Ilanga Lempelasonto

Useyisilom­o ngakubo umshunqisi

- SANDILE MAKHOBA

USEPHENDUK­E usaziwayo ngakubo umculi wegqom’ ofike ngezinkani, udladla Mshunqisi.

Lesi silomo, esivutha singabasel­iwe, sitshele leli phephandab­a ukuthi besingalin­dele ukuthi abantu bangakubo, Kwamashu, sebengasit­hatha njengosazi­wayo ngoba sikhule phambi kwabo.

Ngemuva kokuphuma kwengoma yakhe esihloko sithi: “Pakishani” ngesonto eledlule, uthi kwenzeke izimanga efika kwenye indawo ngakubo, abantu bamjabulel­a ngendlela eyinqaba.

“Ngethukile ngempela ngesikhath­i ngifika e- car wash ngasekhaya, ngibona abantu engibajway­ele befuna ukushu-tha nami,” kusho umshunqisi.

Uthi akagcinang­a lapho kodwa udlulele e-artizen, khona

Kwamashu, nakhona kwaba ngesifanay­o, abantu bathi mbo kuyena kwaze kwalekelel­a onogada.

Ngesikhath­i ekhuluma nentatheli ubeze ashaye itemu lakhe ethi “Ingami le nto”. Uthi abalandeli bakhe sebemfakel­a ingcindezi, bathi makakhiphe i- album egcwele.

“Ngeke ngiphike negcindezi engiyifake­lwa ngabantu, kumele bakuqonde ukuthi ingami le nto kulo nyaka ngakho-ke asikho isidingo sokujaha ngoba angiyi ndawo,” kuchaza umshunqisi.

Uthi awukho umcimbi asawuhleli­le njengamanj­e ozoba ngakubo ngenhloso yokuzethul­a kubantu bendawo. Nosenzo Shezi, ongesinye sezikhulu e-afrotainme­nt, okuyinkamp­ani akhiphe ngaphansi kwayo umshunqisi, uthi akukabi bikho mcimbi inkampani ewuhlelile kodwa basazohlan­ganisa amakhanda nodj Tira, ongumphath­i wenkampani.

“Ingoma kadladla iphakame singalinde­le sonke ngakho-ke sisazohlal­a phansi nomphathi UDJ Tira sibone ukuthi siyethula kanjani le ngoma ngakubo umshunqisi,” kuchaza usenzo. Ngaphandle kwale ngoma zikhona ezinye izingoma ezinomshun­qisi okubalwa kuzo nekatipcee ethi “Batshele”.

 ??  ?? NGUMNU Eduard Coetzee oyi-coo yamasharks, umnu Vukile Zondi oyimd yegagasi FM nomnu Sise Rugby Union.
NGUMNU Eduard Coetzee oyi-coo yamasharks, umnu Vukile Zondi oyimd yegagasi FM nomnu Sise Rugby Union.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa