UBIZA MALINI UMPHEFUMULO WOMUNTU?
ALL THE MONEY IN THE WORLD
UMQONDISI: Ridley Scott ABADLALI ABAPHAMBILI: Michelle Williams (Gail Harris-ill’s Mother), Christopher Plummer (J Paul Getty-ill’s Grandfather), Mark Wahlberg (Fletcher Chase-advisor), Romain Duris (CinquantaOne of the Abductors)
UHLOBO: Biopic, Crime, Drama, Mystery, Thriller
IMINYAKA: 16 D/L/V UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha
U-PAUL J Getty ungusozigidigidi ongumkhulu kajohn Paul Getty III othunjwe yizigelekeqe erome. Lezi zigebengu zifuna u-$17 million ukuze zimdedele. Ziyabekezela ngesikhathi zisalinde imali kanti ngapha kubo kwamthunjwa kunomdonsiswano ngokukhokhwa kwale mali.
Ukubambezeleka kwenkokhelo kuholela ekwenzekeni kwephutha lokuba umzukulu, lo agcine ebona ubuso bomunye wabathumbi bakhe, bagcine bembulala ozakwabo ngenxa yalesi senzo esiwubulima.
Ukubulawa kwakhe yikhona okuholela abaphenyi emkhondweni walapho kucashe khona izigebengu ezingabathumbi. Ekufikeni kwabo kule ndawo, kufa abanye babathumbi kanti umthunjwa akabonwa nangokhalo, usedayiselwe ezinye izigelekeqe ezingezwa mshini.
Bagcina behlisa imali ifinyelela ku-$4 million. Kumele unina azame ngayo yonke indlela ukuthola le mali kuyise ukuze akhokhele ukukhululwa kwendodana yakhe. Ekugcineni uyakubona ukujula kothando okudlula indaba yemali.
IMPELASONTO edlule yomhlaka-2-4 March iphele iblack Panther iphambili emafilimini ayishumi abehamba phambili ngokubukwa kodwa ijumanji: Welcome to the Jungle ibiphambili ngokufaka imali ngokusho kwabakwaster Kinekor Entertainment: R61 528 418. Lumi kanje selulonke lolu luhlu:
1. BLACK PANTHER 2. FIFTY SHADES FREED
3. GNOME ALONE
4. GAME NIGHT
5. RED SPARROW
6. JUMANJI: WELCOME TO THE JUNGLE 7. TAD, THE LOST EXPLORER AND THE SECRET OF KING MIDAS
8. THREE BILLBOARDS OUTSIDE EBBING, MISSOURI
9. RAAISELKIND
10. GREATEST SHOWMAN
zowakha@ilanganews.co.za