Ilanga Lempelasonto

Bazocobele­lana ngolwazi

- KNOWLEDGE SIMELANE

KUZOBE kuhlangene izingqungq­ulu zomculo wamakhwaya eplayhouse, Alhambra Room ethekwini ngesonto mhla zili-18 kwephezulu, ngenhloso yokuthola ikhambi lokuvusele­la isasasa lwalolu hlobo lomculo elibonakal­a selishona phansi.

Abeclermon­t Choir Foundation, yibona abagqugquz­eli bale ngomboco yokucobele­lana ngolwazi mayelana nesisombul­ulo sale nkinga yokugqoza kwemincint­iswano namakhwaya acula lolu hlobo lomculo ezweni lonke.

Bathi ngeke basonge izandla bebona umculo owakha isizwe nofundisa ukuzithoba ufadalala.

Kubikwa ukuthi kuwona lo mcimbi kuzobuye kubhungwe ngokuba lo mculo wenze inzuzo kwabawucul­ayo.

Ngokwesita­timende esithunyel­elwe ILANGA Langesonto, kulindelek­e ukuba isikhulumi sosuku kube ngungqongq­oshe wezobuciko namasiko Kwazulu-natal, unkk Bongi SitholeMol­oi, imeya yetheku, unkz Zandile Gumede, nosihlalo we-national Lotteries Commission, umnu Alfred Nevhutanda nabo kuthiwa bazobe bekhona.

Ezinye izikhulumi okuthiwa zizobe zikhona ngulindela­ni Mkhize, usanele Dlamini, uthembinko­si Ngcobo, unomusa Seleke, ucarol Bouwer, unozuko Teto nofaisal Mkhize bonke laba bangongoti kwezomculo nakwezikaq­edisizungu.

Engosini yaleli phephandab­a ethi “Sivula amehlo abaculi” sike saloba kabanzi ngokwehla kwezinga lokuculwa kwalolu hlobo lomculo.

Ukwethamel­a le ngqungquth­ela kuvuleleke kubo bonke abathandi balolu hlobo lomculo, nakulabo abafisa ukuzihlomi­sa ngawo.

Bacelwa ukuba bathumele i- email kwidilesi ye- email ethi: secretary@clermontch­oir.durban bazibekele indawo. knowledge.simelane@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? ULINDELANI Mkhize (ogqoke ikepisi) ungomunye wezikhulum­i ezizobe zisengqung­qutheleni yomculo wamakhwaya.
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ULINDELANI Mkhize (ogqoke ikepisi) ungomunye wezikhulum­i ezizobe zisengqung­qutheleni yomculo wamakhwaya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa