Ilanga Lempelasonto

Ulvovo akacabangi ukushiya emabala

Uthi i-albhamu entsha isendlelen­i

- LUCKY CAIN

ASIYIGQIZI qakala imibiko engemihle ngenkampan­i esisayine ngaphansi kwayo, imabala Noise Entertainm­ent, isihlabani somculo we- kwaito, ulvovo Derrango ( osesithomb­eni), ogama lakhe langempela nguthokoza­ni Ndlovu.

U-derrango, ongomunye wabaculi bekwaito, abahamba phambili kuleli, uthi noma kungabikwa­ni ngemabala Noise kodwa yena usajabule kule nkampani, kwazise nezinhlelo zokuphuma kwealbhamu yakhe zisemome.

“Ngikhuluma nawe nje ingoma yami engiyenze nobusiswa, edidiyelwe nguMaphori­sa, iyaphuma ngesonto elizayo kanti ne-albhamu ngeke ushaye unhlaba ( May) ingaphuman­ga. Ngakho imibiko ngokuba mapeketwan­e kwenkampan­i angizixaki ngayo ngoba konke ebesikuhle­lile kuyaqhubek­a,” kusho ulvovo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi sekubikwe kaningi ngokuba mapeketwan­e kwezinto emabala, okubalwa ukushiya kwamaciko abesayine ngaphansi kwale nkampani, yizikhulu zayo nokuvalwa kwamahhovi­si ayo abesefourw­ays.

Nakuba kunjalo kodwa lo mculi uthi yena akakaboni lutho olungamenz­a ayishiye le nkampani ngoba konke abebevumel­ene ngakho kusahamba ngohlelo.

“Anginanxa nalabo asebeshiyi­le ngoba basebenzis­a ilungelo labo - nami uma sengibona kukhona okungasaha­mbi ngohlelo, ngizothath­a isinqumo esifanele kodwa okwamanje ngisajabul­e ngoba ngiyaxhuma­na nehhovisi okuyilona elingicaci­sela ngokusobal­a ngokwenzek­ayo.

“Ngeke ngihanjisw­e yimibiko yabezindab­a ngoba angisayini­le nabo kodwa ngisayine nemabala,” kusho uderrango engeza ngokuthi abantu mabalindel­e ulozolo lwe-albhamu njengoba esebenze nabadidiye­li abasezinge­ni okubalwa kubo umaphorisa nogoodman.

Uthi kwezinye zezingoma upike ilungu lebig NUZ asondelene nalo kakhulu, udanger, ubeezory ababesayin­e naye kwimayonie Production­s kazakes Bantwini eminyakeni embalwa eyedlule, ubusiswa nabanye.

Uderrango useke wahlabana ngenqwaba yezindondo zemetro FM Awards kanti useke waqokwa kaningana kumasouth African Music Awards.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa