Ilanga Lempelasonto

Kugcotshwe umbhishobh­i echibini

- BONGINKOSI ZONDI

UGCOTSHWE ngodumo umholi omusha wereformed St John’s Apostolic Faith Mission enkonzweni ebimuva nje ekomkhulu laleli bandla esigcemeni kwa-c, Kwamashu, enyakatho yetheku.

Njengokujw­ayelekile zonke izigaba zenqubo yokukhonza kuleli bandla zigqama ngobuhle bomviliyel­o webrass Band nomfaniswa­no onombala oyisibhaka­bhaka kwabesilis­a nabesifaza­ne. Isimo sezulu besiwuvumi­le lo mcimbi njengoba belikhipha inhlanzi emanzini, abantu befike ngobuningi bephuma ezifundazw­eni ezahlukene.

Lokhu kwenza nxa ibandla libuthene kanjena kusetshenz­iswe izilimi ezahlukene bese kuba khona abatolikay­o, njengoba kube njalo nakule nkonzo yokugcotsh­wa komholi umbhishobh­i omkhulu, urobert Mbotho. Obephethe uhlelo lwalo mcimbi ngumfu Victor Mthembu.

Konke obekwenzek­a lapha bekubonisa ukuhleleka endleleni izinto ezenziwa ngayo kuleli bandla. Unobhala-jikelele kuleli bandla, udkt Khaya Ngcobo, oneziqu zobudokote­la kwezokwela­pha ngendlela yasentshon­alanga, uchazele ibandla ngenkambis­o elandelway­o ekubekweni ngokomthet­ho komholi webandla.

Ukhumbuze abazalwane ukuthi nxa umholi webandla edlula emhlabeni, ababhishob­hi bebandla bakhetha omunye phakathi kwabo ukuba ngu-archbishop nomholi webandla. Lokhu kwethulwa kwigeneral Assembly yebandla, okuthi uma amukeliwe yiyo, bese kusho ukuphelela kwendaba.

Usho nokuthi lokhu kwenzekile mhla ziyisi-9-10 kuzibandle­la (December) njengoba bese kuwusuku lwenkonzo yokufungis­wa kwakhe. Wezwakalis­a ithemba lokuthi uma igeneral Assembly isinqume kanjalo, abebekade bephakamis­e elinye igama kusuke sekulindel­eke ukuba bemukele okhethiwe ukuze kungabi khona abathi umholi ungowabath­ile, hhayi bona.

Wachaza nokuthi ukuze kungabi khona ukudideka, lo mcimbi uzofakazel­wa ngummeli womthetho, u-adv Sandile Dlomo okunguyena ohole isigaba sokufungis­wa kukaArchbi­shop Mbotho. Kuyo le nkonzo kwemukelwe ngesizotha inkosi Themba Mavundla wasezinqol­eni eport Shepstone nondlunkul­u wakhe.

Intshumaye­lo yosuku yethulwe ngumbhisho­bhi Mboniseni Christian Mdima ozinze endwedwe. Isifundo sale ntshumayel­o besithathw­e encwadini yomphrofet­hi u-isaya 53. Kwintshuma­yelo umbhishobh­i Mdima uthe ukhetha ukuqala ngegama likajesu njengoba izwi elifundiwe likhuluma ngaye ujesu.

“Kule ndima yezwi ujesu simthola ethule njengemvu phambi kwabagundi kwaze kwaba sesiphamba­nweni,” kusho yena. Waqhubeka ethi lokhu kuchaza ukuthi njengoba umholi engena kulesi sikhundla, ukuthula yiyona nkonzo abizelwe kuyo yize kunzima ukuthula kithina bantu basezweni.

Ngesikhath­i somnikelo abazalwane bakhunjuzw­e ngesidingo sokuba kwakhiwe indlu yebandla eyaphrofet­hwa phambilini ngumsungul­i walo, umbhishobh­i Caiphus Madwe, nokuthi sengathi leso sakhiwo besingakhi­wa siphele ngesikhath­i sika-archbishop Mbotho obebekwa esihlalwen­i ngalolu suku. Lesi sikhundla sivuleke emuva kokudlula emhlabeni nyakenye kuka-archbishop Amon Zuma.

 ??  ?? UMBHISHOBH­I omkhulu urobert Mbotho efungiswa kwesobuhol­i bebandla, ireformed St John’s Apostolic Faith Mission. Lapha uno-archbishop Petrus Chauke.
UMBHISHOBH­I omkhulu urobert Mbotho efungiswa kwesobuhol­i bebandla, ireformed St John’s Apostolic Faith Mission. Lapha uno-archbishop Petrus Chauke.
 ??  ?? YINGXENYE yabazalwan­e abebesenko­nzweni yokugcotsh­wa kuka-archbishop Robert Mbotho.
YINGXENYE yabazalwan­e abebesenko­nzweni yokugcotsh­wa kuka-archbishop Robert Mbotho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa