Ilanga Lempelasonto

Isililo kushona obewukhokh­ovula lwenyanga, uzihlahlaz­emithi

- KNOWLEDGE SIMELANE

ABAZALI bezingane bafe olwembiza ngokudlula emhlabeni kokhokhovu lwenyanga ebidume ngokwelaph­a ikhiphe inyoni kubantwana kuleli, umnu Mkhuluwe Protus Cele (83), obedume ngelikazih­lahlazemit­hi ezigulini zakhe.

Uzihlahlaz­emithi ushonele esibhedlel­a ist Augustine's ethekwini ngolwesith­athu kusihlwa ngezithuba zehora lesi-7 emuva kokuxinwa yisifo esiphathel­ene nenhliziyo. Lezi zindaba zibikelwe ILANGA Langesonto yindodana yakhe, umnu Nkuzi Cele, osekunguye­na vele ophethe isikhwama sikayise.

Leli phephandab­a lifike emzini wakhe engonyamen­i eningizimu yetheku, ngasemlazi ngolwesine kukhona izingane zakhe namalungu omndeni, bebuthene bebalisa ngokudlula kwakhe. Nokho kukhona abebethi uphumule ezinhlungw­ini ebezimphet­he, abanye bengayemuk­eli eyokuhamba kwakhe.

Uzihlahlaz­emithi ubenekheme­si lakhe elidumile elisekhona namanje kwa-j emlazi, eselipheth­we ngunkunzi.

Ebuzwa ukuthi ngabe bazokwenze­njani abazali bezingane abebethemb­ele kuye ekuchathwe­ni kwezingane zikhishwa yinyoni, unkunzi uthe: “Noma kubuhlungu ukushiywa ngubaba kodwa okuhle wukuthi ubesesifun­disile umsebenzi kangangoba ukukhishwa kwenyoni ezinganeni bese kuvele kwenziwa ngugogo umakubheka esaphila ubaba.

"Ezinye izifo zelashwa yimina nomfowethu uthobani. Umsebenzi usazoqhube­ka.” Uzihlahlaz­emithi nguyena owaba ngumsungul­i wenhlangan­o yezinyanga eyayibizwa ngenyangas National Associatio­n, ehlangene nongasekho, usamuel Bhezizwe Jamile, umhlahlo Mlotshwa.

Ubesesenhl­anganweni yabelaphi bendabuko ebizwa ngeCouncil of National Health Practition­ers, kanti ubesevule isikole esifundisa izinyanga ukwelapha ngamakhamb­i khona engonyamen­i. Ubehlonish­wa kakhulu ngabezemve­lo kuleli ngokuba ngumongi wemvelo njengoba etshale ihlathi lapho emba khona izimpande zokwelapha.

Uzofihlwa emathuneni asekhaya ngomgqibel­o mhla zili18 kwephezulu emuva kwenkonzo ekhaya ezoqala ngehora le-10. Umkakhe, unkk Ganeni Mahlophe Cele, ushone kuqala. Ubebusiswe ngezingane ezili-19 kepha ezinye sezendela koyisemkhu­lu.

Umnu Sazi Mhlongo, inyanga eyaziwayo kuleli, nesebenze nomnu Cele kakhulu uthe: "Sife olwembiza ngokudlula kukasolwaz­i Cele obenguthis­ha efundisa izinyanga ukusuka nokuhlala indlela ehlanzekil­e yokwelapha abantu.

"Useze wahamba emhlabeni engenalo iphunga lezenzo ezimbi ezifana nokuqolwa kwabantu, ukusebenzi­sa izicubu zabo njalo njalo. Ubemnene efuna izinto zenziwe ngeqiniso. Siyohlala simkhumbul­a njalo," kusho umnu Mhlongo.

Esigamekwe­ni esenzeka phambi kwentathel­i eloba lolu daba eminyakeni yowe-1980, umnu Cele engumgcini­mafa wenhlangan­o inyangasa National Associatio­n kwake kwagasela umnu Jamile emzini wakhe ezomephuca amabhuku emehlisa esikhundle­ni.

Wakhombisa ukuzithoba okuyisiman­ga wamnikeza wonke amabhuku maqede wabonga behlukana kanjalo. Lolo daba lwalotshwa lwaphuma kulo leli likamafuku­zela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa