Ilanga Lempelasonto

KUPHELILE NGEJACK DANIELS BOOMTOWN YODUMO KWI-VDJ

- ZOWAKHA MBATHA

SELIQANJWE kabusha itende elikhuluka­zi nelihanjel­wa yizinkulun­gwane zonontanda­kubukwa minyaka yonke kwivodacom Durban July (VDJ), ebelaziwa ngokuthi yijack Daniels Boomtown.

Sekuyiminy­akanyaka leli tende ligcwala phama njengoba liba nezitezi neziteji ezahlukene, liphinde liqiniseki­se nokuthi abahambela lo mcimbi, babheja kalula kulona.

Yinto eyaziwayo ukuthi iningi elihambela lo mcimbi lisuke lingawubuk­i nakuwubuka umjaho wamahhashi, kodwa lisuke lizitika ngezidlo neziphuzo, lithokozel­a ubumnandi. Imfashini futhi yiyona ehamba phambili kwiningi lonontanda­kubukwa ababakhona kulo mjaho oba segreyvill­e Racecourse ngomgqibel­o wokuqala kuntulikaz­i (July).

Nonyaka uzoba mhla ziyisi-7 kanti ingqikithi yawo ithi “Sekuyisikh­athi”. Ezakamuva zithi leli tende selishints­hwe igama, kusukela kulo nyaka selizobizw­a ngokuthi yi-amstel Boomtown nokusho ukuthi kushintshe abaxhasi.

Inkampani egqugquzel­a ukuhanjelw­a kwaleli tende, i-the Alore Group yenqabile ukudedela imininingw­ane yokuholele ekushintsh­eni kwabaxhasi.

Ukim Sineke wale nkampani, uvumile ukuthi yilo leli tende lodumo ebelengany­elwe yijack Daniels eminyakeni eyedlule. Kuke kwanandisa nesihlaban­i saphesheya se- hip hop kuleli tende, UT.I.

“Sizokunika eminye imininingw­ane nangezinye izinto ezizokwenz­eka nonyaka kulezi zinyanga ezizayo,” kusho yena kafushane. Ngale kwalokhu laba baphinde babe ngabaxhasi bemicimbi emikhuluka­zi kwezenjabu­lo, okuyipop Bottles, ejwayele ukwenzeka emuva nje kwawo amahhashi odumo nemajor League Gardens ebise-expo Centre, enasrec, egoli izolo.

Esitatimen­deni umnu Khaya Dlanga, oyimarketi­ng Manager kwa-amstel, uthi eminyakeni eyedlule umkhiqizo wabo ubonakale weseka umculo waseningiz­imu Afrika kanti ubudlelwan­o babo neboomtown buzolekele­la ekutheni bakwenze kangcono lokho.

IVDJ iqalwe ngowe-1897 khona ethekwini ibizwa ngejuly Handicap njengoba namuhla isiwumcimb­i omkhulukaz­i eningizimu Africa. Lo mjaho osuke ubhekwe ngabomvu ngamaphant­a uthatha ngaphezudl­wana nje kwemizuzu emibili bese kujuxu- zwa kuze kube sezinzulwi­ni zobusuku njengoba sekuba nenqwaba yamatende okwenziwa kuwo iziphihli zamadili kamkhiphen­i.

Kwamanye abalwa kwahamba phambili, kalisali ngaphandle elempunyel­a yasethekwi­ni, umabheleni Ntuli, nosekuyimi­nyaka likhona, ele-afrotainme­nt kadj Tira kanti nelemabala Noise yodumo belihalelw­a nguwonke wonke eminyakeni emibili edlule. zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE YI: TWITTER ?? UCASSPER Nyovest ngomunye wabaculi abaqavile abake banandisa etendeni lodumo, iboomtown, kwivdj.
ISITHOMBE YI: TWITTER UCASSPER Nyovest ngomunye wabaculi abaqavile abake banandisa etendeni lodumo, iboomtown, kwivdj.
 ?? ISITHOMBE NGABE: ZKHIPHANI. COM ?? ISIHLABANI saphesheya se-
UT.I, sipholile olwandle ethekwini, saze sashutha nezichuse ngesikhath­i sasizonand­isa kuleli, etendeni lejack Daniels Boomtown.
ISITHOMBE NGABE: ZKHIPHANI. COM ISIHLABANI saphesheya se- UT.I, sipholile olwandle ethekwini, saze sashutha nezichuse ngesikhath­i sasizonand­isa kuleli, etendeni lejack Daniels Boomtown.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa