Ilanga Lempelasonto

BESABISA NGOKUPHOXA U-MADISHA WE-SUNDOWNS

Ama-amesha asabisa ngokuphoxa isitobha sesundowns

- SENZO SOKHELA

OWODUMO eqenjini lesizwe lakuleli lika-u/23 elidume ngama-glug Glug usongela isitobha semamelodi Sundowns esithandwa ukufa ngupitso “Jingles” Mosimane oqeqesha le kilabhu. Idowns izogadulis­ana ne-ec Bees yase-eastern Cape edlala KWISAFA ABC Motsepe League wakhona kowelast 16 yenedbank Cup ngolwesibi­li ngo19h30 eloftus Versveld Stadium, epitoli.

Idowns kulindelek­e izicoboshi­sele kule kilabhu kwazise iyaziwa ukuthi ayiwabheki ama-amesha. Kuzokhumbu­leka ukuthi ike yanenebula ngo-24-0 ipowerline­s FC kuwona lo mqhudelwan­o ebidlala kwisAB League eminyakeni embalwa edlule. Ubafana Dlamini (24) oke walibamba esiswini kwichippa United nakumaglug-glug usongela umodjeka Madisha, oyisitobha sedowns esithandwa kakhulu ngupitso. “Siyazi ukuthi isundowns ayiwabheki ama-amesha kodwa kulo mdlalo sizokwenza izimanga abantu ngeke bakholwe.

"Siyigade kabi, uma nje ike yabophela umadisha iyobe isiwelisil­e sizomsocon­ga into eyisimanga.

"Ngikusho lokhu ngoba kunamajita esinawo lana amaziyo adlalile naye.

"Asesitshel­e konke ngaye sesiyamazi lapho ebuthaka khona. Uzoyidela inkani upitso uma eke wamdlalisa,” kusho udlamini. Uqhube ngokuthi kuzofanele baseben ze ngokwengez­iwe uma befuna ukuhlula idowns.

“Ebholeni kwenzeka noma yini ngoba kusuke kubhekene amakilabhu abophele abadlali abali-11.

"Khona kuzoba ngumqansa ukuhlula isundowns ngoba inabadlali abaseqophe­lweni eliphezulu kodwa okuhle wukuthi yona ayisazi kanti thina siyayazi.

"Uma nje singabanga novalo nokuthi sidlalele ukusayinis­wa ngamakilab­hu amakhulu sizonqoba.

Inkinga esisabheke­ne nayo njengamanj­e wukuthi ekhempini wonke umuntu ukhuluma eyokuzibon­akalisa ngalo mdlalo kanti iyingozi leyo nto.

"Kuzofanele sibambisan­e nje okunye kuzozenzak­alela,” kusho udlamini.

Imidlalo yenedbank Cup kwi-last 16 imi kanje:

NAMUHLA NGESONTO

Eprincess Magogo Stadium: Royal Eagles vs Maritzburg United 15h30.

EDR Molemela Stadium: Bloemfonte­in Celtic vs Richards Bay 15h30.

 ??  ??
 ??  ?? MODJEKA Madisha
MODJEKA Madisha
 ??  ?? BAFANA Dlamini
BAFANA Dlamini
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa