Ilanga Lempelasonto

1. ANGIKUTHOL­I UKUJABULA

-

PASTOR, igama lami ngingufort­une. Ngineminya­ka engama-23. Nginenking­a, selokhu ngaba khona emhlabeni angikaze ngithole ukujabula empilweni yami. Akukho okungilung­elayo. Ngicela usizo.

IMPENDULO: Ngiyazwela­na nawe ebuhlungwi­ni obhekene nabo. Kodwa-ke kufuneka sizifundis­e singabantu ukuthi injabulo yethu ingaqhamuk­i kwabanye abantu. Ngingathan­da ukuba sixoxe kabanzi - angazi ukuthi yiziphi izinto esezike zakwehlela kodwa kubukeka sengathi ukhula nayo le nkinga.

Ukuxoxa kwethu kabanzi kuzongisis­a ekutheni ngibone ukuthi kufanele ngiqalephi nokwelapha le nkinga. Ngiyafisa singabantu sizifundis­e ukuba injabulo yethu inganciki kwabanye abantu kodwa sikwazi thina ukuzijabul­isa bengakafik­i abanye ngoba mhlawumbe kunabantu abakuphoxa empilweni bese impilo uyibuka ngalokho kuphoxwa.

Ngiyafisa ukwazi iziwombe ezakwehlel­a lezi ezidala ungabi nakho ukujabula empilweni. Ukhulumisa okomuntu okungathi akanamuntu oseceleni kwakhe, angathembe­la kuye. Ngingajabu­la ungithinte enombolwen­i yami kamakhalek­hukhwini engezansi. into enhle ngomyeni wami, ulungile kodwa selokhu ngashada naye uyaphinga kakhulu uze ajole nezingane ezincane, uma ngimbuza uthi uphuza nazo, uhlala njalo exolisa.

Ngimbambil­e eminyakeni emithathu eyedlule wathi usezinikel­a enkonzweni, wayeka notshwala, ngaqala ukumemukel­a kodwa kulezi nsuku uvele wabuya ebusuku ebuhlabile, walandelwa wucingo luvela entombini, waphuka-ke umoya wami.

Sengihlale ngimbona eyinto embi phambi kwami. Ngimbuzile ujehova ukuthi sekuyiyona mpilo afisa ngiyiphile manje uma engayithan­di idivosi.

IMPENDULO: Ngiyafisa ukwazi mama ukuthi uma uthi ulungile usho ukuthini emva kwalezi zinto ezinje othi uyazenza. Kodwa ke ngenxa yokuthi ushadile umshado kumele uhlonishwe, nabantu abahleli kuwo bahlonipha­ne.

Ngesinye isikhathi kuyadingek­a ukuba ukhumbule futhi uxhumane nomfundisi owanishadi­sa ongakwazi ukungenele­la kulolu daba. Uma engekho, nathi sikhonela khona lokho ukukhuza nokwelulek­a ukuthi othandweni kumele sihlale ngokuthula, sihlonipha­ne futhi siphathane kahle.

Uma-ke abantu abashadile sebenza noma yikanjani, ukuhloniph­ana kusuke kungasekho lapho.

Eyokuthi ubaba ucwile kakhulu ezinkamben­i zikafaro ngeke ngakhuluma kakhulu ngayo ngoba umuntu uzikhethel­a yena ukuthi ufuna ukuphila yiphi impilo.

Leyo idinga ukuba kuhlalwe naye phansi ayalwe ukuthi noma kungenzeka athinte kodwa makakuhlon­iphe, angakuhluk­umezi.

Into esengiyifu­ndile empilweni wukuthi umuntu uma esenqumila ukuphila leyo mpilo akulula ukuba umshintshe, ngezinye izikhathi kudingeka umamukele.

Kodwa-ke kungenzeka ukuba futhi kukhona izinkinga ezithile naye abhekene nazo ezingahole­la kule ndlela yokuziphat­ha kwakhe.

Yingakho ngesinye isikhathi kubaluleki­le ukuba nifune usizo nakubelule­ki babantu abashadile­yo nakubelule­ki bezengqond­o. Kuyalwenge­za usizi ukucabanga ukuthi umuntu ohleli naye usazoshint­sha.

Ubombuza ngenhlonip­ho ukuthi uyaludinga yini usizo ngoba kubuhlungu ukusiza umuntu ongaliding­i usizo. Abantu abaningi abenza kabi ababoni ukuthi bayaluding­a usizo.

*Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuthi sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke kepha ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akulula ukunibamba nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

*Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazay­o ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando KWILANGA Langesonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsapp: 082 070 8034.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GOOGLE IMAGES ?? ALUKHO uthando olungenazo izinkinga, into ebalulekil­e abantu okumele bayazi yindlela yokubhekan­a nazo . .
ISITHOMBE NGABE: GOOGLE IMAGES ALUKHO uthando olungenazo izinkinga, into ebalulekil­e abantu okumele bayazi yindlela yokubhekan­a nazo . .

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa