1. ANGIKUTHOLI UKUJABULA
PASTOR, igama lami ngingufortune. Ngineminyaka engama-23. Nginenkinga, selokhu ngaba khona emhlabeni angikaze ngithole ukujabula empilweni yami. Akukho okungilungelayo. Ngicela usizo.
IMPENDULO: Ngiyazwelana nawe ebuhlungwini obhekene nabo. Kodwa-ke kufuneka sizifundise singabantu ukuthi injabulo yethu ingaqhamuki kwabanye abantu. Ngingathanda ukuba sixoxe kabanzi - angazi ukuthi yiziphi izinto esezike zakwehlela kodwa kubukeka sengathi ukhula nayo le nkinga.
Ukuxoxa kwethu kabanzi kuzongisisa ekutheni ngibone ukuthi kufanele ngiqalephi nokwelapha le nkinga. Ngiyafisa singabantu sizifundise ukuba injabulo yethu inganciki kwabanye abantu kodwa sikwazi thina ukuzijabulisa bengakafiki abanye ngoba mhlawumbe kunabantu abakuphoxa empilweni bese impilo uyibuka ngalokho kuphoxwa.
Ngiyafisa ukwazi iziwombe ezakwehlela lezi ezidala ungabi nakho ukujabula empilweni. Ukhulumisa okomuntu okungathi akanamuntu oseceleni kwakhe, angathembela kuye. Ngingajabula ungithinte enombolweni yami kamakhalekhukhwini engezansi. into enhle ngomyeni wami, ulungile kodwa selokhu ngashada naye uyaphinga kakhulu uze ajole nezingane ezincane, uma ngimbuza uthi uphuza nazo, uhlala njalo exolisa.
Ngimbambile eminyakeni emithathu eyedlule wathi usezinikela enkonzweni, wayeka notshwala, ngaqala ukumemukela kodwa kulezi nsuku uvele wabuya ebusuku ebuhlabile, walandelwa wucingo luvela entombini, waphuka-ke umoya wami.
Sengihlale ngimbona eyinto embi phambi kwami. Ngimbuzile ujehova ukuthi sekuyiyona mpilo afisa ngiyiphile manje uma engayithandi idivosi.
IMPENDULO: Ngiyafisa ukwazi mama ukuthi uma uthi ulungile usho ukuthini emva kwalezi zinto ezinje othi uyazenza. Kodwa ke ngenxa yokuthi ushadile umshado kumele uhlonishwe, nabantu abahleli kuwo bahloniphane.
Ngesinye isikhathi kuyadingeka ukuba ukhumbule futhi uxhumane nomfundisi owanishadisa ongakwazi ukungenelela kulolu daba. Uma engekho, nathi sikhonela khona lokho ukukhuza nokweluleka ukuthi othandweni kumele sihlale ngokuthula, sihloniphane futhi siphathane kahle.
Uma-ke abantu abashadile sebenza noma yikanjani, ukuhloniphana kusuke kungasekho lapho.
Eyokuthi ubaba ucwile kakhulu ezinkambeni zikafaro ngeke ngakhuluma kakhulu ngayo ngoba umuntu uzikhethela yena ukuthi ufuna ukuphila yiphi impilo.
Leyo idinga ukuba kuhlalwe naye phansi ayalwe ukuthi noma kungenzeka athinte kodwa makakuhloniphe, angakuhlukumezi.
Into esengiyifundile empilweni wukuthi umuntu uma esenqumila ukuphila leyo mpilo akulula ukuba umshintshe, ngezinye izikhathi kudingeka umamukele.
Kodwa-ke kungenzeka ukuba futhi kukhona izinkinga ezithile naye abhekene nazo ezingaholela kule ndlela yokuziphatha kwakhe.
Yingakho ngesinye isikhathi kubalulekile ukuba nifune usizo nakubeluleki babantu abashadileyo nakubeluleki bezengqondo. Kuyalwengeza usizi ukucabanga ukuthi umuntu ohleli naye usazoshintsha.
Ubombuza ngenhlonipho ukuthi uyaludinga yini usizo ngoba kubuhlungu ukusiza umuntu ongalidingi usizo. Abantu abaningi abenza kabi ababoni ukuthi bayaludinga usizo.
*Kubo bonke abafundi bephephandaba lethu ILANGA, siyafisa ukuthi sisizane futhi ngiyafisa ukuniphendula nonke kepha ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akulula ukunibamba nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhuluma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhulekweni.
*Upastor Sthembiso Zondo ngumeluleki nomethuli wezinkulumo ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazayo ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinkinga zempilo nezothando KWILANGA Langesonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiyela nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsapp: 082 070 8034.