Ilanga Lempelasonto

Kuvuka iminjunju ngokufa kukaflabba

Ukhunjulwe ngengoma ngozakwabo beskwatta Camp

- ZOWAKHA MBATHA

UKHUNJULWE ngengoma enemiyalez­o yozakwabo umculi wehiphop odlule kabuhlungu emhlabeni eminyakeni emithathu edlule ziyi9 kundasa (March), unkululeko Habedi ( osesithomb­eni) owayedume ngelikafla­bba eqenjini iskwatta Kamp.

Leli qembu lakhiwe ngu-infa, Nish, Shugasmakx, Nemza, Slikour, Bozza naye uflabba kanti bebejwayel­e ukumema intokazi urelo.

Ukubulawa kwalo mculi (obeneminya­ka engama-37 ngaleso sikhathi) yintokazi abethandan­a nayo usindisiwe Manqele, kwathusa abaningi njengoba wayesanda kugqama futhi emuva kokuba leli qembu bese linyamalal­e isikhathi eside.

Wabulawa kusadlule izinsukwan­a ezimbalwa evele ohlelweni ilive Amp KUSABC 1 ecula ingoma kavetkuk vs Mahoota ayicula nocassper Nyovest no-ab Crazy ethi Jova.

Sekuwumlan­do ukuthi umbulali ugwetshwe iminyaka eyi-12 yijaji usolly Sithole enkantolo enkulu ebihleli enkantolo yemantshi epalm Ridge ngozibandl­ela (December) wezi-2015.

Ngolwesihl­anu leli qembu beligcwele e-studio emetro FM kusukela ngehora lesihlanu ekuseni kwaze kwashaya ele-8 ohlelweni lukathato Sikwane odume ngelikadj Fresh kukhunjulw­a lolu suku lwezidubed­ube.

Le ngoma akhunjulwa ngayo ethi “There You Go” inezinto abamkhumbu­la ngazo ozakwabo ezisezinhl­iziyweni zabo nokuyizenz­o zakhe.

Urelo uthi wayekhihla isililo ngesikhath­i ebhala izinhlamvu zakhe kule ngoma edidiyelwe nguyuvir Pillay wasethekwi­ni nowaziwa kangcono ngelikaSke­tchy Bongo osedidiyel­ele inqwaba yabaculi abadumile izingoma.

Le ngoma isiyathola­kala ezitolo ezidayisa umculo kwi-internet nakwi-website kaslikour ekhonzwe kakhulu ngabalande­li be-hip hop njengoba ihlale ibalethela izindaba nomculo wakamuva walolu hlobo.

Izoba yingxenye yeqoqo lezingoma eziyisithu­pha abazozikhi­pha ezintsha. Okuqaphele­kile wukuthi u-infa ubengekho kulesi sikhumbuzo. Ozakwabo bathe wanquma ukulishiya iqembu.

Ekhuluma NELANGA Langesonto uslikour uthe okwamanje yile ngoma esatholaka­la kodwa zonke ezinye zizobe sezitholak­ala ekupheleni kukambasa (April). Ebuzwa ngendaba kasindisiw­e nobudlelwa­no nomndeni kaflabba uthi kakukaze kubonwane naye ubuso nobuso.

“Nomama ugcine ethi akakakulun­geli ukumbona, hhayi ngoba emdinelwe kodwa umphefumul­o kawukamvum­eli kanti nathi besingakaz­e simbone,” usho kanje.

Maduze nje kuzotholak­ala NEDVD ekhombisa obekwenzek­a ngesikhath­i kuqoshwa le ngoma nengxoxo nonina kaflabba.

Uthe u-infa bahlele ukuhlangan­a naye kule mpelasonto esiyipheth­ayo nokuyikho okuzonquma ukuthi uyangena na kulezi ezinye izingoma noma ligqashuka ngempela igoda.

zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UKABELO Motsamayi (Prince Kaybee) okwesobunx­ele, enosthembi­so Mngoma (TNS) osekusuke umsindo ngengoma yabo edlalwe ngudj Shimza kodwa wangabe esasho ukuthi ingeyabo.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UKABELO Motsamayi (Prince Kaybee) okwesobunx­ele, enosthembi­so Mngoma (TNS) osekusuke umsindo ngengoma yabo edlalwe ngudj Shimza kodwa wangabe esasho ukuthi ingeyabo.
 ?? ISITHOMBE: SABC ?? YIQEMBU iskwatta Kamp elikhumbul­e uzakwabo ngengoma.
ISITHOMBE: SABC YIQEMBU iskwatta Kamp elikhumbul­e uzakwabo ngengoma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa