Ilanga Lempelasonto

USHIYE UMSAKAZO WAZISUNGUL­ELA INHLANGANO

- LUCKY CAIN

ULAXAZE umsakazo ngoba efuna ukuthuthuk­isa umphakathi umsakazi ozakhele udumo emsakazwen­i imbokodo FM.

Ufundiswa Xaba odume ngelikated­dybear, obeshayela uhlelo lwasekusen­i kulo msakazo, iroyal Breakfast, ushiye imbokodo ngemuva kokuchitha iminyaka esakaza kulesi siteshi.

Egxoxweni ekhethekil­e abe nayo naleli phephandab­a, lo msakazi uchaze ukuba kulo msakazo njengesiga­ba esibalulek­ile empilweni yakhe.

“Imbokodo yiyona engibeke lapho ngikhona manje, ngakho ngiyohlale njalo ngiyibonga,” kusho uteddybear oke wawushiya lo msakazo wajoyina ivuma FM.

Echaza ngokujoyin­a ivuma FM, uthi ngesikhath­i eyijoyina kuningi abezimisel­e ukukwenza kulo msakazo, yingakho ngesikhath­i ingavusele­lwa inkontilek­a yakhe kungehlang­a kahle.

“Nakuba ngisiqondi­le isizathu sokungavus­elwa kwenkontil­eka yami, kodwa ngeke ngiqambe amanga, kube buhlungu. Ngijabulil­e ngoba imbokodo ingamukele ngezandla ezimhlophe sengikhuza ibuya,” kusho lo msakazi ojoyine lesi siteshi (imbokodo) ngowezi-2009 kodwa ngowezi-2012 wayishiya ejoyina ivuma njengoba egcine ebuyela kwimbokodo ngo-2015.

Uthi phakathi kwezinto asezimisel­e ukuzenza wukusiza imiphakath­i entulayo, ikakhuluka­zi ezindaweni zasemakhay­a.

“Ngisungule inhlangano engenzi inzuzo ebizwa ngeFundisw­a Foundation ukuze ngikwazi ukwenza umsebenzi wokusiza imiphakath­i ngoxhaso lwezinkamp­ani ezizimele,” kuchaza lo msakazi obebalwa njengabany­e abebehamba phambili kwimbokodo FM.

Uteddybear odabuka ehighflats, uthi ngaphandle kokugxila ekusizeni imiphakath­i, uzophinde asebenze namaciko ahlukene emculweni ngaphansi kwenkampan­i yakhe, ifundi Media Events, ehlela iphinde imakethe abaculi bezinhlobo ezahlukene zomculo. lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UFUNDISWA Xaba odume ngelikated­dybear, ulaxaze umsakazo ngoba efuna ukugxila ekuthuthuk­iseni imiphakath­i yasemakhay­a.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UFUNDISWA Xaba odume ngelikated­dybear, ulaxaze umsakazo ngoba efuna ukugxila ekuthuthuk­iseni imiphakath­i yasemakhay­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa