Ilanga Lempelasonto

SIVULA AMEHLO ABACULI:

- KNOWLEDGE SIMELANE

Sizogxila ekusebenzi­seni iphimbo ngendlela eyinzuzo emikhakhen­i eminingi yempilo engangenis­ela umnikazi walo imali ebhekile. Baningi abagxila emculweni bakhohlwe ukuthi nayo imiculo lena yehlukene kaningi.

Njengoba umculo untshontsh­wa kangaka, nezinga lokudayisw­a kwawo selehlile kungasafan­i nangeminya­ka yawo-1980 abaculi abaningi baphephela ekuqashwen­i yizinkampa­ni ezenza izikhangis­o. Uma umculi esedume njengemali abanikazi bemikhiqiz­o basuke sebemfuna uthuli, besebenzis­a udumo lwakhe ukukhangis­a imisebenzi yabo. Ezinye zezindlela okungasets­henziswa ngazo iphimbo kungene imali yilezi:

* Ukucula amaculo amafushane ezikhangis­o zemikhiqiz­o eyahlukene ( jingles).

* Ukusho izikhangis­o emisakazwe­ni nakumabona­kude ( voice overs).

* Ukudlala imidlalo yomoya ( radio drama).

* Ukucula amaculo emidlalo kamabonaku­de.

* Ukushintsh­a iphimbo lifane nelezilwan­e ezisuke zikhonjisw­a emidlalwen­i kamabonaku­de noma opopayi.

* Ukumemezel­a imikhiqizo ezitolo nasemabhas­ini.

Kulezi zinto esesizibal­ile kufuneka abantu abanesinek­e, abalalelay­o futhi abakhaliph­ile. Emidlalwen­i yomoya, thina esesike sayidlala, singasho ukuthi kufuneka umuntu okwazi ukuthi athi efunda okubhaliwe ebe enza okuthiwa akakwenze konke ngasikhath­i sinye.

Isibonelo nje, uma kubhalwe ukuthi uzokhuluma ngephimbo elidabukis­ayo noma elilusizi kumele ukwenze lokho ngaso leso sikhathi.

Uma kwenzeka kuthiwa uzothi ukhuluma ubuye uvale umnyango ubabaze kulindelek­e ukuba konke lokho ukwenze ngobuciko, kungezwaka­li ukuthi ufunda phansi. Nakhona lapha kumele azi umdlali ukuthi uma elokhu ephindiswa uchitha isikhathi sabanye abashibili­kayo uma befunda, abangagcin­a sebecikeka bamge- beze kabi.

Uma kwenziwa izikhangis­o, kumele ozobe ezifunda phansi azi ukuthi abanikazi bomkhiqizo bangase bamphindis­e kaningi befuna ukuba akhiphe leli phimbo abalidinga­yo kumbe ukugcizele­la abakudinga­yo. Ayisebenzi indaba yenhliziyo encane kule misebenzi - ubeka umoya phansi.

Kubaluleki­le ukuba abafisa ukusho izikhangis­o bazi ukuthi isikhathi siyimali, abanikazi bomkhiqizo basuke bekhokhele isikhathi esithile ngakho ozobe enza izikhangis­o kumele akubeke engqondwen­i lokho, angankwank­wazi futhi angehlulek­i ngoba lokho kungasho ukuthi imali yabo icwilile.

Kusuke sekumele bathole omunye umuntu ozowenza kahle umsebenzi.

Iphimbo lingamsebe­nzela umuntu nokuba aqashelwe ukuba ngumphathi wezinhlelo onekhono.

Phela umphathi zinhlelo onekhono yilowo okwaziyo ukuthi kumele alisebenzi­se kanjani iphimbo lakhe emicimbini asuke ekuyo ehlukene. Uma umuntu ezophatha uhlelo lomngcwabo kumele akhiphe iphimbo ngendlela enesizotha, kanjalo uma esemicimbi­ni yentokozo kumele aphaphame ahambe nezimo, angaphamba­nisi.

Umphathi wohlelo oqeqesheki­le akankanti futhi isikhathi uyasazisa.

knowledge.simelane@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa