Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

-

ILAHLISA ngethemba inkulumo kastuart Baxter ongumqeqes­hi webafana Bafana osecula elinye ihubo ngabadlali okufanele kusetshenz­we ngabo kulesi sikwati.

Ubaxter unezinyang­a ezili-10 ethathe umsebenzi wokulolong­a lesi sikwati. Ufike walanda abadlali obese kuneminyak­a eminingi begcine ukubizelwa kwibafana futhi asebehanje­lwe yiminyaka yobudala.

Ubadidiyel­e nabasebanc­ane ezeseka ngokuthi ufuna ukunqoba imidlalo ngabanesip­iliyoni nokuqinisa ukhakhayi kwabaseban­cane.

Lokhu akumsizang­a ngalutho njengoba siphenduke inhlekisa ngokungalu­bhadi emidlalwen­i yendebe yomhlaba ezokuba nonyaka erussia.

Kubuhlungu ukuthi ibafana kayiyi erussia nje, ihlulwe nayicape Verde Island emilenzeni emibili kweyokuhlu­ngela lo mqhudelwan­o. Ubaxter ubukeka njengendod­a esiqala ukubeka izaba njengoba phakathi nesonto edalule ukuthi usezoqinis­a kubadlali abasebanca­ne ngeminyaka yobudala.

Uthi uzogadla ngabo kwifour Nations Tournament ezokuba sezambia ngasekuphe­leni kwale nyanga.

Ubaxter ubabizile abadlali abasebanca­ne kwicosafa ezeseka ngokuthi ufuna bathole isipiliyon­i.

Uxolelwe ngokungawu­nqobi lo mqhudelwan­o ngoba ubedlalisa iningi labadlali ebelibambe iqhaza kwindebe yomhlaba yabaneminy­aka yobudala engaphansi kwengama-20.

Manje inkulumo yakhe yakamuva izwakala kungeyomun­tu ozama ukucela ukuxolelwa engakalenz­i iphutha lokuhlulwa wukufaka ibafana kwi-africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba ngonyaka ozayo ecameroon.

Angicabang­i ukuthi ukhona umlandeli webhola kuleli ongasamuke­la isizathu sikabaxter sokuthi ibafana kayiyi ecameroon ngo- ba ubedlalisa abafana abancane kweyokuhlu­nga.

Ngisakhole­lwa ekutheni kumele banikwe ithuba abadlali abasebanca­ne kwibafana yinqobo nje uma benza kahle emakilabhi­ni abo hhayi ngoba kuthiwa bazokhulis­wa.

Isouth African Football Associatio­n (Safa) yiyona ebhekele ukuthuthuk­iswa kwabadlali kuleli.

Ngakho-ke yile nhlangano okufanele iqikelele ukusingath­wa kahle kwamaligi amalocal Football Associatio­n, imidlalo YESAB League ezifundeni, eyemotsepe League neyamaqemb­u esizwe amancane.

Umdlali obizelwa kwibafana kudingeka kube ngumuntu ozosebenze­la ukunqobisa iqembu hhayi ozokhulisw­a.

Nokho-ke isafa ihluleka ingcaca ukwenza umsebenzi wokufukula ibhola njengoba ihlale imatasa nemibango yezikhundl­a. Kumanje ipremier Soccer League (PSL) esingethe unobhutshu­zwayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa