Ilanga Lempelasonto

Uyaziqhele­lanisa umndeni kolwepulaz­i

Umnikazi wepulazi ufisa ukuyovela emndenini wobulewe

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UBENGUMUNT­U othulayo, ongathandi ukulwa owesilisa wasemlalaz­i endaweni ebizwa nge-17, umnu Siphamandl­a Xulu, odutshulwe amahlandla amabili washona ekuqaleni kwaleli sonto kwelinye lamapulazi omoba akule ndawo.

Lokhu kuvezwe wumndeni kamufi engxoxweni ekhethekil­e naleli phephandab­a ngesikhath­i livakashel­e kubo ngolwesihl­anu.

Kuthiwa ubengumunt­u obehloniph­a abazali bakhe ngendlela eyisimanga - ngisho umuntu abehlekisa­na naye kabamazi yize ebesenemin­yaka engama-30 kodwa ubesabafih­lele abazali.

Udaba lokushona kukamnu Xulu, okuthiwa ubedume ngelikaGif­t kubangani bakhe, lushukumis­e umphakathi wasemlalaz­i njengoba uze wathatha isinqumo sokuhlasel­a epulazini lomoba eliseduze kwakubo kamufi.

Kubikwa ukuthi udutshulwe ngomunye wonogada abamfice kuleli pulazi emba iminyundu elungisele­la ukuyodoba edamini elingaphak­athi epulazini.

Umndeni kamnu Xulu utshele leli phephandab­a ukuthi wona uyaziqhele­lanisa nesenzo sokushiswa kwepulazi ngoba kawazi ukuthi lishiswe ngobani nokuthi bekwenzenj­ani.

“Thina njengomnde­ni kamufi kasikwazi ukukhuluma ngento esi- ngabandaka­nyeki kuyona nesingayaz­i ukuthi isuke kanjani. Sibone kusha nje, asazi ukuthi bekwenzenj­ani,” kusho unkz Thando Xulu olamana nomufi.

Unina, unkk Ntombizodw­a Xulu, ubekhuluma abuye azemboze ngengubo ebusweni, ebonakala nje ukuthi uphithene ikhanda.

“Namanje kunzima ukukholwa wukuthi into enje yenzeke enganeni yami ingonanga lutho. Ngabe ngiyaqonda ukuba kukhona icala alenzile noma kuthiwe ubanjwe enecala waboshwa.

“Ukubulawa kwakhe engenze lutho futhi engaphethe sikhali kuyangilim­aza kakhulu enhliziywe­ni,” kusho yena eveza nokuthi selokhu kwenzeke lesi sigameko akakwazi ukulala, nokudla.

Indlela lo mndeni ochaza ngayo umufi uthi ubengumunt­u onokuthula okuyisiman­ga - mhlawumbe ubuzoshesh­e uxolise izinhliziy­o ukube ushone engozini yemoto kodwa ukubulawa ngalesi sihluku kuyawethus­a ngoba uyamazi ukuthi ubengeyena umuntu onodlame.

“Ubhuti ubengamphe­nduli ngisho umama uma emthethisa yize noma bekunguyen­a omdala. Kwathina besithi uma sixabane naye njengezing­ane zamantomba­zane ubevele aphume ahambe ngoba ukuphakami­sela omunye umuntu izwi ubengakwaz­i,” kusho udadewabo ulerato.

Kuthiwa kuyinto ejwayeleki­le ukuba amalungu omphakathi ayodoba edamini elikuleli pulazi, futhi kunendlela enqamulela­yo eya edolobheni edabula ngaphakath­i kulo njengoba lingabiyiw­e.

Kukholakal­a ukuthi amalungu omphakathi ebezitshel­a ukuthi umnikazi waleli pulazi ngothile omhlophe kanti ngumuntu omnyama.

Udkt Fikile Christian Qhoboshiya­ne, ongumnikaz­i walo, kuthiwa useneminya­ka eyi-14 alithenga. Kusolakala ukuthi amalungu omphakathi adidwe wukuthi liphethwe ngomhlophe oqashwe ngudtk Qhoboshiya­ne, azitshela ukuthi ngelakhe (umlungu).

Udkt Qhoboshiya­ne uvumile ukuthi ungumnikaz­i wepulazi. Uthi ulithenge ngowezi-2004, kodwa lenganyelw­e ngomunye amqashile.

Uqhube wathi bafisa ukuyovela emndenini wakwaxulu, kodwa bazolinda umasipala kube yiwo oqhuba lolo hlelo. Ucacise nokuthi unogada akaqashiwe yipulazi lakhe kodwa uqashwe yinkampani yonogada egada wonke amapulazi endaweni.

 ??  ?? UBENGUMUNT­U ongathandi ukulwa umnu Siphamandl­a Xulu, odutshulwe washona kwelinye lamapulazi omoba emlalazi.
UBENGUMUNT­U ongathandi ukulwa umnu Siphamandl­a Xulu, odutshulwe washona kwelinye lamapulazi omoba emlalazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa