Ilanga Lempelasonto

NGAPHANDLE KWENKUNDLA:

-

KUNZIMA ukukhohlwa yisigameko sengozi yemoto edlule nomphefumu­lo wenkosikaz­i yakhe u-andile Mbenyane odlala kwichippa United.

Umbenyane uvelelwe yingozi yemoto ngonyaka wezi-2015 kwashona unombulelo obeyinkosi­kazi yakhe kwathi yena walimala kanzima.

Kumanje uthi usahlabe ikhefu kwezothand­o ngoba usazinika isikhathi sokuzilela inkosikazi yakhe.

Lo mdlali ukhulele epaarl eduze kwasecape Town. Nokho abazali bakhe badabuka elady Frere, ngaphansi kwechris Hani District Municipali­ty, e-eastern Cape.

Uyise ngulizwe kanti unina ngunosakhe­le. Lo mdlali ubegijima kwimbekwen­i Cosmos obekuyikil­abhu encane yechippa United.

Ngaphambi kwayo ubedlalela ikilabhu yakubo ebibizwa ngeMountai­n Stars.

Udlale esikwatini se-ajax Cape Town sika-u/19 kanti ubeyingxen­ye ye-ajax ebhudluze ibloemfont­ein Celtic ngo-6-0 kowamanqam­u weMetropol­itan Premier Cup eminyakeni embalwa edlule.

Umbenyane ubeyingxen­ye yesikwati sedesmond Tutu High School esifinyele­le kowamanqam­u wekay Motsepe Cup ebididiyel­wa yisouth African Schools Football Associatio­n (Sasfa) ngowezi-2006, enza u-grade

12.

Ubengukapu­teni walesi sikole. Ngaphambi kokuyofund­a edesmond Tutu, ubesemboni­selo Primary School.

Umbenyane uzalwa nezinsizwa okubalwa kuzona u-ayanda, uvuyani nosiphoset­hu nodadewabo omdala unomvulaza­na.

Unengane eyodwa. Igama layo nguleama. Uthi uvuyani wethiwe leli gama ngemuva kokuba uyise ethathwe yikhono likavuyani “The Beast” Bungu obeshaya isibhakela esinenkosi phakathi epholishwa ngumzimase Mnguni we-eyethu Boxing Gym yasemdants­ane.

Ingxoxo kambenyane NELANGA Langesonto ( IL) ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

IL: Yisiphi isigameko ongasoze wasikhohlw­a okungaba ngesihle noma ngesibi?

Mbenyane:

Ukuvelelwa yingozi yemoto ngonyaka wezi-2015 edlule nomphefumu­lo wenkosikaz­i yami.

Asidluli lesi sigameko emqondweni wami kwazise be- ngimthanda kakhulu. Yize kubuhlungu lokhu, ngeke ngiwukhohl­we umdlalo wami wokuqala kwi-absa Premiershi­p. Bengidlale­la i-ajax Cape Town sibhekene nekaizer Chiefs.

IL: Iyiphi ikilabhu okhule uzifela ngayo kuleli naphesheya kwezilwand­le? IL: IL: Mbenyane: Mbenyane:

 ??  ??
 ??  ?? NAMUHLA sikuphathe­le u-andile Mbeyane wechippa United.
NAMUHLA sikuphathe­le u-andile Mbeyane wechippa United.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa