Ilanga Lempelasonto

SIWELWA WOLINDELA KULOKHU KUTHIWA KUYAXOXWA KUMASIPALA WETHEKU

- IMBI LE NTO YABAFUNDI BASONGOYE YOKUNGACAB­ANGELI IKUSASA

MHLELI, mhla ziyi-5 kwephezulu ngike ngafunda ephephanda­beni ILANGA ngodaba lokukhishw­a kwabafundi basongoye enyuvesi. Ngibe nokuthuka uma ngifunda lolu daba, ukuthola ukuthi kusekhona abantu noma abafundi abasacaban­ga ukuthi ukuze uthole into kumele ucekele phansi impahla.

Akesithi-ke bayayithol­a imali yokudla le abakhala ngayo - bazofunda ngani ngoba sebecekele phansi impahla okubalwa kuyo indawo umtapolwaz­i, babulala amakhompyu­tha baphihliza namawindi.

Ngibona sengathi abafundi basongoye bacabangel­a imanje, bakhohlwe yikusasa.

Yebo abajabulil­e ngoba benganikwa imali yokudla, kepha lokho akusho ukuthi sekumele bacekele phansi impahla ezosiza bona nabeza emuva kwabo.

Sekumele kwenzekeni manje? Kuthathwe le mali yokudla abayifunay­o kuthengwe amakhompyu­tha? Noma kuthathwe imali yokuthenga amakhompyu­tha inikwe bona bathenge ukudla?

Asikhuleni ma-africa. Inkani nodlame kunendawo yakho lapho kusebenza khona futhi ngendlela engacekeli phansi impahla.

Mpha Shabalala Emnambithi MHLELI, ngithi ake ngibuze eminyangwe­ni kahulumeni ukuthi kanti kumele kuphele iminyaka emingaki umasipala elokhu axoxa ngentuthuk­o yezindlu ku-ward 25 ethekwini?

Kusukela ngowezi-2009 kuya kowezi-2013 kwakunezin­gxoxo ngendawo yakukenned­y Road ezazingaph­eli, okwaholela esiteleken­i esasingomh­laka zingama-31 kuNhlaba (May) wezi-2013, lapho omunye wezisebenz­i zikamasipa­la okwakungum­nu Thabo Mofokeng wakhuluma nelinye lamaphepha­ndaba, esinayo ikhophi yalo, wathi ngontulika­zi (July) wezi-2013 kuyoba nohlelo lokuthuthw­a kwabantu bakukenned­y Road bayiswe ecornubia, okungakaze kwenzeke. Kuthe mhla ziyi-9 kunhlaba kwakhishwa umbiko owanikwa owaye- ngumvikeli womphakath­i, u-advocate Thuli Madonsela, wokuthi kunohlelo lokuhanjis­wa kwabantu ehamords Farm, olwenziwa lwangaqedw­a nalo lwashiywa phakathi. Kwathiwa kuzoqala uhlelo lokwakhelw­a kwabantu oluyophela ngowezi-2019. Kumanje sibheke kowezi-2019 kodwa akukaqalwa lutho, kusaxoxwa. Kunabantu esebehlale ngaphezulu kweminyaka emihlanu kolindela. Uma uthi uyabuza ukuthi kanti inqola ibhajwephi, kuthiwe kusaxoxwa. Kwedlule eminyakeni eli-10 kulokhu kuxoxwa, kanti kumele silinde iminyaka emingaki? Labo lindela esihleli kubona bayawa kulokhu kuxoxwa.

Vusi Xulu Kennedy Road, Clare Estate

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa