"ASEHUDULA IZINYAWO" AMAPHOYISA NGOKUVELA KU-ZALO
KUBIKWA ukuthi akasathandi amaphoyisa esouth African Police Service (SAPS) avame ukuba yingxenye yomdlalo oyintandokazi kumabonakude, uzalo otshengiswa nsukuzonke phakathi nesonto kugamenxe ihora lesi-8 kusihlwa KUSABC 1.
Kubikwa ukuthi phambilini lawa maphoyisa abethola umthoba nhliziyo wamavawusha kaphethiloli enani lika-r300 okuthe uma kuqhubeka isikhathi angabe esatholakala ngoba sekuvele ukuthi lokhu kakuvumelekile.
Ukunqamuka kwalawa mavawusha yisona sizathu okuthiwa senza lawa maphoyisa aphelelwe wumdlandla wokuyoshutha ngokusho kwemithombo.
Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwaphuma umbiko owawuvela ekomkhulu le-south African Police Service (SAPS) omayelana nokuvalwa kokugqokwa nokusetshenziswa kwezinto ezithinta amaphoyisa akuleli emidlalweni yakumabonakude.
Lokhu kwenza ukuthi abozalo bagcine sebesebenzisa amaphoyisa angempela.
Inkampani ekhulumela uzalo, idreamcatcher Multimedia, iyakuphika ukuthi amaphoyisa anikezwa umthoba nhliziyo ukuze avele eziqeshini zalo mdlalo.
Le nkampani ithe ifisa ukukuqinisekisa ukuthi abozalo balandela imigudu nemiyalelo yomthetho.
“Kunokwenzeka ukuthi wawukhona lowo mthetho (wokubani- ka amavawusha) kudala kodwa akuvumelekile, yingakho kumisiwe,” kusho abedreamcatcher Multimedia.
Ayiphawulanga mayelana nokuhudula izinyawo kwawo.
Ucol Thembeka Mbhele, okhulumela amaphoyisa, uthe ngookwazi kwakhe amaphoyisa kawakhokhelwa nhlobo kodwa ayacelwa.
“Kuya ngokuthi kusuke kuyoshuthwa kuphi ngalelo langa, bese kucelwa awakuleyo ndawo kodwa awakhokhelwa nhlobo.
"Into esiyenzayo wukubheka i- script abasuke bezosebenza ngaso ngalelo langa nokuthi abakwenzayo bakwenza ngokuyikho yini, hhayi ukuthi bakhokhelwe,” kuchaza yena.