Akekho ongamthandi unompumelelo nodadewabo
KUYANGIJABULISA ukuhlangana nabantu abathi bayayithakasela le ngosi yethu yokuhlakula ingqondo.
Okungijabulisa kakhulu wukuthi ngabantu abancane, iningi labo elisafunda ezikoleni, abasazilungiselela ukuphasa umatikuletsheni wabo, abayithokozela kakhulu.
Ngihlangane nensizwa yakwaMwandla laphaya emgungundlovu, nesuke ngaphesheya komgwaqo, yathi ngoba nakhu ingibona ngimi nenye insizwa, yeza ukuzongazisa ukuthi kayiphuthwa yile ngosi futhi iyawagcina amaphephandaba ayo ukuze ihlale izikhuthaza ngale miyalezo. Ngiyazibongela kakhulu.
Ngake ngabhala eminyakeni edlule ngesiphalaphala esinguNompumelelo. Lena yintokazi ya- kwabo ethandwa yibona bonke abantu emhlabeni kodwa ongeke waphiwa lutho okusesandleni sayo, uma ungenabo ubudlelwano obuhle nodadewabo.
Indlela yokuthi ubonakale umuhle kuyo wukuba ube nobudlelwane obuhle nezintokazi zakwabo, kwesinye isikhathi okungelula ukuba yilokhu ezikudingayo.
Phela odadewabo laba bangukhiye ukuze ikwemukelise impumelelo intokazi le eyisiphalaphala, nethandwa yiwona wonke umuntu.
Isibonelo, sisenze ngomfana ogama lakhe ungumnqobi nowayelangazelele impumelelo kuyona yonke into ayenzayo futhi elalela kunoma yini ayexwayiswa ngakho, ekhuliswa nguninakhulu, ababelokhu behlale naye kusukela kwashona abazali bakhe lo mfana.
Njalo ekuseni wayenesikhathi sakhe sokuthandaza futhi enza isiqiniseko sokuthi uyazibalula izinto ayelangazelele ukuphumelela kuzo. Lo mfana, obonakala emuhle ngezenzo zakhe, ongumnqobi, ubekhula nomunye umfana yena owayebizwa ngosahluleki.
Umehluko kumnqobi nosahluleki kwakungukuthi usahluleki wayehluleka ngayo yonke indlela ukufeza izimiso nokujabulisa odadewabo kanompumelelo njengoba kuwumgomo ongaguquki wale ntokazi.
Umnqobi wabe engafisi kubalelwa ngisho kokukodwa ayengase ajabhise ngakho lezi zintokazi njengoba kwakuyizona ezinendima enkulu ekutheni unompumelelo umthole abe ngowakho nawe.
Udadewabo kanompumelelo, okunguyena ozilanda zonke kwakunguqiniso, ngoba wayekholwa wukuthi udadewabo omdala ubethi noma esebezwile abanye kodwa azoqinisekisa ukuthi kuyiqiniso kangakanani akuzwayo.
Lokhu kusho ukuthi iqiniso lingujikelele kunoma yini esiyishoyo nesiyenzayo. Nguyena osasixoxela nanamhlanje. Langa limbe samema uqiniso ukuba azosikhinindela izindaba ezithinta umnqobi nabo bonke odadewabo, ikakhulukazi unompumelelo.
Waqala kanje: "Igama lami nginguqiniso. Ngizokuxoxela ngoMnqobi, isimanga somfana ongakhathali, ozimisela ngendlela emangalisayo kuyona yonke into ayenzayo.
Umnqobi nakuba eyintandane kodwa ukuba yisilomo kwakhe kubona bonke odadewethu, kumenze wangaconsa phansi nakwigugu lakithi elingudadewethu, unompulelelo. Ngenxa yokuthi wakwazi ukungenelisa mina ngobuqotho bakhe, lokhu kumenze waba negama elihle kulowo oyiwele lami unokwethemba.
Kwakuthi noma efika kunokubekezela, kwabonakala ukuthi ungumfana onomgogodla wendoda, okwazi ukuma noma kunezivunguvungu kangakanani.
Lokhu kumenze wathola uphaphe lwegwalagwala kudadewethu, unozibusiso, othe nje uyohlale enaye njalo kukhona konke akwenzayo ngenxa yokuzimisela kwakhe ukuthola impumelelo. Unozibusiso umthembise ukuthi uyombusisa ekungeneni nasekuphumeni."
*Siyoyiqhuba ngelizayo