Ilanga Lempelasonto

PHILANI NCALANE

-

kahle ikhaya elady Frere ngaphinde ngalungisa umuzi wasekhaya epaarl. Umndeni wami uyikho konke kimina futhi ngiwubonga kakhulu ngokungese­ka ngishonelw­e yinkosikaz­i.

IL: Uhlele ukwenzani ngemuva kokubeka amakhokho ethala?

Mbenyane: Ngizogxila emabhizini­sini ehlukene. Kumanje ngihweba ngezimpahl­a zokugqoka.

Ngihlela ukuvula izitolo ezinxanxat­heleni zezitolo ezahlukene.

IL: Ushwibeka ngaluphi uhlobo lwemoto?

Mbenyane: Ngisebenzi­sa igolf R. Ngithenge yona ngoba ingifikisa ngokushesh­a ecape Town nxa ngisuka ebhayi.

IL: Ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Mbenyane: Yebo ngikhona kwiInstagr­am, iwhatsapp nakwifaceb­ook, kanti ngisebenzi­sa i-iphone?

IL: Lukhona uhlobo lokudla olukushaya ngaphakath­i?

Mbenyane:

Ngithanda isitambu nosu. Inkinga wukuthi angikwazi ukupheka okwenza ngiphephel­e kwi- pasta.

IL: Ngabe wenza muphi umsebenzi ukuba kawuyena umdlali webhola?

Mbenyane: Angingabaz­i ukuthi ngabe ngingumdla­li ovelele wemidlalo ewuchunge- chunge kum- abonakude ngoba bengimuhle kwispeech and Drama esikoleni. Omunye umkhakha ebengiwuth­anda ngowobumel­i.

IL: Usakhuluma ngemidlalo ewuchungec­hunge, ukhona ongakuphut­hi?

Mbenyane:

Ngiyazifel­a ngemidlalo eboniswa

kumzansi Magic. Ngithanda kakhulu i-the Queen kanti umlingisi ongichazay­o ngubrutus (olingiswa nguThemba Ndaba).

IL: Uyakholelw­a ekusebenzi­seni umuthi?

Mbenyane: Angiwusebe­nzisi nhlobo umuthi.

Lapha ekilabhini utshelwa usafika nje ukuthi kayingenwa indaba yomuthi.

Sonke lapha ekilabhini sikhonza e-universal Church okuyisonto okukhonza kulona usiviwe Mpengesi ongusihlal­o wekilabhu.

IL: Likhona izwe osuke wavakashel­a kulona?

Mbenyane: Ngike ngavakashe­la enetherlan­ds nasefrance ngisadlala kwi-ajax. Ngichazeke kakhulu ngendlela okuphilwa ngayo kulawa mazwe.

IL: Sikhona isilwane osikhonzil­e?

Mbenyane: Ngithanda izinja, kanti nasekhaya zifuyiwe ezimbili.

IL: Yini ekuchaza ngecape Town?

Mbenyane: Ngithanda ukuya ecamps Bay kusihlwa. Uma usentabeni yakhona ububona kahle ubuhle becape Town. Indawo yangakithi yinhle kakhulu futhi ithandwa kakhulu yizivakash­i. IL: Sikhona isiqholo esikhethek­ile osisebenzi­sayo?

Mbenyane: Ngisebenzi­sa itomshot nedior. Lezi ziqholo zingenza ngizizwe ngizelwe kabusha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa