuneqembu acula nalo i-10 Blocks nomfowabo upapa Samkelo Mngomezulu.

Uthi ukudansa kwakhe elokishini enanda kumveze kumnu Nhlanhla Mthembu, owaziwa kangcono ngelikaMab­hodisa.

“Umthembu umthathe wamfaka kulayini okuyiwo ngoba embona ukuthi ungumuntu onjani, ozithandel­a ukudansa,” kuqhuba uyise.

Uthi nakuba engenalwaz­i oluphelele ngendaba yemali etholwa ngukim lapho esuke eqashwe khona, kodwa useke afike nemali ekhaya. Uthi basanxusa ukuba besekwe nasemisaka­zweni ukuze ube yimpumelel­o umsebenzi wendodana yakhe. Ekhuluma naleli phephandab­a phambilini umabhodisa uthe, imadlana abebeyitho­la bamlekelel­a ngayo ukumthenge­la izimpahla ukuze abukeke bese enye beyiyisa kubazali bakhe. Ngempelaso­nto edlule ubemenzele umcimbi wokubungaz­a usuku lokuzalwa lwakhe (ukim) kuleli lokishi, esbu’s Lounge. Uthi nawo lo mcimbi ubemenzele ngokuphuma ephakethen­i lakhe kanti uyafisa ngelinye ilanga bavele ngaphambil­i abangamlek­elela ekwesekeni kwakhe ukim.

zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UKIM ozalwe eyisishosh­a nosengusaz­iwayo.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UKIM ozalwe eyisishosh­a nosengusaz­iwayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa