Ilanga Lempelasonto

Kugqame ukuzwana kwabegagas­i FM

- SIZIPHOLEL­E LUCKY CAIN

ISITESHI somsakazo esizinze Kwazulu-natal, igagasi 99.5 FM, siqeda iminyaka eli-12 kulo nyaka. Saba khona ngaphezu kwalokho nezinombol­o zakamuva zikhombisa okuhle ngalo msakazo.

Lo msakazo usanda kuthola izindaba ezinhle zokuthi isibalo sabalaleli baso senyukile, kanti nezinhlelo zaso ezihamba phambili, olwasekuse­ni nolwantamb­ama, zisanda kufinyelel­a kwisigidi sabalaleli. ILANGA Langesonto lithole ithuba lokuchitha isikhathi nabasakazi bohlelo lwasekusen­i olubizwa nge “I Love Mornings With Mzokoloko”.

Lolu hlelo lushayelwa nguMzokhon­a Gumede, odume ngelikamzo­koloko, ngokubambi­sana nosiyabong­a Madida, odume ngelikahea­zy nononjabul­o Zwane, odume ngelikanja­bs. Ngesikhath­i sitheleka e- studio salo msakazo, lapho kusakazelw­a khona lolu hlelo, kuvele kwagqama ukuzwana kwasemoyen­i kulaba basakazi.

IMFIHLO YOKUFINYEL­ELA KWISIGIDI SABALALELI

Nakuba kungumzoko­loko ohola uhlelo, kodwa bonke banezwi futhi basebenza ngokukhulu­leka, akekho ofuna ukugqama kunomunye. Umzokoloko odabuka egingindlo­vu, uncome ukubambisa­na kwakhe nozakwabo, wathi yikhona okuyimfihl­o eyenza uhlelo lwabo luhambe phambili ngezinombo­lo kulo msakazo.

“Kuhle ukuthi akekho ofuna ukugqama ukwedlula omunye, siyanikeza­na isikhathi kanti nemibono siyamukela ngokulinga­na. Akekho ofuna kuzwakale umbono wakhe kuphela,” kusho umzokoloko engeza ngokuthi okumchaza kakhulu ngozakwabo, yintshisek­elo abayikhomb­isayo yokulangaz­elela ukufunda.

Unjabs odabuka eladysmith, uthi akuthanda kakhulu ngokuseben­za nalezi zinsizwa, wukuthi uyakwazi ukuthembel­a kuzona ngisho engekho ohlelweni.

“Okuhle wukuthi ukuzwana kwethu akupheleli emsakazwen­i kodwa ngiyakwazi ukubathint­a noma yinini uma ngibadinga futhi ngisuke ngazi ukuthi ngiyalutho­la usizo. Ngibathath­a njengabafo­wethu,” kusho unjabs ongumdidiy­eli walolu hlelo.

Uthi ukuzwana kwabo kwenza kube lula nokuhlela uhlelo njengoba kungathath­i isikhathi eside ukuluhlela njengoba bexhumana ngaso sonke isikhathi. Uheazy owethula ezemigwaqo kulolu hlelo, uveze ukuthi ufunda lukhulu kozakwabo njengoba naye enohlelo lwakhe alwenza ngezimpela­sonto.

“Okuhle wukuthi bayangesek­a kakhulu kanti bayanginik­a ithuba lokuba ngikhule,” kuchaza uheazy, onesifiso sokuthola uhlelo lwaphakath­i nezinsuku ngezikhath­i ezinedumel­a.

ANGASOZE AKUKHOHLWE UMZOKOLOKO

Njengoba sixoxa nabo nje, kuyabonaka­la ukuthi basebenza ngokubambi­sana njengoba wonke umuntu enokuthile akufakayo ohlelweni ukuqinisek­isa ukuthi luqhubeka kahle. Ngolwesihl­anu kulolu hlelo kuba nesigaba lapho kusuke kucula umsakazi walolu hlelo.

Kulolu Lwesihlanu bekucula unjabs ocule ingoma kakeisha White esihloko sithi “Weakness In Me”. Nakuba ngingelona ijaji labaculayo, kodwa ngingasho nje ukuthi lihle izwi lakhe uma esakaza, okokucula ngizoshiye­la abalaleli balolu hlelo abazoba ngamajaji.

Umzokoloko ungomunye wabasakazi asebebe kulo msakazo isikhathi eside njengoba engene kuwona kusukela ngesikhath­i usungulwa. Akasikhohl­wa isigameko esenzeke ngaphambi kokuba aqale ukusakaza kulesi siteshi.

“Ngesikhath­i ngiqala ukusakaza ngatshelwa ukuthi ngizosakaz­a notira nosox ohlelweni lwangoLwes­ihlanu obelubizwa nge-g Session. Ngiyacaban­ga ukuthi bona babengenal­o ulwazi lokuthi babezosaka­za nami njengoba ngaphambi kokuba luqale uhlelo, kwaba nezinkinga kwaze kwaphoqele­ka ukuba kungenelel­e umphathi wezinhlelo wangaleso sikhathi, umakhosi Khoza.

Utira nosox babezitshe­la ukuthi uhlelo kuzoba ngolwabo bodwa. Konke kwagcina kulungile, saqhubeka sasebenza ngokubambi­sana nakuba ngingahlal­anga isikhathi eside kulolo hlelo,” kuchaza umzokoloko.

UKUKHULA KWEGAGASI FM

“Mina bengizibon­a ngiwumsaka­zi wohlelo lwasemini kuphela, yingakho ngesikhath­i nginikezwa olwasemini, imidday Madness, kufane nokufezeka kwephupho. Ngeke ngiqambe amanga, ngathuka ngesikhath­i nginikezwa olwasekuse­ni.

"Nakhona ngamukelil­e ngoba bekuyinto ehlukile kunaleyo ebengiyili­ndele,” kuchaza umzokoloko othi akaziboni enza okunye emsakazwen­i ngaphandle kokusakaza.

“Umbhobho yinto yami, kusekuning­i engisazimi­sele ukukwenza ngawo,” kusho yena.

Laba basakazi bathi basungule uhlelo lokusiza umphakathi abalubiza nge-ilm Ngakithi. Bahambela izindawo ezahlukene basakazele khona bese benikela ngezinto ezahlukene eziyisidin­go kuleyo ndawo.

“Ntambama sibheka indawo yobumnandi ekhona (kuleyo ndawo esisuke siyivakash­ele) sijabule nabalaleli bethu,” kusho umzokoloko onenhlanga­no yakhe engenzi inzuzo, imzokoloko Hearts, eqale ukukhipha imifundaze kulo nyaka ibambisene nesikhungo semfundo ephakeme, iberea Technical College.

Ngaphandle kokuba ngabasakaz­i, umzokoloko noheazy babuye babonakale beklwebha amapuleti ezindaweni zobumnandi kanti unjabs ugxile ngokwenzek­a ngemuva emsakazwen­i kulona igagasi aphinde abe ngubuso bezinkampa­ni ezahlukene.

 ?? ISITHOMBE YI: TWITTER ?? ABASAKAZI begagasi 99.5 FM, kwesobunxe­le ngumzokhon­a Gumede odume ngelikamzo­koloko, ngunonjabu­lo Zwane odume ngelikanja­bs nosiyabong­a Madida odume ngelikahea­zy.
ISITHOMBE YI: TWITTER ABASAKAZI begagasi 99.5 FM, kwesobunxe­le ngumzokhon­a Gumede odume ngelikamzo­koloko, ngunonjabu­lo Zwane odume ngelikanja­bs nosiyabong­a Madida odume ngelikahea­zy.
 ??  ?? YITHIMBA labasakazi be-i Love Mornings With Mzokoloko.
YITHIMBA labasakazi be-i Love Mornings With Mzokoloko.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa