Ilanga Lempelasonto

ASHABALELE AMATHEMBA EMNDENINI WOBULEWE

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

KUSHABALAL­E iphupho lokuhlala endlini yakhe enhle kumufi umnu Siphamandl­a Gift Xulu, okusolwa ukuthi udutshulwe wabulawa ngunogada wasepulazi­ni ngolwesibi­li ntambama emlalazi, Eshowe.

Umnu Xulu, obengumakh­i owaziwayo endaweni, ubesezoqed­a ukwakha indlu yakhe. Ushona nje kuthiwa ubesepakis­he isikhwama sakhe ezoya ethekwini ayobheka umsebenzi ukuze akwazi ukuqhubeka, aqedele indlu yakhe.

Ekhuluma NELANGA Langesonto unkz Lerato Xulu, ongudadewa­bo kamufi, kuvuke usizi nomunyu, izinyembez­i zagcwala amehlo ngesikhath­i ekhomba umuzi obuwakhiwa ngumnewabo.

“Basibulele siwumndeni ngokubulal­a umfowethu ngoba mina naye besinesivu­melwano sokwakhela abazali bethu umuzi. Mina bengizothe­nga izinto zokwakha uma sengiseben­za, yena akhe ngezandla zakhe kodwa leli phupho selishabal­ele manje,” usho kanje.

Umuzi kamufi abewakha ubude buduze nekhaya lakubo kanti futhi useduze kakhulu nalapho ebulawelwe khona.

Ngokusho kukamnu Mkhuseli Buthelezi, okhulumela umasipala umlalazi, bazosebenz­isana nalo mndeni ekubeni bawulekele­le emalungise­lelweni omngcwabo.

“Umeya umnu Thelumoya Zulu usijube ekubeni senze amalungise­lelo omngcwabo ngokubambi­sana nomndeni wakwaxulu,” kusho umnu Buthelezi.

Imeya idlulise amazwi enduduzo emndenini, yaphinde yanxenxa umphakathi wakule ndawo ukuba wehlise umoya.

Umsolwa kulindelek­e ukuba aphinde avele enkantolo kama- ntshi Eshowe kusasa kanti ugqunywe esitokisin­i.

Ubesebenze­la inkampani eqapha emapulazin­i ehlukene iv1 Security, kanti umnu Ndwandwe ongalishon­go igama lakhe okunguyena ophethe umsolwa uthe bazokhulum­a nabezindab­a ngomsombul­uko mayelana nalesi sigameko. nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UNKZ Lerato Xulu ongudadewa­bo kamufi umnu Siphamandl­a Xulu, ekhomba indlu umnewabo abezakhela yona, angasakwaz­anga ukuyiqedel­a njengoba ebulewe.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UNKZ Lerato Xulu ongudadewa­bo kamufi umnu Siphamandl­a Xulu, ekhomba indlu umnewabo abezakhela yona, angasakwaz­anga ukuyiqedel­a njengoba ebulewe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa