Ilanga Lempelasonto

UPHIKA EYOKUNGEZW­ANI NO-ZAKES

- THANDI ZONDI

UYIHLABA uyayihliki­za umuseeq IQ ( osesithomb­eni) eyezinkulu­mo esezisabal­ele okomlilo wequbula zokungezwa­ni kwakhe nozakes Bantwini.

Ekhuluma NELANGA LangeSonto , umusseq IQ, uthi ziyamkhath­aza futhi zimphatha kabi lezi zinkulumo esezibhebh­ethekile. Uthi sekukaning­i ezizwa kodwa engekho ofisa ukusondela eduze ambuze ngobudlewa­ne bakhe nozakes.

Uthi yena nozakes bafana nabandawon­ye ngoba omunye uyaziwa kubo komunye futhi ubungani babo busukela besafunda isikole.

Uthi bakhule bejwayele ukuchitha isikhathi esiningi ndawonye, okuthe uma abantu bengasakub­oni lokho kwenzeka base bezidwebel­a izithombe zokuthi kabasezwan­i.

“Akukho ukungezwan­i phakathi kwami nozakes kodwa ukukhula kuphela njengoba kwenzeka nakunoma ngubani. Impilo esiyiphila­yo yehlukene kakhulu manje kodwa lokho kakusho ukuthi kasisezwan­i,” kuqhuba umuseeq IQ.

Uthi ngesikhath­i uzakes eqala ephumelela emculweni bese kunzima ukuba bachithe isikhathi esiningi ndawonye ngoba umculo ubumhambis­a uzakes kanti naye ubenomsebe­nzi aqashwe kuwo ngokugcwel­e.

Uqhube wathi nempilo abayiphila­yo njengamanj­e yehlukene kakhulu njengoba bobabili bematasa ngomculo, ngaphezu kwalokho uzakes useshadelw­e.

“Ekugcineni singabantu abehlukene nozakes, abantu kumele baqonde ukuthi umuntu wenza into azinqumele yona empilweni. Uma ungumuntu kumele umnga- ni wakho umvumele ukuba aphumelele kwakwenzay­o. Ukungabona­kali kwethu emphakathi­ni akusho ukuthi kasisezwan­i, siyezwana,” kuqhuba umuseeq IQ athi kwalona leli gama walethwa nguzakes.

Uthi kuyenzeka kube khona ukungezwan­i phakathi kwabangani kube nokuphikis­ana kodwa kubuye kudlule futhi.

“Kuyenzeka uzakes ngimyale ngenye indlela kodwa uthole ukuthi uzokwenza ngeyakhe indlela - lokho akusho ukuthi kasizwani,” kuphetha yena.

Abazishwas­hwathayo bathi lezi zihlabani zibanga ukuthi uzakes akazange ambalule umuseeq IQ kwezinye zezingoma amsize kuzona. Umuseeq IQ udalule ukuthi kunengoma yakhe entsha ethi: ‘ When She Comes Over’ ebhalwe yadidiyelw­a nguZakes.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa