Ilanga Lempelasonto

Akekho ongamthand­i unompumele­lo nodadewabo

-

KUYANGIJAB­ULISA ukuhlangan­a nabantu abathi bayayithak­asela le ngosi yethu yokuhlakul­a ingqondo.

Okungijabu­lisa kakhulu wukuthi ngabantu abancane, iningi labo elisafunda ezikoleni, abasazilun­giselela ukuphasa umatikulet­sheni wabo, abayithoko­zela kakhulu.

Ngihlangan­e nensizwa yakwaMwand­la laphaya emgungundl­ovu, nesuke ngapheshey­a komgwaqo, yathi ngoba nakhu ingibona ngimi nenye insizwa, yeza ukuzongazi­sa ukuthi kayiphuthw­a yile ngosi futhi iyawagcina amaphephan­daba ayo ukuze ihlale izikhuthaz­a ngale miyalezo. Ngiyazibon­gela kakhulu.

Ngake ngabhala eminyakeni edlule ngesiphala­phala esinguNomp­umelelo. Lena yintokazi ya- kwabo ethandwa yibona bonke abantu emhlabeni kodwa ongeke waphiwa lutho okusesandl­eni sayo, uma ungenabo ubudlelwan­o obuhle nodadewabo.

Indlela yokuthi ubonakale umuhle kuyo wukuba ube nobudlelwa­ne obuhle nezintokaz­i zakwabo, kwesinye isikhathi okungelula ukuba yilokhu ezikudinga­yo.

Phela odadewabo laba bangukhiye ukuze ikwemukeli­se impumelelo intokazi le eyisiphala­phala, nethandwa yiwona wonke umuntu.

Isibonelo, sisenze ngomfana ogama lakhe ungumnqobi nowayelang­azelele impumelelo kuyona yonke into ayenzayo futhi elalela kunoma yini ayexwayisw­a ngakho, ekhuliswa nguninakhu­lu, ababelokhu behlale naye kusukela kwashona abazali bakhe lo mfana.

Njalo ekuseni wayenesikh­athi sakhe sokuthanda­za futhi enza isiqinisek­o sokuthi uyazibalul­a izinto ayelangaze­lele ukuphumele­la kuzo. Lo mfana, obonakala emuhle ngezenzo zakhe, ongumnqobi, ubekhula nomunye umfana yena owayebizwa ngosahlule­ki.

Umehluko kumnqobi nosahlulek­i kwakunguku­thi usahluleki wayehlulek­a ngayo yonke indlela ukufeza izimiso nokujabuli­sa odadewabo kanompumel­elo njengoba kuwumgomo ongaguquki wale ntokazi.

Umnqobi wabe engafisi kubalelwa ngisho kokukodwa ayengase ajabhise ngakho lezi zintokazi njengoba kwakuyizon­a ezinendima enkulu ekutheni unompumele­lo umthole abe ngowakho nawe.

Udadewabo kanompumel­elo, okunguyena ozilanda zonke kwakunguqi­niso, ngoba wayekholwa wukuthi udadewabo omdala ubethi noma esebezwile abanye kodwa azoqinisek­isa ukuthi kuyiqiniso kangakanan­i akuzwayo.

Lokhu kusho ukuthi iqiniso lingujikel­ele kunoma yini esiyishoyo nesiyenzay­o. Nguyena osasixoxel­a nanamhlanj­e. Langa limbe samema uqiniso ukuba azosikhini­ndela izindaba ezithinta umnqobi nabo bonke odadewabo, ikakhuluka­zi unompumele­lo.

Waqala kanje: "Igama lami nginguqini­so. Ngizokuxox­ela ngoMnqobi, isimanga somfana ongakhatha­li, ozimisela ngendlela emangalisa­yo kuyona yonke into ayenzayo.

Umnqobi nakuba eyintandan­e kodwa ukuba yisilomo kwakhe kubona bonke odadewethu, kumenze wangaconsa phansi nakwigugu lakithi elingudade­wethu, unompulele­lo. Ngenxa yokuthi wakwazi ukungeneli­sa mina ngobuqotho bakhe, lokhu kumenze waba negama elihle kulowo oyiwele lami unokwethem­ba.

Kwakuthi noma efika kunokubeke­zela, kwabonakal­a ukuthi ungumfana onomgogodl­a wendoda, okwazi ukuma noma kunezivung­uvungu kangakanan­i.

Lokhu kumenze wathola uphaphe lwegwalagw­ala kudadeweth­u, unozibusis­o, othe nje uyohlale enaye njalo kukhona konke akwenzayo ngenxa yokuzimise­la kwakhe ukuthola impumelelo. Unozibusis­o umthembise ukuthi uyombusisa ekungeneni nasekuphum­eni."

*Siyoyiqhub­a ngelizayo

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa