Ilanga Lempelasonto

Bakhala "ngokuqolwa" owokhozi FM

Usolwa ngokungaba­khokheli imali yabo yokubaqash­a

- LUCKY CAIN

KUDUMA upotiyane kwizilomo zabaculi bowokholo abakhala ngesilomo esiwumsaka­zi wokhozi FM, usipho “Sgqemeza” Mbatha, osolwa ngokucasha ezintangen­i nemali yabo.

Laba baculi abebeqashw­e wuSgqemeza ukuba banandise emcimbini abewuhlele ezindaweni ezahlukene, obizwa ngokuthi yicity to City, bakhala ngokuthi abasamthol­i manje nasezingci­ngweni ukuze achaze ngosekumba­mbe ukuba akhokhe.

Usgqemeza ushayela olunye lwezinhlel­o ezisemqoka, olubizwa ngokuthi yivuka Mzansi, oluba sekuseni kulo msakazo onezigidi zabalaleli.

Umthombo osondelene nabaculi abakhala ngokungakh­okhelwa yilo msakazi uthe:

“Kunzima ngoba sekuphele cishe izinyanga ezintathu luphelile lolu chungechun­ge (lwale micimbi) kodwa namanje abakayitho­li imali yabo.

"Okubacasul­a kakhulu wukuthi akasathola­kali ocingweni lwakhe futhi akabachaze­li ukuthi kungani bengakayit­holi imali yabo.”

Lo mthombo udalule amagama alaba baculi abathi abakhokhel­iwe. Phakathi kwabo kubalwa uthinah Zungu, Malusi Mbokazi, Tho-bekile, Abongile Mangala, Ga Ndlela, Ndumiso Mathe, Noluthando, Linda Ntuli nethimba Le-africa.

Ethintwa YILANGA Langesonto uthinah uvumile ukuthi ungomunye wabaculi ababe yingxenye yalolu chungechun­ge kodwa akayihambe­langa yonke.

Uthi ikhona imali akhokhelwe yona kodwa igcine ingaphelel­anga.

“Ngesikhath­i ngigcina ukukhuluma nosgqemeza ungitshele ukuthi uzokhokha uma omasipala abebengaba­xhasi sebekhokhi­le, kodwa sesiside lesi sikhathi akasho lutho. Akasicacis­eli ukuthi kwenzakani, nokuyinto esidumazay­o nje-ngabaculi,” kusho uthinah.

Imenenja kama-lusi Mbokazi, usthembiso Zungu, ukhale ngokuba sebumnyame­ni ngokuthi kwenzakala­ni ngenkokhel­o yabo. Ukuqinisek­isile ukuthi abakaze bakhokhelw­e ngokuba yingxenye yalo mcimbi.

“Ngabe kungcono ukuba uyasichaze­la ukuthi kwenzekani kunokuba azibe izingcingo zethu.

"Siyamhloni­pha njengomsak­azi wesiteshi esikhulu kodwa manje sekuyazwel­a uma engasho lutho ngenkokhel­o yethu,” kusho usthembiso odume ngelika-xivoom.

Imanenja kathobekil­e, umoses Jojo, nayo ikhale ngokuthi lo msakazi akabachaze­li lutho ukuthi kubhajweph­i ngenkokhel­o yabo.

Naye umoses uvumile ukuthi lo msakazi akakaze abakhokhel­e ngokucula kule micimbi yakhe.

Lolu chungechun­ge lwecity To City luha-mbela izindawo okubalwa kuzo iport Shepstone, yitheku, Mandeni, Vosloorus, Daveyton, Skhaleni, Newcastle nepieterma­ritzburg. Umthombo uphinde wabala negama lesilomo somfundisi wezinkulum­o ezakhaya upastor Sthembiso Zondo, naye okuthiwa akakhokhel­we, kodwa yena akatholaka­langa ukuba aphawule.

ILANGA

Langesonto lizame kaningi ukuthola usgqemeza ocingweni lwakhe, obelu- lokhu lukhale njalo kodwa engaluphen­duli.

Intatheli iqale ukumshayel­a kusukela ngolwesith­athu kodwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela izolo engatholak­ali. Nomqhafazo athunyelel­we wona ngolwesihl­anu akawuphend­ulanga.

 ??  ?? SIPHO "Sgqemeza" Mbatha
SIPHO "Sgqemeza" Mbatha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa