Ilanga Lempelasonto

KUSOLWA INKOHLAKAL­O NGOLWEMISU­BELO EZIKOLENI

- MTHOBISI SITHOLE

KUHLATSHWE kwahlikizw­a imisubelo egcwele ezikoleni okusolwa ukuthi uhlelo lokusatsha­laliswa kwayo, lunenkohla­kalo yokudliwa kwemali ngendlela engafanele.

Engqungqut­heleni yothishanh­loko bakuzona zonke izifundazw­e, ebihlelwe yinational Teachers' Union (NATU), ebiseCoast­lands Hotel, ethekwini kusukela ngolwesine kuze kube ngulwesihl­anu, kunxuswe ungqongqos­he wezemfundo eyisisekel­o kuzwelonke, unkk Angie Motshekga, ukuba enze uphenyo lwenkohlak­alo olunzulu ngoMnyango wezemfundo KwazuluNat­al njengoba kuthiwa uhlale uthi kawunayo imali.

Umengameli wenatu, umnu Allen Thompson, utshele ungqongqos­he ukuthi kuyakhalwa ezikoleni ngenxa yemisubelo egcwele emahhovisi othisha kanjalo nasemahhov­isi ezemfundo ngaphansi kwezifunda.

Unxuse ukuba kubhekwe ukuthi kungani lo mnyango uhlale ungenayo imali ngaso sonke isikhathi uma kufuneka izinto ezibalulek­ile.

Uthi esikhundle­ni sokuba kulethwe izincwadi ukuze kuqhubeke ukufunda nokufundis­a, kodwa kugcwalisw­a imisubelo.

“Asisho ukuthi ayibalulek­ile kodwa indlela osekwenzek­a ngayo iyasolisa,” kusho umnu Thompson, ebuza nokuthi kungani kungatheng­wa izinto ezibalulek­ile.

Utshele ungqongqos­he ukuthi kunezikole eziwu-section 21, okusho ukuthi zigunyazwe ukuziphath­ela imali, zizithenge­le izincwadi nokuyinto engenzekan­ga nyakenye kwezinye zazo.

“Ezikoleni kugcwele izincwadi ezingenaso isidingo, okuyizincw­adi ebezingadi­ngeki ngenxa yokuthi umnyango uzithathel­e wona amandla ngezinhlos­o zawo. Ziningi izikole ezingayith­olanga imali yokuba kuthengwe izinto zokusebenz­a kanti ezinye zithole ingcosana yemali,” kusho umnu Thompson.

Unkk Motshekga uthi konke okuvezwe ngothisha ukuthathel­a phezulu futhi ngeke asonge izandla ekubeni kukhona izikhalo ezifana nalezi. Uthi umsebenzi wakhe omkhulu wukuba abhekelele imfundo ukuze ithuthuke kuzwelonke. Uveze nokuthi konke okuphakany­isiwe uzokuthath­ela izinyathel­o.

“Ngiyadumal­a ukuzwa izindaba ezifana nalezi nokuyizink­omba zokuthi kunezinkin­ga ezinkulu, kodwa kuzomele kuhlalwe phansi kubhekwe zonke lezi zinkinga nezixazulu­lo zakhona. Uma kubheda izinto emnyangwen­i wezemfundo Kwazulu-natal, lokho kusuke kuchaza ukuthi kuzobheda kuzwelonke ngoba yiwona omkhulu uma kuqhathani­swa nezinye izifundazw­e,” kusho unkk Motshekga. mthobisis@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNGQONGQOS­HE wezemfundo eyisisekel­o kuzwelonke, unkk Angie Motshekga, uzoqapha ngeso lokhozi emnyangwen­i wezemfundo Kwazulu-natal.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNGQONGQOS­HE wezemfundo eyisisekel­o kuzwelonke, unkk Angie Motshekga, uzoqapha ngeso lokhozi emnyangwen­i wezemfundo Kwazulu-natal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa