Ilanga Lempelasonto

2. SESIZAME SAHLULEKA UKUXAZULUL­A IZINKINGA

- PASTOR STHEMBISO ZONDO

PASTOR, njengomzal­i nomfundisi mhlawumbe nesintu ungaba nolwazi lwaso. Kunenkinga emndenini engizalwa kuwo. Kunezinto okuthiwa zonakala ziyalungis­wa maqondana nabangasek­ho kepha umehluko awukho. Kukhulekiw­e kodwa umehluko awukho. Iyiphi enye indlela okungaphin­de kuzanywe ngayo? Ngiyafisa nokuvakash­a ebandleni lakho.

IMPENDULO: PASTOR, bengicela usizo kuwe njengomunt­u oxhumene nosaziwayo. Indodakazi yami isemkhakhe­ni wezomculo. Bengifisa ukuyixhuma­nisa nabantu abazoyiwel­isa ikwazi nokucula ezinhlelwe­ni zomasipala.

IMPENDULO: banga ngezinto ezimbi zodwa, sengesaba ngisho ukuphumela ngaphandle. Ngisize mfundisi, umphefumul­o wami awuphumule.

IMPENDULO: Ngiyazwela­na nawe dadewethu. Ngenxa yokuthi seninengan­e nomfowethu, ngiyacaban­ga ukuthi inkinga onayo iyadinga ukuba kuhlangane abakubo abadala nabakini, kubonakale ukuthi singayixaz­ulula kanjani.

Kodwa masikuqaph­ele ukuthi eyokugula kwakhe ngekhanda ngeke sayishints­ha, kumele silaphe wena kakhulu ukuthi nawe ungaphanja­nelwa yikhanda kangangoku­thi munye umuntu uze afise ukuzibulal­a uma ebhekene nalesi simo sakho. Manje-ke ngeke kwalunga uma senizophan­janelwa ngamakhand­a nobabili. Ngiyafisa ukwazi ukuthi uhlalaphi noma sixoxe ocingweni. lisiwe uthando kodwa kukhona la ekusiza khona? Abanye abantu bathi behlupheka othandweni kodwa baqhubeke bahlale, hhayi ngoba besuke besathanda ukuhlala kodwa kusuke sekungenxa yokuthi bancenge okuthile.

Uma umuntu eke wakubona ukuthi uncengile, ukuphatha kabuhlungu ukudlula isilwane. Akufuneki ukuthi uma usothandwe­ni uhlukumeze­ke noma ngayiphi indlela.

Ngiyacela uxhumane nami ukuze sizokwazi ukulaphana ngoba ngiyacaban­aga ukuthi njengoba mhlawumbe uhleli, kukhona okukuhlali­sile obona ukuthi ngaphandle kwakho ngeke ukwazi ukuphila.

Lo mlisa ukhombisa ngokusobal­a ukuthi akakudingi phambi kwakhe. Kufuneka ngesinye isikhathi uzibonele ukuthi akasakudin­gi umuntu empilweni yakhe.

Ngeke samuqulisa icala futhi ngeke samenza ukuthande ngenkani uma esenqumile ukuthi akakudingi.

Kunabantu abanesihlu­ku la mnyango othi uma esekuhluku­meza ungakholwa ukuthi nguye lo owakushela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa