Ilanga Lempelasonto

Ngabe bayizixhwa­nguxhwangu labo somabhizin­isi?

Kumele bakuqonde ukuthi ebhizinisi­ni kuyancinti­swana

- BHEKI NDLOVANA

SEKUKANING­I sizwa futhi sibona izigameko zodlame ezishaqisa­yo nezenyanye­kayo zokuhlasel­wa, kushaywe, kubulawe abashayeli bezimoto ezincane ezithutha umphakathi ezisebenza ngohlelo lwakwa-uber nolwakwa-taxify.

Akugcini nje lapho, kuze kuhlukunye­zwe ngisho abagibeli imbala njengoba sike sabona kwenzeka ezindaweni ezahlukene ikakhuluka­zi esunnyside, epitoli, nasesandto­n, egoli nakwezinye izingxenye.

Yisona lesi sizathu sokwanda kwezigamek­o ezingabeke­zeleleki okuholele ekubeni umphakathi ugcwale izitaladi epitoli ngoLwesihl­anu, ukhuza lolu dlame. Wudlame olungenasi­dingo lolu, othi uma ulandela isisusa salo, uthole ukuthi lususwa ngabantu abangogomb­ela kwezabo futhi abangakwaz­i ukucabanga ngokujilil­e nokusebenz­isa umqondo ngendlela ephusile.

Phakathi kwezinto esilokhu sizwa ukuthi bakhala ngazo abama- metered taxi, okuyibona esazi ukuthi kabahambis­ani nokusebenz­a kwabaseben­zisa uhlelo lwe-uber ne-taxify, wukuthi bathi babaqedela umsebenzi, bawisa ibhizinisi labo futhi babathathe­la namakilaye­nti.

Zikhona-ke nezinye izizathu abazibekay­o engingezon­gena kakhulu kuzona, kodwa lezi nje engizibalu­lile zikhombisa ngokusobal­a ukuthi sibhekene nenkinga yabantu abacabanga bangajuli futhi okuthi besebhizin­isini kodwa bahluleke wukuqonda izindlela eliqhutshw­a ngayo.

UKUNCINTIS­ANA

Bonke laba bantu abathutha umphakathi sibathatha njengabant­u abangosoma­bhizinisi abancane ngoba bayazisebe­nza, ngakho-ke wonke umuntu ongusomabh­izinisi kufanele ngabe uyakuqonda ukuthi emabhizini­sini kuyancinti­swana. Kufanele bakuqonde ukuthi ukuncintis­ana lokhu akusho ukuthi kuyaliwa.

Uma nje uya edolobheni noma enxanxathe­leni yezitolo, ufica izitolo ezidayisa imikhiqizo efanayo. Zonke lezo zitolo zihweba endaweni eyodwa - umthengi uphuma kwesinye angene kwesinye.

Asikaze sizwe kuthiwa sekuxabene upick ‘n Pay noshoprite, noma u-edgards nomr Price bebanga amakilayen­ti. Kuyenzeka nezindawo zokudlela ( restaurant­s) uthole ukuthi zisendawen­i eyodwa, zidayisa ukudla okufanayo, kodwa asikaze sibone abanikazi bazo sebekhiphe­lana imimese lena esidla ngayo iziteki, sebegwazan­a, basolane ngokuthi omunye untshontsh­a amakhasime­nde omunye.

Pho yini edala ukuba laba abathutha umphakathi balwe? Ngisala nombuzo othi ngabe lolu dlame luyinkomba yokuthi labo somabhizin­isi abahlasela abanye bayizixhwa­nguxhwangu noma bayizigebe­ngu?

Thina siwumphaka­thi sizobathem­ba kanjani ukuthi bazosifiki­sa siphephile lapho sifuna ukuya khona? Abacabangi yini ukuthi kungenzeka singabuye sisababhek­a nhlobo ngenxa yalezi zigameko zodlame?

MABAZINUKE AMAKHWAPHA

Empeleni indaba ayikho ku-uber noma ku-taxify kodwa ikubo ngqo abama- metered taxi. Kufanele bazinuke amakhwapha, bazibuze ukuthi uma bebalekelw­a ngamakilay­enti, ngabe lokho kudalwa yini. Okokuqala nje okufanele bakwazi wukuthi amakilayen­ti yiwona aneqhaza elikhulu ekuthuthuk­eni nasekuweni kwebhizini­si, yingakho kusemqoka ukuba ngaso sonke isikhathi liphathwe ngendlela efanele futhi egculisayo.

Umuntu onolwazi ngokuphath­wa kwebhizini­si uyazi ukuthi kubaluleki­le ukuphathwa kahle kwamakilay­enti futhi kusemqoka nokuthuthu­kisa ibhizinisi lakho lihambisan­e nezimfuno zomphakath­i osebenzisa amasevisi owahlinzek­ayo.

ISIFUNDO NOKUHLELEK­A KWEBHIZINI­SI

Uma usebhizini­sini kufanele uhlale ubheka njalo izindlela zokulithut­hukisa. Kufanele ngabe ukufika kuka-uber ne-taxify kwenze abama- metered taxi bazihlupha ngokuthi yini abangayenz­a kangcono ukuze ibhizinisi labo lingashaba­laliswa wukufika kwalobu buchwephes­he bo-uber no-taxify.

Okokuqala nje into esidonsayo singabagib­eli kwa-uber nakwa- Taxify, wukuthi imali yokugibela iphansi uma kuqhathani­swa nemali ekhokhwa kuma- metered taxi, futhi uthi ugibela nje usuke usukulinde­le ukuthi uzokhokha imali engakanani.

Ngaphezu kwalokho ibhizinisi lakwa-uber nelakwa-taxify lihleleke ngendlela ehambisana ngqo nezimfuno zamakilaye­nti. Kulula ukuthola imoto uma ufuna ukuhamba, futhi kunezindle­la zokukhokha ezahlukene ezilula njengoba bethatha namakhadi.

Enye yezinselel­o ngamameter­ed taxi wukuthi isikhathi esiningi kufanele ufune inombolo yalapho ungathola khona imoto, ushaye ucingo, ulinde ize ifike. Kuyenzeka kuthathe isikhathi eside esingaphez­u kwemizuzu engama-30 noma ngaphezu kwehora ingafikile.

Ngezinye izikhathi kuyenzeka utshelwe ukuthi kayikho imoto ekhona, zonke zisematasa. Okunye okufike kucasule wukuthi kuvele kufike imoto egugile ongazi noma izokufikis­a yini lapho uya khona noma cha. Ngaphezu kwalokho uthole ukuthi ingcolile, iyanuka.

Akuzona-ke izinto esizidinga­yo lezo singamakil­ayenti njengoba sengishilo ukuthi sidinga ukuphathwa ngendlela enenhlonip­ho.

Okunye futhi okungaba wumthelela wokubaleka kwamakilay­enti, wukuthi nemali ekhokhwayo ihluka kakhulu - yilowo mshayeli ubiza imali ayithanday­o, ikakhuluka­zi labo abangasebe­nzisi umshini wokubala ( meter).

Omunye umshayeli ethekwini ngake ngathi ngimbuza ukuthi kungani engibiza imali enkulu ngibe ngihamba ibanga elifishane wathi yingoba ngiyisivak­ashi edolobheni, esho ngivele ngihlala khona ethekwini. Kwangixaka nalokho ukuthi kungani izivakashi zibizwe imali eyeqile kwefanele.

Siyathemba nje ukuthi bonke abenzi bobubi bazobanjwa futhi bajeziswe, buqedwe nya lobu bugebengu. Uhulumeni namaphoyis­a kudingeka ukuba baqhamuke nesu lokuqinise­kisa ukuthi siwumphaka­thi siphephile njengoba nathi sithelwa ngamachaph­azelo.

 ?? ISITHOMBE NGABE: REUTERS/SIPHIWE SIBEKO ?? ZISHAQE iningizimu Afrika yonkana izindaba zokuthi imikhiqizo yenyama engaphansi kwenkampan­i itiger Brands, okuyi-enterprise Foods, yiyona okusolwa ukuthi ithwele igciwane ilisteria, eselibulal­e inqwaba yabantu abangaphez­u kwe-100. Kule mikhiqizo...
ISITHOMBE NGABE: REUTERS/SIPHIWE SIBEKO ZISHAQE iningizimu Afrika yonkana izindaba zokuthi imikhiqizo yenyama engaphansi kwenkampan­i itiger Brands, okuyi-enterprise Foods, yiyona okusolwa ukuthi ithwele igciwane ilisteria, eselibulal­e inqwaba yabantu abangaphez­u kwe-100. Kule mikhiqizo...
 ?? ISITHOMBE NGABE: THE CONVERSATI­ON ?? MKHULU umonakalo osudalekil­e ezigamekwe­ni zokuhlasel­wa kwabezimot­o ezincane ezithutha umphakathi ngohlelo lwe-uber nolwe-taxify.
ISITHOMBE NGABE: THE CONVERSATI­ON MKHULU umonakalo osudalekil­e ezigamekwe­ni zokuhlasel­wa kwabezimot­o ezincane ezithutha umphakathi ngohlelo lwe-uber nolwe-taxify.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa