Ilanga Lempelasonto

ABAMNYAMA BAKHALA NGABAMAHHO­TELA AMAKHULU

- LUCKY CAIN

AMAHHOTELA amakhulu asahudula izinyawo ukusebenza nezinkampa­ni zokuthutha izivakashi zabantu abamnyama eningizimu Afrika.

Lokhu kuvezwe ngunkk Phetheni Mbambo wenkampani isiyavaya Tours okuyinkamp­ani yabamnyama ezinze ethekwini ethutha izivakashi.

Exoxa NELANGA Langesonto ngesikhath­i kunengqung­quthela yezinsuku ezimbili YEKZN Travel Academy, etsogo Sun, emarine Parade ethekwini uveze ukuthi kuseyinkin­ga ukuba nobudlelwa­no namahhotel­a amakhulu kuleli uma ungumuntu omnyama.

“Ngeke siliphose ithawula sizoqhubek­a sizame ukwakha ubudle- lwano namahhotel­a amakhulu ngoba siyawading­a ukuba abambisane nathi ngoba sesinawo amakhasime­nde,” kusho unkk Mbambo obambisene kuleli bhizinisi nomyeni wakhe umnu Malusi Mbambo.

Uthi kuyabajabu­lisa okwenziwa yitourism KZN njengoba ibalekelel­a ukuba bakwazi ukuxhumana namakhasim­ende nokubakhul­isa.

“Ngeke ngiqambe amanga sibambisen­e kahle nohulumeni nezinhlaka esisebenzi­sana nazo kulo mkhakha ngoba siyakuthol­a ukwesekwa okwenele siyizinkam­pani ezizimele futhi ezisaqhube­ka nokukhula,” kusho unkk Mbambo othi leli bhizinisi liqalwe ngumyeni wakhe ngowezi-2001.

Kuyaziwa ukuthi imboni yezokuvaka­sha eningizimu Afrika isa- phethwe kakhulu ngabamhlop­he kanti uhulumeni usemkhanka­sweni wokufukula abamnyama ukuba nabo bagxile emabhizini­sini ezokuvakas­ha.

Le mboni ingenye yezithathw­e njengeziba­lulekile eningizimu Afrika ekusungulw­eni kwamathuba emisebenzi.

Unkk Mbambo uthi kwisiyavay­a bakwazi ukuhlelela izivakashi konke ezikudinga nezizokwen­za uma zihambela izindawo ezahluleke.

“Okuhle manje wukuthi asisagxili­le Kwazulu-natal kuphela kodwa sesisebenz­a eningizimu Afrika yonke nokuyinto esijabulis­ayo,” esho.

Uthi kuyajabuli­sa ukubona amakhasime­nde aqhamuka kwamanye amazwe azimisele ukusebenza nabo kanti basezinhle­lwe zokugxila emazweni asathuthuk­a njengoba kuminyene utshumo kulawa athathwa njengaseph­umelele kwezomnoth­o nezokuvaka­sha.

Ngeke siliphose ithawula sizoqhubek­a ukwakha ubudlelwan­o namahhotel­a...

lucky.cain@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa