Ilanga Lempelasonto

BAGXEKA UKUSINGATH­WA KWENKOHLAK­ALO ETHEKWINI

- LUCKY CAIN

AMAQEMBU aphikisayo kumasipala wetheku akhala ngemibiko yenkohlaka­lo egqunywayo ukuvikela abathile abathintek­ayo.

Umnu Zwakele Mncwango ongumholi wedemocrat­ic Alliance (DA) Kwazulu-natal, obesesigun­gwini esiphezulu kulo masipala, uthi miningi imibiko egqunyiwe okungashiw­o lutho ngayo ngenxa yokuthi kuvikelwa osopolitik­i nezikhulu ezithile ezithintek­a enkohlakal­weni.

Umnu Mncwango uphinde waveza ukuthi uhlelo lwe-extended Public Works Programe (EPWP) lumoshakel­e kakhulu ngemuva kokugxambu­kela kwepolitik­i kulona.

“Ngesikhath­i imeya (unkk Zandile Gumede) ingena esikhundle­ni, yenze izinguquko kulolu hlelo kwaze kwangenele­la nepolitiki kulona. Yingakho konakele ngale ndlela kulona,” kusho umnu Mncwango.

Uthi akamangali uma ezwa ngokuthi kube nenkohlaka­lo kulona njengoba kwasekuqal­eni bayibona ingozi.

“Ingozi ngiyibone ngesikhath­i (imeya) eshintsha lolu hlelo obeluqhuts­hwa yiminyango kamasipala walwenza lwaba ngaphansi kwehhovisi lakhe. Kubuhlungu ukuthi uphenyo lwenkohlak­alo luyenziwa kodwa bese uma sekufanele ku- thathwe izinyathel­o, akwenzeki lutho nokuyinto esihlale sikhala ngayo kumasipala wetheku,” kusho umnu Mncwango oseyilungu lesishayam­thetho sakwazuluN­atal.

Umnu Mdu Nkosi, omele Inkatha Freedom Party esigungwin­i esiphezulu kulo masipala, uthi kuyinsakav­ukela umchilo wesidwaba ukuvikelwa kwabathint­eka enkohlakal­weni ngenxa yokusondel­ana NE-ANC.

“Sekukaning­i sizwa ngokuthi kuyaphenyw­a kodwa asizwa lutho ngokuthi luphelelap­hi uphenyo.

"Le nto ihambisana nokuqashwa ngokwenhla­ngano kunokuqash­wa ngokwazi umsebenzi. Uhlelo lweEPWP wuhlelo lokusiza abantu abaxakekil­e. Kubi uma sekuzoba nezikhulu zikamasipa­la esezifuna ukuzihlomu­lisa ngalolu hlelo,” esho.

lucky.cain@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa