SIWELWA WOLINDELA KULOKHU KUTHIWA KUYAXOXWA KUMASIPALA WETHEKU
MHLELI, mhla ziyi-5 kwephezulu ngike ngafunda ephephandabeni ILANGA ngodaba lokukhishwa kwabafundi basongoye enyuvesi. Ngibe nokuthuka uma ngifunda lolu daba, ukuthola ukuthi kusekhona abantu noma abafundi abasacabanga ukuthi ukuze uthole into kumele ucekele phansi impahla.
Akesithi-ke bayayithola imali yokudla le abakhala ngayo - bazofunda ngani ngoba sebecekele phansi impahla okubalwa kuyo indawo umtapolwazi, babulala amakhompyutha baphihliza namawindi.
Ngibona sengathi abafundi basongoye bacabangela imanje, bakhohlwe yikusasa.
Yebo abajabulile ngoba benganikwa imali yokudla, kepha lokho akusho ukuthi sekumele bacekele phansi impahla ezosiza bona nabeza emuva kwabo.
Sekumele kwenzekeni manje? Kuthathwe le mali yokudla abayifunayo kuthengwe amakhompyutha? Noma kuthathwe imali yokuthenga amakhompyutha inikwe bona bathenge ukudla?
Asikhuleni ma-africa. Inkani nodlame kunendawo yakho lapho kusebenza khona futhi ngendlela engacekeli phansi impahla.
Mpha Shabalala Emnambithi MHLELI, ngithi ake ngibuze eminyangweni kahulumeni ukuthi kanti kumele kuphele iminyaka emingaki umasipala elokhu axoxa ngentuthuko yezindlu ku-ward 25 ethekwini?
Kusukela ngowezi-2009 kuya kowezi-2013 kwakunezingxoxo ngendawo yakukennedy Road ezazingapheli, okwaholela esitelekeni esasingomhlaka zingama-31 kuNhlaba (May) wezi-2013, lapho omunye wezisebenzi zikamasipala okwakungumnu Thabo Mofokeng wakhuluma nelinye lamaphephandaba, esinayo ikhophi yalo, wathi ngontulikazi (July) wezi-2013 kuyoba nohlelo lokuthuthwa kwabantu bakukennedy Road bayiswe ecornubia, okungakaze kwenzeke. Kuthe mhla ziyi-9 kunhlaba kwakhishwa umbiko owanikwa owaye- ngumvikeli womphakathi, u-advocate Thuli Madonsela, wokuthi kunohlelo lokuhanjiswa kwabantu ehamords Farm, olwenziwa lwangaqedwa nalo lwashiywa phakathi. Kwathiwa kuzoqala uhlelo lokwakhelwa kwabantu oluyophela ngowezi-2019. Kumanje sibheke kowezi-2019 kodwa akukaqalwa lutho, kusaxoxwa. Kunabantu esebehlale ngaphezulu kweminyaka emihlanu kolindela. Uma uthi uyabuza ukuthi kanti inqola ibhajwephi, kuthiwe kusaxoxwa. Kwedlule eminyakeni eli-10 kulokhu kuxoxwa, kanti kumele silinde iminyaka emingaki? Labo lindela esihleli kubona bayawa kulokhu kuxoxwa.
Vusi Xulu Kennedy Road, Clare Estate