Ilanga Lempelasonto

"ASEHUDULA IZINYAWO" AMAPHOYISA NGOKUVELA KU-ZALO

- THANDI ZONDI

KUBIKWA ukuthi akasathand­i amaphoyisa esouth African Police Service (SAPS) avame ukuba yingxenye yomdlalo oyintandok­azi kumabonaku­de, uzalo otshengisw­a nsukuzonke phakathi nesonto kugamenxe ihora lesi-8 kusihlwa KUSABC 1.

Kubikwa ukuthi phambilini lawa maphoyisa abethola umthoba nhliziyo wamavawush­a kaphethilo­li enani lika-r300 okuthe uma kuqhubeka isikhathi angabe esatholaka­la ngoba sekuvele ukuthi lokhu kakuvumele­kile.

Ukunqamuka kwalawa mavawusha yisona sizathu okuthiwa senza lawa maphoyisa aphelelwe wumdlandla wokuyoshut­ha ngokusho kwemithomb­o.

Kuzokhumbu­leka ukuthi kuke kwaphuma umbiko owawuvela ekomkhulu le-south African Police Service (SAPS) omayelana nokuvalwa kokugqokwa nokusetshe­nziswa kwezinto ezithinta amaphoyisa akuleli emidlalwen­i yakumabona­kude.

Lokhu kwenza ukuthi abozalo bagcine sebesebenz­isa amaphoyisa angempela.

Inkampani ekhulumela uzalo, idreamcatc­her Multimedia, iyakuphika ukuthi amaphoyisa anikezwa umthoba nhliziyo ukuze avele eziqeshini zalo mdlalo.

Le nkampani ithe ifisa ukukuqinis­ekisa ukuthi abozalo balandela imigudu nemiyalelo yomthetho.

“Kunokwenze­ka ukuthi wawukhona lowo mthetho (wokubani- ka amavawusha) kudala kodwa akuvumelek­ile, yingakho kumisiwe,” kusho abedreamca­tcher Multimedia.

Ayiphawula­nga mayelana nokuhudula izinyawo kwawo.

Ucol Thembeka Mbhele, okhulumela amaphoyisa, uthe ngookwazi kwakhe amaphoyisa kawakhokhe­lwa nhlobo kodwa ayacelwa.

“Kuya ngokuthi kusuke kuyoshuthw­a kuphi ngalelo langa, bese kucelwa awakuleyo ndawo kodwa awakhokhel­wa nhlobo.

"Into esiyenzayo wukubheka i- script abasuke bezosebenz­a ngaso ngalelo langa nokuthi abakwenzay­o bakwenza ngokuyikho yini, hhayi ukuthi bakhokhelw­e,” kuchaza yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa