BAGXEKA UKUSINGATHWA KWENKOHLAKALO ETHEKWINI
AMAQEMBU aphikisayo kumasipala wetheku akhala ngemibiko yenkohlakalo egqunywayo ukuvikela abathile abathintekayo.
Umnu Zwakele Mncwango ongumholi wedemocratic Alliance (DA) Kwazulu-natal, obesesigungwini esiphezulu kulo masipala, uthi miningi imibiko egqunyiwe okungashiwo lutho ngayo ngenxa yokuthi kuvikelwa osopolitiki nezikhulu ezithile ezithinteka enkohlakalweni.
Umnu Mncwango uphinde waveza ukuthi uhlelo lwe-extended Public Works Programe (EPWP) lumoshakele kakhulu ngemuva kokugxambukela kwepolitiki kulona.
“Ngesikhathi imeya (unkk Zandile Gumede) ingena esikhundleni, yenze izinguquko kulolu hlelo kwaze kwangenelela nepolitiki kulona. Yingakho konakele ngale ndlela kulona,” kusho umnu Mncwango.
Uthi akamangali uma ezwa ngokuthi kube nenkohlakalo kulona njengoba kwasekuqaleni bayibona ingozi.
“Ingozi ngiyibone ngesikhathi (imeya) eshintsha lolu hlelo obeluqhutshwa yiminyango kamasipala walwenza lwaba ngaphansi kwehhovisi lakhe. Kubuhlungu ukuthi uphenyo lwenkohlakalo luyenziwa kodwa bese uma sekufanele ku- thathwe izinyathelo, akwenzeki lutho nokuyinto esihlale sikhala ngayo kumasipala wetheku,” kusho umnu Mncwango oseyilungu lesishayamthetho sakwazuluNatal.
Umnu Mdu Nkosi, omele Inkatha Freedom Party esigungwini esiphezulu kulo masipala, uthi kuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuvikelwa kwabathinteka enkohlakalweni ngenxa yokusondelana NE-ANC.
“Sekukaningi sizwa ngokuthi kuyaphenywa kodwa asizwa lutho ngokuthi luphelelaphi uphenyo.
"Le nto ihambisana nokuqashwa ngokwenhlangano kunokuqashwa ngokwazi umsebenzi. Uhlelo lweEPWP wuhlelo lokusiza abantu abaxakekile. Kubi uma sekuzoba nezikhulu zikamasipala esezifuna ukuzihlomulisa ngalolu hlelo,” esho.
lucky.cain@ilanganews.co.za