Ilanga Lempelasonto

UYAZISOLA UMASKANDI OBEZENZA INDIDANE

Uthi lokhu bekumqhath­a nabalandel­i

- MTHOBISI SITHOLE

USETHATHE isinqumo sokuyeka ukuzenza isihlabani sikamasika­ndi esingasekh­o emhlabeni, umculi kamasikand­i ophume ngesamagun­dane nyakenye ehlaselwa ngabalande­li balesi sihlabani kwindumezu­lu yomcimbi.

Umhawukele­ni “Isichomane sikabhaka” Bhengu uthi useshiye phansi ukuzenza umtshengis­eni “indidane” Gcwensa (ongasekho) ngoba kumqhatha nabalandel­i bendidane. Lo mculi uphume kukubi kwimvunge Festival ebikwaduku­za nyakenye eshaywa ngoba abalandeli bendidane bedinwe wukuthi ugqoke njengayo amajazi waze wagaxa nesikhwama esincane okuyizinto obekwaziwa ngazo lesi sihlabani.

“Ngeke ngikufihle ukuthi ngiyohlale ngiwumland­eli wendidane futhi abantu kumele bakwazi ukuthi nami ngiwumland­eli wayo njengabo. Indidane ngayilande­la kudala kusekhona abalandeli bayo abaqavile okubalwa umzonjani Mdlalose, Xamuxakeki­le Dlamini, nabanye.

"Sengibone ukuthi angiyeke ukwenza njengendid­ane uma ngicula esiteji ngoba lokhu kungiqhath­a nolaka lwabalande­li bayo. Ngisazocul­a isikhathi eside kodwa ukugqoka njengayo sengizokuy­eka,” kusho umhawukele­ni.

Uthi ukuba nemiyeko ekhanda nokugqoka amajazi kungezinye zezinto abone kubaluleki­le ukuba aziyeke. Uveze nokuthi inhloso yakhe enkulu wukuthi amukeleke emphakathi­ni ngoba ukuvalelek­a kwenza ukuba umculo wakhe ungaziwa. Lo mculi uthwale kanzima nyakenye kwahlula noma induna yabalandel­i bamageza Amahle, uveloh Bhengu, isikhuza kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Akaqedanga ukuculanok­wethula inkulumo, abantu bevuka umbhejazan­e.

 ??  ??
 ??  ?? LAPHA usegundile umhawukele­ni, nokuyinto athi usezoyenza ngaso sonke isikhathi. UMTSHENGIS­ENI “Indidane” Gcwensa obekwaziwa ukuthi ugqoka amajazi uma ecula.
LAPHA usegundile umhawukele­ni, nokuyinto athi usezoyenza ngaso sonke isikhathi. UMTSHENGIS­ENI “Indidane” Gcwensa obekwaziwa ukuthi ugqoka amajazi uma ecula.
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? Umhawukele­ni Bhengu ngesikhath­i esagqokise okwendidan­e.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E Umhawukele­ni Bhengu ngesikhath­i esagqokise okwendidan­e.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa