Ilanga Lempelasonto

UBHODLA UMLILO UMQEQESHI WOSUTHU

- SENZO SOKHELA

UDEDELE isibhaxu somlomo wasongela abadlali abangazini­kele ekilabhini ngokubagax­a izembe umqeqeshi wamaZulu FC.

Usuthu luphoxe abalandeli balo abebephume ngezinkani ukuzokwese­ka luwashiswa ijezi ngamavukan­a Ubuntu Cape Town luhlulwa ngo-3-2 kowe-last 16 yenedbank Cup ngolwesihl­anu ebusuku eking Zwelithini Stadium, emlazi.

Amazulu ake alandela ngo-3-0 ovuthayo kule kilabhu yasekapa ngamagoli oclinton Fredericks, Duncan Adonis nelikakamo­helo Mahlatsi.

Usuthu luzamile ukubuya luyasha amagoli amabili avalelwe enethini ngumabhuti Khenyeza no-ovidy Karuru kwasho khona ukuthi isikhathi sesihambil­e.

Ucavin Johnson ocija usuthu uyivume njengendod­a induku wabe esededela isibhaxu somlomo kubadlali bakhe.

"Inkinga esinayo wukuthi kunabadlal­i abangokhan­da limtshelok­wakhe ubatshela into bazenzele eyabo.

"Sibulawe kakhulu ngamaphuth­a bekungathi sisemcimbi­ni wamahlaya ngendlela ebesenza ngayo amaphutha.

"Njengoba kunjena nje, ngizophoqe­leka ukwenza izinguquko kuzofanele ngibophele abanye abadlali emdlalweni wethu olandelayo esizobe sibhekene kuwona nekaizer Chiefs.

"Ngeke ngiyimele le nto yokuthi abantu badlale ngokungazi­nikeli ngalolu hlobo.

"Bayithathe kancane le kilabhu bebeyibuke­la phansi," kusho ujohnson.

Umahlatsi oqokwe njengomdla­li ovelele kulo mdlalo uthi ibethusile indlela abenze ngayo.

"Besingazit­sheli nje ukuthi sizowunqob­a kalula kanjena lo mdlalo.

"Sijabule kakhulu ngalo mphumela ngethemba ukuthi uzosinika isibindi sokuqhubek­a nokushaya izinkunzi uma sibhekana nazo," kusho umahlatsi.

Imiphumela yemidlalo yayizolo ngomgqibel­o yenedbank Cup ihamb kanje:- Free State Stars 2, Chippa United 1; Baroka FC 2, Steenberg United 0.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? USIMPHIWE Lumkana wamazulu FC ebhekene nokhanyisa Mayo wo-ubuntu Cape Town emdlalweni wenedbank usuthu oluguqe kuwona ngo-3-2 ngolwesihl­anu ebusuku eking Zwelithini Stadium, emlazi
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES USIMPHIWE Lumkana wamazulu FC ebhekene nokhanyisa Mayo wo-ubuntu Cape Town emdlalweni wenedbank usuthu oluguqe kuwona ngo-3-2 ngolwesihl­anu ebusuku eking Zwelithini Stadium, emlazi
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa