BAFUNA UKULAWULWA KUZWELONKE OTHISHANHLOKO BAKWAZULU-NATAL
ZIZWAKELE izikhalazo zothishanhloko kungqongqoshe wezemfundo eyisisekelo kuzwelonke unkk Angie Motshekga, kwingqungquthela yothishanhloko bakuzona zonke izifundazwe ebihlelwe yiNational Teachers Union (NATU), ebise-coastlands Hotel, ethekwini, kusukela ngolwesine kuze kube ngulwesihlanu.
Othishanhloko bebezozwakalisa izikhalazo zabo ngezinkinga ababhekene nazo ezikoleni abaziphethe, okuyilapho kugqame khona umnyango wezemfundo KwazuluNatal njengomnyango osezinkingeni uma kuqhathaniswa nezinye izifundazwe.
Isekela likamengameli wenatu, umnu Allen Thompson, utshele ungqongqoshe ukuthi kunesililo esikhulu ezikoleni Kwazulu-natal ngenxa yokungabi bikho kothisha abanele, njengoba izingane zimbondelana emakilasini ekubeni kunezikhala.
Uthi sebekhathele wukukhuluma into eyodwa nongqongqoshe walo mnyango umnu Mthandeni Dlungwana, nenhloko yawo, udkt Enoch Nzama.
Uthi abasho ukuthi akuphendlwe izikhala kodwa bathi akugcwa-liswe lezi ezivulekile. Uveze noku-thi kukhona othisha esebebambe isikhathi eside ezikhaleni ezithile abangakaze baqashwe ngoku-gcwele.
Utshele unkk Motshekga ukuthi bengothisha, banesiphakamiso sokuthi lo Mnyango wakwazulu-natal ufakwe ngaphansi kukaSection 100, okusho ukuthi unkk Angie awuthathe awulawule, awunqinde amandla ngoba uhlulekile umnu Dlungwana ukwenza umsebenzi.
“Njengoba ngqongqoshe unalo ilungelo lokuwuthatha umnyango uwulawule, kuyisifiso sethu ngoba sikhulu isililo nokuhlukumezeka kothisha okubhekene nalesi sifundazwe.
“Ngikhuluma nje othisha bakwagrade-r bagcine ngonyaka wezi-2016 ukunyuselwa amaholo. Ziningi izingqinamba okubalwa kuzo nezimali zemihlomulo yothisha abafundisa ezindaweni zasemakhaya abangayitholile.
“Kunezikole ezingenabo othisha abenele ngoba umnyango wenza kube nzima ukuqasheka kwabo. Izikole azilutholi usizo eziludingayo kwazise ziningi nezikhala zabahloli ezingavaliwe ezibalelwa ku-400,” kusho umnu Thompson.
Uthi basebenza kanzima othishanhloko ezikoleni, ngaphansi kwengcindezi futhi uma sekonakele izinto yibona okumele bachaze kabanzi.
Ngakolunye uhlangothi, unkk Motshekga, uvele wanquma usuku lomhlangano ophuthumayo womhla zingama-28 kwephezulu okuzohlanganwa ngawo nezikhulu zale nyunyana kubhekwe umhlahlandlela.
Uthi akukho okuzomvimba ukuba umnyango awufake ngaphansi kohlelo lokuthi ulawulwe kuzwelonke.
“Ngeke ngibalekele izinkinga zothisha ngoba ngiqashelwe khona ukusebenzisana nabo. Lo mnyango mkhulu kakhulu okusho ukuthi ukonakala kwezinto kuwona, kuchaza ukubhimba kwazo kuzwelonke ngenxa yesibalo esiningi sabafundi.
Sizohlala phansi sibheke ngokulandela izigaba zakhona - uma kufanele ngiwulawule ngizokwenza lokho,” kusho unkk Motshekga.
*Olunye udaba ekhasini 7 mthobisis@ilanganews.co.za