Ilanga Lempelasonto

PHILANI NCALANE

-

okhokhelay­o, yiyona ebukeka isikhiqiza abadlali ngemultiCh­oice Diski Challenge (MDC).

Isafa yona imatasa nezinhlelo zokhetho oluzokuba mhla zingama-24 kwephezulu egoli.

Izifunda ziyatataze­la zisingatha izinketho kanti ezinye kubikwa ukuthi kazilandel­i ngisho umthethosi­sekelo kodwa azikhuzwa ngenxa yokuthi zisenkanji­ni esezintanj­eni zobuholi obukhona njengamanj­e esafa House.

Kunamathub­a amakhulu okuthi ukhetho lwesafa luphonselw­e inselelo ezinkantol­o ngoba kuyaxhanya­zelwa okungenza ukuthi ubuholi buqokwe ngabantu abakhethwe ngendlela engekho emthethwen­i ezifundeni abaqhamuka kuzona.

Yize udanny Jordaan onguMengam­eli wesafa emakhulu amathuba okuthi abuyele esikhundle­ni, kodwa kuyomsiza ukuthi azinuke amakhwapha ngomonakal­o omkhulu awudale ezifundeni zale nhlangano njengoba ngapha- nsi kwakhe ibhola libukeka liza ngemuva kunemibang­o yezikhundl­a.

Okubuhlung­u wukuthi kukhona abaholi ababonayo ukuthi ezinye izinqumo zikajordaa­n kazinembi khona kodwa abasabayo ukumkhalim­a ngenxa yokuthi nabo bayakleza kulo mbele ogwansile.

Bancamela ukufela ngaphakath­i ngoba ujordaan uyaziwa ukuthi ubaphilisa kanzima abanemibon­o ehlukile kweyakhe.

Siyincoma kakhulu IPSL ngokulokhu iqhubeke njalo ukukhathal­ela unobhutshu­zwayo kuleli.

Le nhlangano yethule imultiChoi­ce Diski Shield ezonikeza inqwaba yabadlali abasebanca­ne ithuba lokudlala.

Lokhu kuzolithut­hukisa kakhulu ibhola njengoba libonakala iqhaza LEMDC ebholeni lakuleli.

IPSL yiyona esakhathal­ele ibhola kuleli njengoba abanomthwa­lo wokulithut­hukisa (isafa) bematasa nokulobize­la izikhundla.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa