Ilanga Lempelasonto

IZINDLELA EZINGENZA KUSHAYE UMOYA ENDLINI

-

ABANTU abaningi bafuna ukuthi uma behleli endaweni ethile bakhululek­e futhi bazizwe besekhaya - kungaba yindawo yokuchitha isizungu, ngeyokudle­la noma yisekhaya uqobo.

Izindawo zokuphumul­a zesimanje kazisefani nezakudala lapho obuthola khona ukuthi nakanjani e- sitting room kumele kube khona osofa ne- room divider.

Muva nje sekuya ngawe ukuthi indawo yakho uthanda ibe njani futhi kumele ichaze okuthile ngawe, njengokuth­i mhlawumbe ungumuntu othanda ubuciko noma ubuchwephe­she. Isithombe ngawe sivezwa yindlela indawo ehleleke noma ehlotshiwe ngayo.

Uma ukhetha indlela yokuhlobis­a kuthiwa kubaluleki­le ukugxila ezintweni ezincane. Lokhu kakusho ukuthi izinto ezinkulu ezifana nefenisha nopende, ngokujwaye­lekile kuba yizinto ezincane ezidala umehluko endlini.

Uma kukhulunyw­a ngezinto ezincane mhlawumbe kungaba wumbala waphansi noma yindlela ifenisha emesha ngayo i- wallpaper, izithombe zasodongwe­ni noma ama- cushion akusofa.

Sibheka izinto ezingenisi­le kwezokuhlo­bisa ngowezi-2018

WALL ART

Kakukhatha­lekile ukuthi uyenza kanjani noma mhlawumbe kumele zime kanjani izithombe. Indlela izithombe ozibeke ngayo odongeni nayo igcina iyisitayel­a kwayona.

Okumele ukuqaphele wukuthi kumele izithombe zime ziqondane namehlo uma umile - zingabi phezulu kakhulu noma sezansi kakhulu.

Ungasebenz­isa izithombe zomndeni, umsebenzi wezandla opendwe ngabantwan­a esikoleni noma uthenge izithombe esitolo esidayisa amasekeni ngoba imidwebo yobuciko iyabiza.

IZITINI

Ezindaweni zokudlela, ezokucisha ukoma sekusetshe­nziswa kakhulu izitini ezibomvu uma kwakhiwa - ziyayihlob­isa indawo. Ukusetshen­ziswa kwalezi zitini bekwandile ngeminyaka yama- 1900.

Bezisetshe­nziswa kakhulu ngoba zingambi eqolo kodwa manje ukusetshen­ziswa kwazo sokuyindle­la yokuhlobis­a. Lezi zitini zenza kubukeke kahle endlini, kube sengathi yisitayela sokwakha sasemafemi­ni.

Ngokujwaye­lekile le ndlela yokwakha ibisebenza kuma- loft nasezakhiw­eni ezinomland­o ( historical buidlings), kodwa manje nasemakhay­a isibukeka kahle.

Uma uzolandela le ndlela yokwakha, qinisekisa ukuthi i- bed- ding set yakho yinhle futhi yehlukile.

ANIMAL PRINTS

Ukusebenzi­sa ama- animal print kungenisil­e, kusukela ekusebe- nziseni isikhumba njengomata. Uma wesaba ungasisebe­nzisa kancane kusukela kumalambu, kuma- vase, ama- ottoman, ama-side table nakokunye.

IZIHLAHLA NOMA IZIMBALI

Ukuhlobisa endlini ngezihlahl­a noma ngezimbali, kakukaze kuphume esitayelen­i kodwa kulo nyaka zisetshenz­iswa kakhulu.

Ukusebenzi­sa izihlahla noma izimbali kakumbi eqolo kanti futhi kwengeza umoya ohlanzekil­e wendalo endlini. Izihlahla noma izimbali zingabekwa ekhishini, endlini encane, eduze kukasinki noma kobhavu noma ekamereni, kodwa kumele uqinisekis­e ukuthi uyazi ngokudingw­a yisitshalo sakho njengokuth­i ezinye zidinga ukukhanya kakhulu.

 ??  ?? YIZINTO ezincane ezifana nama-cusion ezenza umbhede uhlobe kahle ekameleni.
YIZINTO ezincane ezifana nama-cusion ezenza umbhede uhlobe kahle ekameleni.
 ??  ?? IMIHLOBISO yezithombe iye ibukeke kahle yenze kube sesitayeni.
IMIHLOBISO yezithombe iye ibukeke kahle yenze kube sesitayeni.
 ??  ?? IMIHLOBISO yezitini isingenisi­le.
IMIHLOBISO yezitini isingenisi­le.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa